Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 21

INGOMA 107 Isibonelo Saphezulu Sothando

Ungamthola Kanjani Umuntu Ongase Ushade Naye?

Ungamthola Kanjani Umuntu Ongase Ushade Naye?

“Ubani ongathola umfazi okhaliphile? Ubaluleke ukwedlula amakhorali.”IZAGA 31:10.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Izimiso zeBhayibheli ezikhuluma ngokuthi umuntu angamthola kanjani umuntu ofanelekayo angashada naye nokuthi abanye ebandleni bangabasekela kanjani abangashadile abangathanda ukushada.

1-2. (a) Yiziphi izinto amaKristu angashadile okufanele acabange ngazo ngaphambi kokuba aqale ukuthandana nothile? (b) Kusho ukuthini “ukuthandana nothile”? (Bheka “Incazelo Yamagama.”)

 UNGATHANDA yini ukushada? Nakuba injabulo ingancikile emshadweni, amaKristu amaningi angashadile, kungakhathaliseki ukuthi asemasha noma asemadala, ayakulangazelela ukuthola umuntu azoshada naye. Yiqiniso, ngaphambi kokuba uqale ukuthandana nothile, kufanele ube usukulungele ngokwezimali, ngokomoya nangokomzwelo ukushada. a (1 Kor. 7:36) Uma usukulungele, cishe uyoba namathuba amaningi okuba nomshado ojabulisayo.

2 Nokho, akulula ngaso sonke isikhathi ukuthola umuntu ofanelekayo ongashada naye. (IzAga 31:10) Ngisho nalapho umthola umuntu ongathanda ukumazi kangcono, kungase kungabi lula ukuthandana naye. b Kulesi sihloko, sizoxoxa ngalokho okungasiza amaKristu angashadile athole umuntu angase ashade naye futhi aqale ukuthandana naye. Sizofunda nangokuthi abanye ebandleni bangabasekela kanjani labo abafuna ukushada.

UKUTHOLA UMUNTU OFANELEKAYO

3. Yiziphi izinto umKristu ongashadile okufanele acabange ngazo lapho ebheka umuntu azoshada naye?

3 Uma ufisa ukushada, kuhle ukwazi ukuthi yiziphi izimfanelo ozithandayo kumuntu ongase ushade naye ngaphambi kokuba uqale ukuthandana nothile. c Uma kungenjalo, ungase uhluleke ukubona umuntu obungase ushade naye noma ungase uthandane nomuntu eningafanelene naye. Yiqiniso, noma ubani ocabanga ukushada naye kufanele abe umKristu obhapathiziwe. (1 Kor. 7:39) Kodwa akuyena wonke umuntu obhapathiziwe oyoba umngani wakho womshado ofanelekayo. Ngakho zibuze: ‘Iyini imigomo yami? Yiziphi izimfanelo engizibheka njengezibalulekile kumuntu engizoshada naye? Ingabe izinto engizilindele zinengqondo?’

4. Yiziphi izinto abanye abaye bazicela emithandazweni yabo?

4 Akungabazeki ukuthi ukuthandazele ukuthola umuntu ozoshada naye, uma kuwukuthi uyafuna ukushada. (Fil. 4:6) Yiqiniso, uJehova akathembisi muntu umngani womshado. Kodwa unendaba nezidingo zakho nemizwa yakho futhi angakusiza njengoba uzama ukuthola umuntu ozoshada naye. Ngakho qhubeka umtshela lokho okufisayo nendlela ozizwa ngayo. (IHu. 62:8) Thandazela ukuba nesineke nokuhlakanipha. (Jak. 1:5) UJohn, d umzalwane ongashadile wase-United States, uchaza izinto azifaka emithandazweni yakhe: “Ngitshela uJehova izimfanelo engifisa umuntu engizoshada naye abe nazo. Ngithandazela amathuba okuhlangana nomuntu engizoshada naye. Ngicela nokuba uJehova angisize ngibe nezimfanelo ezizongenza ngibe umyeni okahle.” UTanya, udade waseSri Lanka, uthi: “Njengoba ngibheka umuntu engingase ngishade naye, ngicela uJehova angisize ngihlale ngithembekile, nginombono omuhle futhi ngijabule.” Uma ungasheshi ukumthola umuntu ozoshada naye, uJehova uthembisa ukuthi uzoqhubeka ezinakekela izidingo zakho ezingokwenyama nezingokomzwelo.—IHu. 55:22.

5. Yimaphi amathuba amaKristu angashadile anawo okuhlangana namanye angashadile athanda uJehova? (1 Korinte 15:58) (Bheka nesithombe.)

5 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibe ‘nokuningi esingakwenza emsebenzini weNkosi.’ (Funda eyoku-1 Korinte 15:58.) Njengoba uqhubeka umatasa enkonzweni kaJehova futhi uchitha isikhathi nabafowethu nodadewethu abahlukahlukene, ngeke ugcine nje ngokujabulela ubudlelwane obakhayo, kodwa uyothola namathuba okuhlangana nabanye abangashadile njengawe abagxile ekukhonzeni uJehova. Njengoba wenza konke ongakwenza ukuze ujabulise uJehova, uyothola injabulo yangempela.

Uma uhlale umatasa emsebenzini kaJehova futhi uchitha isikhathi namaKristu ahlukahlukene, ungase uhlangane nabanye abakuthandayo ukushada (Bheka isigaba 5)


6. Yini amaKristu angashadile okufanele ayikhumbule njengoba ebheka umuntu azoshada naye?

6 Nokho, qaphela: Ungavumeli ukufuna umuntu ozoshada naye kube iyona nto ehamba phambili ekuphileni kwakho. (Fil. 1:10) Injabulo yangempela ayincikile ekutheni ushadile noma awushadile, kodwa incike ebuhlotsheni bakho noJehova. (Math. 5:3) Njengoba ungakashadi, ungase ube namathuba amaningana okwandisa inkonzo yakho. (1 Kor. 7:​32, 33) Sisebenzise kahle lesi sikhathi. UJessica, udade wase-United States owashada esezohlanganisa iminyaka engu-40, uthi, “Ngangihlale ngimatasa enkonzweni futhi lokho kwangisiza nganeliseka nakuba nganginesifiso sokushada.”

ZINIKE ISIKHATHI SOKUBHEKISISA

7. Kungani kuwukuhlakanipha ukufunda umuntu ocabangela ukushada naye engazi okwesikhathi esithile ngaphambi kokuba umtshele indlela ozizwa ngayo? (IzAga 13:16)

7 Kuthiwani uma ucabanga ukuthi othile angase abe umngani womshado okahle? Ingabe kufanele usheshe umtshele indlela ozizwa ngayo lowo muntu? IBhayibheli lithi umuntu ohlakaniphile uqongelela ulwazi ngaphambi kokuba athathe isinyathelo. (Funda izAga 13:16.) Ngakho kuwukuhlakanipha ukumfunda umuntu engazi okwesikhathi esithile ngaphambi kokuba umtshele indlela ozizwa ngayo. U-Aschwin waseNetherlands uthi: “Imizwa ingakhula ngokushesha, kodwa futhi ingaphela ngokushesha. Ngakho, ngokuzinika isikhathi sokumfunda umuntu, ngeke uthandane naye ngoba nje ulawulwa imizwa yesikhashana.” Ngaphezu kwalokho, njengoba umfunda lowo muntu ungase uqaphele ukuthi anifanelene.

8. Umuntu ongashadile angamfunda kanjani umuntu acabangela ukushada naye? (Bheka nesithombe.)

8 Ungamfunda kanjani umuntu engazi? Emihlanganweni yobuKristu noma emibuthwaneni yokuzijabulisa, ungase uqaphele izinto ezithile ngengokomoya lakhe, ubuntu bakhe nendlela aziphatha ngayo. Obani abangani bakhe futhi yini akhuluma ngayo? (Luka 6:45) Imigomo yakhe iyafana yini neyakho? Ungase ukhulume nabadala basebandleni akulo noma namanye amaKristu avuthiwe amazi kahle. (IzAga 20:18) Ungase ubuze ngedumela lakhe nangezimfanelo zakhe. (Ruthe 2:11) Njengoba umfunda lowo muntu, qiniseka ukuthi awumenzi azizwe engakhululekile. Hlonipha imizwa yakhe, ugweme ukuhlale ulandelana naye nokuzama ukuthola yonke into ngaye.

Ngaphambi kokuba utshele umuntu indlela ozizwa ngayo, mfunde okwesikhathi esithile (Bheka izigaba 7-8)


9. Ngaphambi kokuba utshele umuntu ocabangela ukushada naye indlela ozizwa ngayo, yini okufanele uqiniseke ngayo?

9 Kufanele umfunde isikhathi esingakanani umuntu ngaphambi kokuba umtshele indlela ozizwa ngayo? Uma ushesha ukukhuluma nomuntu kungase kubonakale sengathi uyaxhamazela. (IzAga 29:20) Ngakolunye uhlangothi, uma uthatha isikhathi eside kakhulu kungase kubonakale sengathi awuzazi ukuthi ufunani, ikakhulukazi uma lona omunye umuntu esebonile ukuthi ngathi uzidlisa satshanyana. (UmSh. 11:4) Khumbula, ngaphambi kokuba utshele umuntu indlela ozizwa ngayo, akudingeki ube nesiqinisekiso sokuthi uzomshada lowo muntu. Kodwa kufanele uqiniseke ngokuthi ukulungele ukushada nokuthi lo omunye umuntu angaba umngani womshado okufanele.

10. Yini okufanele uyenze uma ubona sengathi othile uyakuthanda kodwa wena ube ungazizwa ngendlela efanayo?

10 Kodwa kuthiwani uma ubona sengathi umuntu othile uyakuthanda? Uma wena ungazizwa ngendlela efanayo, kwenze kucace ngezenzo zakho. Kungase kungabonisi umusa ukwenza othile acabange ukuthi ningase nithandane kodwa empeleni kube kungenjalo.—1 Kor. 10:24; Efe. 4:25.

11. Emazweni lapho ukuthandana nothile noma umshado uhlelwa abanye, yini okufanele bayikhumbule labo abawuhlelayo?

11 Kwamanye amazwe, abazali noma abanye abantu abadala kungase kulindeleke ukuba bakhethele isihlobo esingashadile umuntu esizoshada naye. Kwamanye amazwe, umndeni noma abangani batholela umuntu ongashadile umuntu angase ashade naye bese behlela ukuba indoda nowesifazane bahlangane ukuze babone ukuthi bayafanelana yini. Uma ucelwe ukuba uhlanganise abantu abazothandana noma abazoshada, cabanga ngokuthi yini bobabili abayithandayo nabayidingayo. Uma ubona ukuthi othile angafanelana nomngani wakho noma nesihlobo sakho, thola konke ongakwazi ukukuthola ngobuntu bakhe, izimfanelo zakhe, ngaphezu kwakho konke, ngengokomoya lakhe. Ubuhlobo obuseduze noJehova bubaluleke kakhulu ukwedlula imali, imfundo noma indlela esibhekwa ngayo emphakathini. Nokho, khumbula ukuthi umzalwane ongashadile nodade ongashadile yibo okufanele banqume ukuthi bazoshada yini.—Gal. 6:5.

UKUTHANDANA NOTHILE

12. Uma ufisa ukuthandana nothile, ungamtshela kanjani?

12 Uma ungathanda ukuthandana nothile, ungamtshela kanjani indlela ozizwa ngayo? e Ungahlela ukuxoxa naye endaweni yomphakathi noma ngocingo. Zisho ngokucacile izinhloso zakho. (1 Kor. 14:9) Uma kudingeka, mnike isikhathi sokucabanga ukuthi uzophendula athini. (IzAga 15:28) Uma engathandi ukuthandana nawe, hlonipha indlela azizwa ngayo.

13. Yini ongayenza uma othile ekutshela ukuthi angathanda ukukwazi kangcono? (Kolose 4:6)

13 Kuthiwani uma umuntu ekutshela ukuthi angathanda ukukwazi kangcono? Cishe lowo muntu uqunge isibindi ukuze akhulume nawe, ngakho mbonise umusa nenhlonipho. (Funda eyabaseKolose 4:6.) Uma udinga isikhathi sokucabanga ukuthi uvume yini noma cha, mtshele. Nokho, zama ukusheshe umphendule. (IzAga 13:12) Uma ungazizwa ngendlela efanayo, mtshele ngomusa nangendlela ecacile. Phawula indlela uHans, umzalwane wase-Austria, aphendula ngayo ngesikhathi udade emtshela indlela azizwa ngayo: “Ngamtshela isinqumo sami ngendlela enomusa necacile. Ngasheshe ngamtshela ngoba ngangingafuni ukumnika ithemba elingekho. Ngenxa yaleso sizathu, ngemva kokuxoxa naye ngangiqikelela ukuthi yini engiyishoyo nengiyenzayo kuye.” Ngakolunye uhlangothi, uma ungathanda ukuthandana nalowo muntu, xoxa naye ngendlela ozizwa ngayo nangalokho okulindele uma senithandana. Izinto ozilindele zingase zehluke kwezomuntu oxoxa naye, kuye ngesiko lakho noma ezinye izinto.

ABANYE BANGAWASEKELA KANJANI AMAKRISTU ANGASHADILE?

14. Singawasekela kanjani amaKristu angashadile ngalokho esikushoyo?

14 Singawasekela kanjani amaKristu angashadile afuna ukushada? Enye indlela esingawasekela ngayo ukuqapha esikushoyo. (Efe. 4:29) Singase sizibuze: ‘Ngiyabagcona yini labo abafuna ukushada? Uma ngibona umzalwane ongashadile exoxa nodade ongashadile, ingabe ngivele ngiphethe ngokuthi bayafunana?’ (1 Thim. 5:13) Ngaphezu kwalokho, akufanele nanini senze amaKristu angashadile azizwe sengathi kukhona okushodayo ngenxa yokuthi awashadile. UHans, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Abanye abazalwane bathi, ‘Awushadi ngani? Usumdala manje.’ Amazwi anjalo enza abantu abangashadile bazizwe bengabalulekile futhi amane abacindezele nakakhulu ukuba bafune ukushada.” Kungcono nakakhulu ukucinga amathuba okuncoma amaKristu angashadile!—1 Thes. 5:11.

15. (a) Ngokwesimiso esitholakala kweyabaseRoma 15:​2, yini okufanele sicabange ngayo ngaphambi kokusiza umuntu athole umuntu azoshada naye? (Bheka nesithombe.) (b) Yimaphi amaphuzu owathandile kuvidiyo? (Bheka umbhalo waphansi.)

15 Kuthiwani uma sicabanga ukuthi umzalwane othile nodade othile bangafanelana? IBhayibheli lithi masicabangele imizwa yabanye. (Funda eyabaseRoma 15:2.) Abantu abaningi abangashadile abathandi ukufunelwa umuntu abazoshada naye futhi kufanele sikuhloniphe lokho. (2 Thes. 3:11) Abanye bangase bakujabulele ukusizwa, kodwa akufanele sibasize singacelwanga. f (IzAga 3:27) Abanye abangashadile abathandi ukusizwa ngendlela ezobadonsela amehlo. ULydia, udade ongashadile waseGermany, uthi: “Ungenza ukuba udade nomzalwane babe seqenjini elinabantu abaningi. Mane uvule ithuba lokuba umzalwane nodade bahlangane, okunye ukushiyele kubo.”

Umbuthano onabantu abaningi uvulela amaKristu angashadile ithuba lokuba ahlangane (Bheka isigaba 15)


16. Yini amaKristu angashadile okufanele ayikhumbule?

16 Sonke—abashadile nabangashadile—singaba nokuphila okujabulisayo nokwanelisayo! (IHu. 128:1) Ngakho uma ufuna ukushada kodwa ungakamtholi umuntu ozoshada naye, qhubeka ugxile ekukhonzeni uJehova. Udade waseMacao okuthiwa uSin Yi, uthi: “Sifushane kakhulu isikhathi ozosichitha ungashadile uma siqhathaniswa nesikhathi oyosichitha nomuntu oshade naye ePharadesi. Sijabulele lesi sikhathi futhi usisebenzise kahle.” Kodwa kuthiwani uma sewumtholile umuntu ongase ushade naye futhi seniqalile ukuthandana? Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngezinto ezingenza ukuthandana kwenu kube yimpumelelo.

INGOMA 137 Abesifazane Abathembekile, Odade AbangamaKristu

a Ukuze ubone ukuthi ukulungele yini ukushada, bheka isihloko esithi “Ezothando—Ingxenye 1: Ingabe Ngikulungele Ukuthandana Nothile?” ku-jw.org/zu.

b INCAZELO YAMAGAMA: Kulesi sihloko nakwesilandelayo, inkulumo ethi “ukuthandana nothile” ibhekisela esikhathini lapho owesilisa nowesifazane bazana khona kangcono ukuze babone ukuthi bangashada yini. Ukuthandana nothile kuqala lapho owesilisa nowesifazane bekwenza kucace ukuthi banemizwa yothando ngomunye nomunye futhi kuyaqhubeka kuze kube yilapho benquma ukushada noma ukuhlukana.

c Ukuze kube lula, ezigabeni ezilandelayo, uma sikhuluma ngomuntu obheka umuntu azoshada naye sizobhekisela kumzalwane. Yiqiniso, lezi zimiso zisebenza ngendlela efanayo nakodade.

d Amanye amagama ashintshiwe.

e Kwamanye amazwe, ngokuvamile ngumzalwane oshela udade. Nokho, kulungile nangodade ukuba atshele umzalwane indlela azizwa ngayo. (Ruthe 3:​1-13) Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Ngizizwa Kanjani Ngaye?” kuyi-Phaphama! kaNovemba 8, 2004.