Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 19

INGOMA 22 UMbuso Umisiwe—Mawuze!

Yini Esiyaziyo Ngezahlulelo ZikaJehova Zesikhathi Esizayo?

Yini Esiyaziyo Ngezahlulelo ZikaJehova Zesikhathi Esizayo?

“UJehova . . . akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa.”2 PET. 3:9.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Singaqiniseka ngokuthi izahlulelo zikaJehova zesikhathi esizayo ziyobe zilungile futhi zinobulungisa.

1. Kungani singathi siphila ezikhathini ezimangalisayo?

 SIPHILA ezikhathini ezimangalisayo! Usuku nosuku, sibona iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka. Ngokwesibonelo, sibona ‘inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu’ ilwela ukubusa umhlaba. (Dan. 11:40.) Sibona izindaba ezinhle zoMbuso kaNkululunkulu zishunyayelwa ngezinga elingakaze libonwe, izigidi zabantu ziyazamukela. (Isaya 60:22; Math. 24:14) Sithola nokudla okuningi okungokomoya “ngesikhathi esifanele.”—Math. 24:​45-47.

2. Yini esingaqiniseka ngayo, kodwa yini okumele siyivume?

2 UJehova uyaqhubeka esisiza ukuba siziqonde kakhudlwana izenzakalo ezibalulekile eziseduze. (IzAga 4:18; Dan. 2:28) Singaqiniseka ukuthi lapho kuqala usizi olukhulu, sizobe sesikwazi konke okudingeka sikwazi ukuze sikhuthazele ngokwethembeka futhi sihlale sinobunye phakathi naleso sikhathi esinzima. Nokho, kumele sivume ukuthi kunezinto esingazazi ngekusasa eliseduze. Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngokuthi kungani silungise esasikwazi ngezinye zalezo zenzakalo. Sizophinde sihlole ezinye zezinto esizaziyo ngekusasa nangendlela uBaba wethu osezulwini ayokwenza ngayo.

LOKHO ESINGAKWAZI

3. Yini esasiyisho mayelana nesikhathi uJehova ayovala ngaso ithuba lokuba abantu babonise ukholo kuye, futhi kungani safinyelela kuleso siphetho?

3 Esikhathini esidlule, sasithi lapho usizi olukhulu luqala kuyobe sekwephuzile ngabantu ukuba baqale ukukhonza uJehova, basinde e-Armagedoni. Safinyelela kuleso siphetho ngoba sasicabanga ukuthi ukulandisa okumayelana noZamcolo kwakufanekisela lokho okuzokwenzeka esikhathini sethu. Ngokwesibonelo, sasicabanga ukuthi njengoba uJehova avala umnyango womkhumbi ngaphambi kokuba kuqale uZamcolo, lapho kuqala usizi olukhulu ‘wayeyowuvala umnyango’ futhi kwakuyobe sekwephuzile ukuba abantu babe nokholo kuJehova futhi basinde.—Math. 24:​37-39.

4. Ingabe sisabheka indaba kaZamcolo njengefanekisela okuyokwenzeka esikhathini esizayo? Chaza.

4 Ingabe kufanele sibheke ukulandisa kukaZamcolo njengokufanekisela okuyokwenzeka esikhathini esizayo? Cha. Kungani? Yingoba iBhayibheli alisho. a Yiqiniso ukuthi uJesu wafanisa “izinsuku zikaNowa” nesikhathi ayephila kuso, kodwa wayengasho ukuthi uZamcolo wawufanekisela okwakuyokwenzeka esikhathini esizayo, wayengasho ukuthi isici ngasinye sasifanekisela okuyokwenzeka; akazange asho nokuthi ukuvalwa komnyango womkhumbi kwakufanekisela okuthile. Nokho, lokhu akusho ukuthi akukho esingakufunda endabeni kaNowa noZamcolo.

5. (a) Yini uNowa ayenza ngaphambi kokuba kufike uZamcolo? (Hebheru 11:7; 1 Petru 3:20) (b) Mayelana nomsebenzi wokushumayela, yikuphi ukufana okukhona osukwini lethu nasosukwini lukaNowa?

5 Lapho uNowa ezwa umyalezo kaJehova oyisixwayiso, wabonisa ukuthi unokholo ngokwakha umkhumbi. (Funda eyamaHebheru 11:7; 1 Petru 3:20.) Ngendlela efanayo, abantu abezwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kufanele bakusebenzise abakufundayo. (IzE. 3:​17-20) UPetru wabiza uNowa ngokuthi “umshumayeli wokulunga.” (2 Pet. 2:5) Nokho, njengoba sibonile esihlokweni esidlule, asazi noma uNowa wawuhlela yini umkhankaso wokushumayeza wonke umuntu owayephila emhlabeni ngaphambi kukaZamcolo. Namuhla sinengxenye esemsebenzini wokushumayela womhlaba wonke, senza konke esingakwenza ukuze lo msebenzi siwenze ngentshiseko. Noma kunjalo, akunakwenzeka ukuba sishumayeze wonke umuntu izindaba ezinhle emhlabeni ukuphela kungakafiki. Kungani kunjalo?

6-7. Kungani singaphetha ngokuthi ngeke sikwazi ukuxoxela wonke umuntu osemhlabeni izindaba ezinhle ngaphambi kokuba kufike ukuphela?

6 Cabanga ngalokho uJesu akusho mayelana nomsebenzi wethu wokushumayela. Wabikezela ukuthi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa “emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14) Leso siprofetho siyagcwaliseka namuhla kunanini ngaphambili. Umyalezo woMbuso utholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000, futhi ngenxa yewebusayithi yethu ethi-jw.org abantu abaningi emhlabeni bayakwazi ukuyisebenzisa.

7 Nokho, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi babengeke ‘baqede ukujikeleza amadolobha,’ noma ukushumayeza wonke umuntu ngaphambi kokuba afike. (Math. 10:23; 25:​31-33) Nasosukwini lwethu amazwi kaJesu ayiqiniso. Izigidi zabantu namuhla zihlala ezindaweni lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwe khona. Ngaphezu kwalokho, njalo ngomzuzu kuzalwa amakhulu ezingane. Senza konke esingakwenza ukuze sishumayele izindaba ezinhle kubantu ‘bazo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi.’ (IsAm. 14:6) Iqiniso liwukuthi ngeke sikwazi ukushumayela izindaba ezinhle kumuntu ngamunye emhlabeni ngaphambi kokuba ukuphela kufike.

8. Yimuphi umbuzo esingase siwubuze ngezahlulelo zikaJehova zekusasa? (Bheka nezithombe.)

8 Ngakho, singase sizibuze: Kuthiwani ngalabo abangase bangalitholi ithuba lokuzwa izindaba ezinhle ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu? UJehova neNdodana yakhe, ayimise ukuba yahlulele, bayobahlulela kanjani? (Joh. 5:​19, 22, 27; IzE. 17:31) UmBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko uthi uJehova “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa.” Kunalokho, ufuna “ukuba bonke baphenduke.” (2 Pet. 3:9; 1 Thim. 2:4) Sinalokho engqondweni, kumele sivume ukuthi uJehova akakasambuleli ukuthi yini azoyenza ukuze kuphenduleke lowo mbuzo. Yiqiniso, akabophekile ukuba asitshele lokho asekwenzile noma lokho asazokwenza.

UJehova uyobahlulela kanjani labo okungenzeka abalitholanga ithuba lokuzwa izindaba ezinhle ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu? (Bheka isigaba 8) c


9. Yini uJehova asambulele yona eBhayibhelini?

9 EZwini lakhe, uJehova usambulele ezinye izinto azozenza. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova uzobavusa abantu “abangalungile” abangazange bathole ithuba lokuzwa izindaba ezinhle bese beshintsha ukuphila kwabo. (IzE. 24:15; Luka 23:​42, 43) Lokho kuphakamisa eminye imibuzo ebalulekile.

10. Yimiphi eminye imibuzo ephakamayo?

10 Ingabe bonke abazoshona phakathi nosizi olukhulu bazobhujiswa phakade futhi ngeke baze bavuswe? ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi labo abaphikisa uJehova uyobabhubhisa nge-Armagedoni ekanye nebutho lakhe futhi ngeke bavuswe. (2 Thes. 1:​6-10) Ngokwesibonelo, kuthiwani ngalabo abangase bashone ngenxa yokuguga noma yokugula, ngenxa yezingozi noma ngenxa yokubulawa omunye umuntu? (UmSh. 9:11; Zak. 14:13) Kungenzeka yini ukuthi abanye babo baphakathi kwabantu “abangalungile” abayovuswa ezweni elisha? Asazi.

LOKHO ESIKWAZIYO

11. Yini eyonquma ukuthi umuntu uyokwahlulelwa kanjani nge-Armagedoni?

11 Ziningana izinto esizaziyo eziyokwenzeka esikhathini esizayo. Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi nge-Armagedoni abantu bayokwahlulelwa ngokwendlela ababaphathe ngayo abafowabo bakaKristu. (Math. 25:40) Labo abayokwahlulelwa njengezimvu bayobe bebonisile ukuthi bayabasekela abagcotshiwe noKristu. Siyazi nokuthi abanye kubafowabo bakaKristu bayobe besesemhlabeni ngemva kokuqala kosizi olukhulu, futhi ngeke bayiswe ezulwini kuze kube ngaphambi kokuqala kwe-Armagedoni. Uma nje abanye kubafowabo bakaKristu besesemhlabeni, kungenzeka ukuthi abantu abanezinhliziyo eziqotho bayoba nethuba lokubasekela, basekele nomsebenzi abawenzayo. (Math. 25:​31, 32; IsAm. 12:17) Kungani lawo maqiniso ebalulekile?

12-13. Yini abanye abangase bayenze ngemva kokubona ukubhujiswa ‘kweBhabhiloni Elikhulu’? (Bheka nezithombe.)

12 Ngisho nangemva kokuqala kosizi olukhulu, kungenzeka abanye abayobe bebona ukubhujiswa ‘kweBhabhiloni Elikhulu’ bayokhumbula ukuthi oFakazi bakaJehova bakhuluma ngalezi zinto kusengaphambili. Lapho abanye bebona kubhujiswa “iBhabhiloni Elikhulu,” kungenzeka yini babonise ukholo?—IsAm. 17:5; Hez. 33:33.

13 Uma lokho kwenzeka, kuyobe kufana nalokho okwenzeka eGibhithe ngosuku lukaMose. Khumbula ukuthi “iqembu elikhulu elixubile” lahamba nama-Israyeli lapho ehamba eGibhithe. Kungenzeka ukuthi abanye kulabo bantu baqala ukuba nokholo lapho bebona iZinhlupho Eziyishumi uMose axwayisa ngazo zenzeka. (Eks. 12:38) Uma kungenzeka okufanayo ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, ingabe kufanele sidumazeke lapho abantu bephenduka ngaphambi nje kokuba ukuphela kufike? Lutho neze! Sifuna ukulingisa ubuntu bukaBaba wethu osezulwini, “uNkulunkulu onesihe nozwela, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho neqiniso.” bEks. 34:6.

Abanye abayobona ukubhujiswa ‘kweBhabhiloni Elikhulu’ bayokhumbula ukuthi oFakazi BakaJehova bakhuluma ngalezi zinto kusengaphambili (Bheka izigaba 12-13) d


14-15. Ukuthi umuntu uzophila yini phakade, ingabe kuncike ekutheni ushona nini noma uhlala kuphi? Chaza. (IHubo 33:​4, 5)

14 Ngezinye izikhathi sike sizwe umuntu ethi, “Kungaba ngcono uma isihlobo sami sishona ngaphambi kokuqala kosizi olukhulu ngoba kungenzeka sibe nethemba lovuko.” Lokhu ukusho ngezisusa ezinhle. Kodwa ukuthi umuntu uzophila yini phakade akuncikile ekutheni ushona nini. UJehova unguMahluleli ongenaphutha, izinqumo zakhe zihlale zilungile futhi zinobulungisa. (Funda iHubo 33:​4, 5.) Singaqiniseka ngokuthi “umaHluleli womhlaba wonke” uyokwenza okulungile.—Gen. 18:25.

15 Kunengqondo nokuphetha ngokuthi: Ukuthi umuntu uzophila yini phakade akuncikile ekutheni uhlala kuphi. Kuyinto engacabangeki ukuthi uJehova angahlulela izigidi zabantu ‘njengezimbuzi’ ngenxa nje yokuthi emazweni ezihlala kuwo azikaze zilithole ithuba lokushunyayezwa ngoMbuso. (Math. 25:46) UMahluleli olungile womhlaba wonke ubakhathalela kakhulu labo bantu ukwedlula indlela thina esibakhathalela ngayo. Asiyazi indlela uJehova ayohlela ngayo izinto eziyokwenzeka phakathi nosizi olukhulu. Mhlawumbe abanye kulabo bantu bayoba nethuba lokufunda ngoJehova, babe nokholo kuye futhi babe ngasohlangothini lukaJehova lapho ezingcwelisa phambi kwazo zonke izizwe.—Hez. 38:16.

Ngemva kokuqala kosizi olukhulu, . . . lapho abanye bebona kubhujiswa “iBhabhiloni Elikhulu,” kungenzeka yini babonise ukholo?

16. Yini esiyaziyo ngoJehova? (Bheka nesithombe.)

16 Ngenxa yokutadisha iBhayibheli, siyazi ukuthi abantu bayigugu kakhulu kuJehova. Wanikela ngokuphila kweNdodana yakhe ukuze sonke sibe nethuba lokuphila phakade. (Joh. 3:16) Sonke siyaluzwa uthando lukaJehova. (Isaya 49:15) Wazi igama lomuntu ngamunye. Empeleni, usazi kahle kakhulu kangangokuba uma kwenzeka sishona, angabuyisela ubuntu bethu njengoba bunjalo nazo zonke izinkumbulo ezisenza sibe abantu esiyibo! (Math. 10:​29-31) Ngempela, sinesizathu esihle sokuqiniseka ngokuthi uBaba wethu osezulwini onothando uyokwahlulela umuntu ngamunye ngendlela engenaphutha, enobulungisa nenesihe.—Jak. 2:13.

Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyokwahlulela umuntu ngamunye ngendlela engenaphutha, enobulungisa nenesihe (Bheka isigaba 16)


17. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Lokhu kulungiswa kwenza umsebenzi wethu wokushumayela uphuthume kakhulu kunanini ngaphambili. Kungani sisho kanjalo? Yini esikhuthaza ukuba siqhubeke sishumayela izindaba ezinhle ngaphandle kokuyekethisa? Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo.

INGOMA 76 Uzizwa Kanjani?

a Ukuze uthole incazelo yokuthi kungani kwenziwe lolu shintsho, bheka isihloko esithi “Lena ‘Indlela Oyamukelayo’” kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 15, 2015 kk. 3-8.

b Ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, zonke izinceku zikaJehova ziyovivinywa phakathi nokuhlasela kukaGogi wakwaMagogi. Noma ubani oyoba sohlangothini lwabantu bakaNkulunkulu ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu naye uyovivinywa.

c INCAZELO YEZITHOMBE: Izimo ezintathu ezibonisa ukuthi kungani singase singakwazi ukufinyelela wonke umuntu ngomsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke: (1) Owesifazane ohlala endaweni lapho inkolo ebusayo ikwenza kungaphephi ukushumayela, (2) indoda nomkayo abahlala lapho umbuso wezepolitiki wenza kungabi semthethweni futhi kube ingozi ukushumayela, (3) indoda ehlala endaweni eqhele kakhulu nokungelula ukuyifinyelela.

d INCAZELO YESITHOMBE: Owesifazane osemusha owayeka ukukhonza uJehova ukhumbula lokho akufunda ngokubhujiswa ‘kweBhabhiloni Elikhulu.’ Unquma ukubuyela kuJehova, abuyele nakubazali bakhe abangamaKristu. Uma lokho kwenzeka, sifuna ukulingisa isihe nozwela lukaBaba wethu osezulwini, sijabulele ukuthi isoni sibuyile.