Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 26

INGOMA 8 UJehova Uyisiphephelo Sethu

Yenza UJehova Abe Idwala Lakho

Yenza UJehova Abe Idwala Lakho

“Alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.”1 SAM. 2:2.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Funda ukuthi kungani uJehova efaniswa nedwala nokuthi singazilingisa kanjani izimfanelo zakhe ezinjengedwala.

1. NgokweHubo 18:​46, uDavide umfanisa nani uJehova?

 SIPHILA ezweni lapho izinkinga esingazilindele zingakuphazamisa—noma zikushintshe ngokuphelele—ukuphila kwethu. Siyabonga ngokuthi singancika kuJehova uNkulunkulu ukuze asisize! Esihlokweni esidlule, sikhunjuzwe ukuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo nokuthi uhlale ekulungele ukusisiza. Lapho esisekela, lokho kusiqinisekisa ngokuthi “uJehova uyaphila!” (Funda iHubo 18:46.) Nokho, ngokushesha nje ngemva kokusho lawo mazwi, uDavide wathi uNkulunkulu “iDwala lami.” Kungani ayefanisa uJehova, uNkulunkulu ophilayo, nento engaphili—idwala?

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani uJehova efaniswa nedwala nokuthi leyo ndlela achazwa ngayo isifundisani ngaye. Sizofunda nangokuthi singambheka kanjani njengeDwala lethu. Ekugcineni, sizoxoxa ngezindlela esingalingisa ngazo izimfanelo zikaJehova ezinjengedwala.

OKWENZA UJEHOVA AFANISWE NEDWALA

3. Ngokuvamile iBhayibheli lilisebenzisa kanjani igama elithi “idwala”? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

3 IBhayibheli lisebenzisa igama elithi “idwala” ukuze lisenze sibone izimfanelo uJehova anazo. Ngokuvamile eBhayibhelini, lapho izinceku zikaNkulunkulu zimdumisa ngenxa yezimfanelo zakhe ezinhle, zimbiza ngokuthi uyidwala. Incwadi yokuqala ebiza uJehova ngokuthi “iDwala” uDuteronomi 32:4. Emthandazweni wakhe, uHana wathi “alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.” (1 Sam. 2:2) UHabakuki wathi uJehova ‘uyiDwala lami.’ (Hab. 1:12) Umbhali weHubo 73 wathi uNkulunkulu “uyidwala lenhliziyo yami.” (IHu. 73:26) Ngisho noJehova wazifanisa nedwala. (Isaya 44:8) Ake sixoxe ngezimfanelo ezintathu ezenza uJehova afane nedwala, sifunde nokuthi singamenza kanjani abe ‘iDwala lethu.’Dut. 32:31.

Abantu bakaNkulunkulu babheka uJehova njengeDwala eliyisivikelo (Bheka isigaba 3)


4. UJehova uyisiphephelo ngamuphi umqondo? (IHubo 94:22)

4 UJehova uyisiphephelo. Njengoba idwala elikhulu lingaba indawo umuntu angacasha kuyo lapho kunesiphepho esikhulu, uJehova uyasivikela lapho sibhekene nezikhathi ezinzima. (Funda iHubo 94:22.) Uyasivikela, asiqinisekise nangokuthi noma yiziphi izinkinga esibhekene nazo manje ngeke zisilimaze unomphela. Usithembisa nokunye: Esikhathini esizayo uzosusa noma yini ephazamisa ukuthula nokulondeka kwethu.—Hez. 34:​25, 26.

5. UJehova angaba kanjani iSiphephelo sethu njengedwala?

5 Enye indlela esenza ngayo uJehova abe iSiphephelo sethu njengedwala ukuthandaza kuye. Lapho sithandaza, uJehova usinika “ukuthula kukaNkulunkulu” okuqapha izinhliziyo nezingqondo zethu. (Fil. 4:​6, 7) Cabanga ngalokho okwenzeka ku-Artem, umzalwane owayeboshelwe ukholo lwakhe. Umseshi owayenokhahlo wayemphenya ngemibuzo izikhathi eziningana, emcindezela futhi emhlambalaza. U-Artem wathi: “Ngangicindezeleka noma nini lapho umseshi engiphenya ngemibuzo. . . . Ngangithandaza njalo kuJehova. Ngamcela ukuba angisize ngihlale ngizolile, ngamcela nokuba angiphe ukuhlakanipha. Awasebenzanga kimi amaqhinga omseshi. . . . Ngosizo lukaJehova, kwakungathi ngicashe odongeni olwakhiwe ngamatshe.”

6. Kungani singathembela kuJehova ngaso sonke isikhathi? (Isaya 26:​3, 4)

6 UJehova uthembekile. Njengedwala elingenakunyakaziswa, uJehova uhlale ekhona ukuze asisize. Singamethemba ngoba “uyiDwala laphakade.” (Funda u-Isaya 26:​3, 4.) Uyohlale ekhona ukuze agcine izithembiso zakhe, alalele imithandazo yethu, asinike nosizo esiludingayo. Okunye okusenza sincike kuJehova ukuthi uqotho kulabo abamkhonzayo. (2 Sam. 22:26) Akasoze akukhohlwe lokho esikwenzayo futhi uyohlale esivuza.—Heb. 6:10; 11:6.

7. Yini ezokwenzeka lapho sithembela kuJehova? (Bheka nesithombe.)

7 Senza uJehova abe iDwala lethu lapho sithembela kuye ngokuphelele. Siyaqiniseka ukuthi siyozuza uma simlalela ngisho nangezikhathi ezinzima. (Isaya 48:​17, 18) Njengoba sibona indlela asisekela ngayo, siyomethemba nakakhulu. Siyobe sesikulungele ukubhekana novivinyo esingatakulwa uJehova kuphela kulo. Ngokuvamile lapho sibhekene nezimo okungekho muntu ongasisiza kuzo, siyaqaphela ukuthi singathembela njalo kuJehova. UVladimir wathi: “Isikhathi engasichitha ngivalelwe esitokisini sangenza ngazizwa ngisondelene nakakhulu noNkulunkulu. Ngafunda ukuthembela nakakhulu kuJehova ngoba ngangingedwa futhi akukho engangingakwenza ngesimo engangikuso.”

Senza uJehova abe iDwala lethu lapho sithembela kuye ngokuphelele (Bheka isigaba 7)


8. (a) Kungani singathi uJehova akashintshi? (b) Kusizuzisa kanjani ukuthi uNkulunkulu uyiDwala lethu? (IHubo 62:​6, 7)

8 UJehova akashintshi. Njengedwala elikhulu, uJehova uqinile futhi akashintshi. Ubuntu bakhe abushintshashintshi futhi injongo yakhe ayisoze yashintsha. (Mal. 3:6) Ngesikhathi u-Adamu no-Eva bevukela e-Edene, uJehova akazange akushintshe lokho ayekuhlosile ngabantu. Njengoba umphostoli uPawulu abhala, uJehova “akanakuziphika.” (2 Thim. 2:13) Lokhu kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani noma ukuthi abanye benzani, uJehova akasoze ashintshe ubuntu bakhe, injongo yakhe noma imithetho yakhe. Ngenxa yokuthi siyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu wethu akashintshi, singathembela kuye ukuba asisindise futhi asisize lapho sibhekane nezikhathi ezinzima.—Funda iHubo 62:​6, 7.

9. Ufundani kulokho okwenzeka kuTatyana?

9 Senza uJehova abe iDwala lethu ngokugxila ezimfanelweni zakhe nangokuhlale sikhumbula ukuthi iyini injongo yakhe ngomhlaba nangabantu. Ukwenza kanjalo kungasisiza sihlale sizolile lapho sikhuthazelela uvivinyo. (IHu. 16:8) Yilokho okwenziwa udade okuthiwa uTatyana, owayeboshelwe endlini ngenxa yokholo lwakhe. Wathi: “Ngangingenabani. Ekuqaleni kwakunzima kakhulu. Ngangihlale ngilusizi.” Nokho, lapho ebona ukuthi uvivinyo ayebhekene nalo lwaluhlobana kanjani noJehova nenjongo yakhe, wathola amandla wakwazi nokukhuthazela. Wathi: “Ukuqonda ukuthi kungani lokhu kwakwenzeka kwangisiza ngakhumbula ukuthi ngangikulezi zimo ngenxa yokuthi ngithanda uJehova. Lokho kwangisiza ngayeka ukucabanga ngami.”

10. UJehova angaba kanjani iDwala lethu manje?

10 Maduze, sizobhekana novivinyo oluzokwenza kudingeke sincike nakakhulu kuJehova kunangaphambili. Manje yisikhathi sokuba simethembe nakakhulu uJehova, siqiniseke ukuthi uzosinika noma yini esiyidingayo ukuze sikhuthazele ngokwethembeka. Singakwenza kanjani lokho? Funda izindaba eziseBhayibhelini nezindaba zoFakazi bangosuku lwethu. Qonda ukuthi uNkulunkulu wazibonisa kanjani izimfanelo zakhe ezinjengedwala ukuze asekele izinceku zakhe. Cabangisisa ngalezo zindaba. Ukwenza kanjalo kuzokusiza wenze uJehova abe iDwala lakho.

LINGISA IZIMFANELO ZIKAJEHOVA EZINJENGEDWALA

11. Kungani sifuna ukulingisa izimfanelo zikaJehova ezinjengedwala? (Bheka nebhokisi elithi “ Umgomo Wabazalwane Abasebasha.”)

11 Sibonile ukuthi yini eyenza uJehova afane nedwala. Manje ake sibone ukuthi singazilingisa kanjani izimfanelo zakhe ezinjengedwala. Uma sizilingisa, siyokulungela kangcono ukuqinisa abafowethu nodadewethu. Ngokwesibonelo, uJesu waqamba uSimoni ngokuthi uKhefase (okuhunyushwa ngokuthi “Petru”), okusho ukuthi “Iqhezu Ledwala.” (Joh. 1:42) Lokhu kubonisa ukuthi wayezoba umthombo wenduduzo futhi aqinise nabanye ebandleni. Abadala bebandla bachazwe “njengomthunzi wedwala elikhulu.” Lokhu kubonisa indlela abalivikela ngayo ibandla. (Isaya 32:2) Yiqiniso, ibandla liyazuza lapho bonke—abafowethu nodadewethu—belingisa izimfanelo zikaJehova ezinjengedwala.—Efe. 5:1.

12. Chaza izindlela esingaba ngazo isiphephelo kwabanye.

12 Yiba isiphephelo. Ngezinye izikhathi singakwazi ukuba isiphephelo ngokoqobo kubafowethu lapho kugadla izinhlekelele zemvelo, kunezinxushunxushu zomphakathi, noma kunezimpi. Njengoba izimo ziya ziba zimbi nakakhulu “ezinsukwini zokugcina,” akungabazeki ukuthi sizoba namathuba amaningi okusizana. (2 Thim. 3:1) Singaba nayisiphephelo kubafowethu nodadewethu ngokomzwelo nangokomoya. Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukubenza bazizwe bamukelekile eHholo LoMbuso, sikhuthaze umoya wothando ebandleni. Siphila ezweni elinonya, elingenalo uthando nelisenza sicindezeleke. Ngakho lapho abafowethu nodadewethu besemihlanganweni, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sibenze bazizwe bethandwa, beqabulekile futhi belondekile.

13. Abadala ngokukhethekile, bangaba kanjani isiphephelo kwabanye? (Bheka nesithombe.)

13 Abadala bangaba isiphephelo kulabo abakhuthazelela izivunguvungu ezingokoqobo noma ezingokomfanekiso ebandleni. Lapho kunezinhlekelele noma kudingeka usizo oluphuthumayo lwezempilo, abadala bahlela ngokushesha ukuba basize abafowethu nodadewethu. Baphinde babasize nangokomoya. Abafowethu nodadewethu bayozizwa bekhululekile ukukhuluma nomdala uma aziwa ngokuba nesineke, uzwela, nolalelayo uma ukhuluma naye. Izimfanelo ezinjalo zenza abanye bazizwe bethandwa; ngakho kuba lula ukuba basebenzise iziqondiso ezisekelwe eBhayibhelini umdala angase abanike zona.—1 Thes. 2:​7, 8, 11.

Lapho izivunguvungu ezingokoqobo nezingokomfanekiso zithinta labo abasebandleni, abadala baba isiphephelo (Bheka isigaba 13) a


14. Singabonisa kanjani ukuthi abanye bangathembela kithi?

14 Yiba umuntu okungathenjelwa kuye. Sifuna abanye bazi ukuthi bangathembela kithi, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima. (IzAga 17:17) Yini esingayenza ukuze saziwe njengabantu okungakwethenjelwa kubo? Ngaso sonke isikhathi senza konke esingakwenza ukuze silingise izimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu, ngokwesibonelo sigcina izithembiso zethu futhi sifike ngesikhathi. (Math. 5:37) Uma kunesidingo singasiza ngokoqobo. Ngaphezu kwalokho, siyaqikelela ukuthi sifeza izabelo zethu ngokweziqondiso esizinikeziwe.

15. Lizuza kanjani ibandla ngokuba nabadala elingathembela kubo?

15 Abadala okungathenjelwa kubo bazuzisa ibandla. Kanjani? Abamemezeli abazizwa bengenabani uma bekwazi ukuxhumana nabadala noma yinini, njengombonisi weqembu abakulo. Abamemezeli bazizwa bethandwa nalapho bazi ukuthi abadala bazimisele ukubasiza. Njengoba abadala besekela izeluleko zabo eBhayibhelini nasezincwadini zenceku ethembekile kunasemibonweni yabo, abafowethu nodadewethu bayabethemba. Abafowethu nodadewethu banesinye isizathu sokwethemba abadala abagcina izindaba eziyimfihlo nabakwenzayo lokho abathe bazokwenza.

16. Sizuza kanjani thina nabanye lapho singashintshashintshi?

16 Ungashintshashintshi. Singaba ithonya elihle kwabanye uma sigxila ekwenzeni okulungile futhi senza izinqumo ezisekelwe ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Njengoba ukholo lwethu nolwazi olunembile kukhula, siyoba qotho nakakhulu kuJehova nasemithethweni yakhe. Asikho manqikanqika, asinyakaziswa noma sithonywe kalula yizimfundiso zezwe nokucabanga kwezwe. (Efe. 4:14; Jak. 1:​6-8) Ukholo lwethu kuJehova nasezithembisweni zakhe kusigcina sizolile lapho sizwa izindaba ezimbi. (IHu. 112:​7, 8) Siyakwazi nokusiza labo okungenzeka babhekene novivinyo.—1 Thes. 3:​2, 3.

17. Yini esiza abadala babe ithonya elihle kwabanye?

17 Abadala kufanele balinganisele, bahluzeke engqondweni, bahleleke futhi bacabangele. La madoda asiza abanye ukuba bahlale bezolile futhi babe nokholo oluqinile kuJehova, aqinisa nebandla ‘ngokubambelela ngokuqinile ezwini elithembekile.’ (Thithu 1:9; 1 Thim. 3:​1-3) Ngesibonelo sabo nangokwalusa, abadala basiza abamemezeli ukuba babe khona njalo emihlanganweni, enkonzweni yasensimini, basenze njalo nesifundo somuntu siqu. Lapho abafowethu nodadewethu bebhekene nezinkinga ezibenza bacindezeleke, abadala benza lukhulu ngokubakhuthaza ukuba baqhubeke begxila kuJehova nasezinjongweni zakhe.

18. Kungani sifuna ukudumisa uJehova nokusondela nakakhulu kuye? (Bheka nebhokisi elithi “ Indlela Esingasondela Ngayo Nakakhulu KuJehova.”)

18 Ngemva kokucabanga ngezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo, singasho amazwi afana nalawo ashiwo iNkosi uDavide: “Makadunyiswe uJehova iDwala lami.” (IHu. 144:1) UJehova akasoze ahluleka ukuba uNkulunkulu esingathembela kuye. Kukho konke ukuphila kwethu, ngisho nalapho sesikhulile, sinesizathu sokuthi: “UyiDwala lami,” siqiniseka ngokuthi uzolokhu esisiza sihlale sisondelene naye.—IHu. 92:​14, 15.

INGOMA 150 Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

a INCAZELO YEZITHOMBE: Njengoba eseHholo LoMbuso, udade uzizwa ekhululekile ukuya kubadala.