Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 24

INGOMA 24 Wozani Entabeni KaJehova

Hlale Uyisimenywa SikaJehova Phakade!

Hlale Uyisimenywa SikaJehova Phakade!

“O Jehova, ngubani ongaba yisimenywa etendeni lakho?”IHU. 15:1.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizohlola ukuthi yini edingekayo ukuze siqhubeke sikujabulela ukuba abangani bakaJehova, sizohlola nokuthi ulindele ukuba sibaphathe kanjani abangani bakhe.

1. Ukuhlola iHubo 15:​1-5 kungasizuzisa kanjani?

 ESIHLOKWENI esidlule, sifunde ukuthi izinceku zikaJehova ezizinikezele zingaba izimenywa etendeni lakhe elingokomfanekiso ngokuthi zibe nobuhlobo obuseduze naye. Kodwa yini esingayenza ukuze sibe nobuhlobo obunjalo naye? IHubo 15 likhuluma ngalokho okufanele sikwenze. (Funda iHubo 15:​1-5.) Leli hubo likhuluma ngezinto ezingasisiza sisondele nakakhulu kuNkulunkulu.

2. Yini okungenzeka yenza umhubi uDavide wakhuluma ngetende likaJehova?

2 IHubo 15 liqala ngamazwi athi: “O Jehova, ngubani ongaba yisimenywa etendeni lakho? Ngubani ongahlala entabeni yakho engcwele?” (IHu. 15:1) Lapho umhubi uDavide ekhuluma ‘ngetende’ likaJehova, kungenzeka wayecabanga ngetabernakele elaliseGibheyoni okwesikhathi esithile. UDavide ukhuluma ‘nangentaba [kaNkulunkulu] engcwele,’ mhlawumbe ebhekisela eZiyoni eJerusalema. Lapho endaweni eyayiqhele ngamakhilomitha amaningana ukusuka eningizimu yeGibheyoni, uDavide wagxumeka itende elalizohlala umphongolo wesivumelwano kuze kube yilapho sekwakhiwe ithempeli.—2 Sam. 6:17.

3. Kungani sifuna ukuliqonda iHubo 15? (Bheka nesithombe.)

3 Yiqiniso, ama-Israyeli amaningi ayengavunyelwe ukukhonza etabernakele, ambalwa kakhulu ayengena ngaphakathi etendeni lapho kwakunomphongolo wesivumelwano khona. Kodwa zonke izinceku zikaJehova ezithembekile zingaba izimenywa etendeni lakhe elingokomfanekiso ngokuba zibe abangani bakhe futhi zihlale ziyibo. Yilokho sonke esikufunayo. IHubo 15 likhuluma ngezinye izimfanelo okudingeka sibe nazo futhi sizibonise ukuze sihlale singabangani bakaJehova.

Ama-Israyeli ayephila ngesikhathi sikaDavide ayengakubona ngeso lengqondo ukuthi kusho ukuthini ukuba isimenywa etendeni likaJehova (Bheka isigaba 3)


HAMBA NGOBUQOTHO, WENZE OKULUNGILE

4. Sazi kanjani ukuthi uJehova ulindele okungaphezu kokuba sibhapathizwe? (Isaya 48:1)

4 KumaHubo 15:​2, umngani kaNkulunkulu uchazwa njengomuntu “ohamba ngobuqotho, owenza okulungile.” Igama elithi “ohamba” nelithi “owenza” womabili abhekisela esenzweni esiqhubekayo. Kodwa singakwazi ngempela yini ‘ukuhamba ngobuqotho’? Yebo. Nakuba engekho umuntu ongenaso isono, uJehova uyosibheka njengabantu ‘abahamba ngobuqotho’ uma senza konke okusemandleni ukuze simlalele. Lapho sizinikezela kuNkulunkulu bese sibhapathizwa, lokho kumane kuyisiqalo sohambo lwethu noNkulunkulu. Phawula ukuthi ngezikhathi zeBhayibheli, ukuthi umuntu ungumIsrayeli kwakungamenzi afanelekele ukuba yisimenywa sikaJehova. Abanye babembiza, kodwa hhayi “ngeqiniso nangokulunga.” (Funda u-Isaya 48:1.) Ama-Israyeli aqotho kwakudingeka afunde ukuthi yini uJehova ayifunayo bese eyakwenza lokho. Ngendlela efanayo, nathi namuhla kudingeka senze okungaphezu kokubhapathizwa nokuzihlanganisa namaKristu esinawo ebandleni ukuze uNkulunkulu asamukele. Kumele siqhubeke ‘senza okulungile.’ Singakwenza kanjani lokho?

5. Kuhlanganisani ukulalela uJehova ezintweni zonke?

5 KuJehova, ‘ukuhamba ngobuqotho, nokwenza okulungile’ kusho okungaphezu kokuya njalo emihlanganweni yebandla. (1 Sam. 15:22) Kumele silwele ukulalela uNkulunkulu kukho konke esikwenzayo, ngisho nalapho singabonwa muntu. (IzAga 3:6; UmSh. 12:​13, 14) Kubalukile ukuba sizame ukulalela uJehova ngisho nasezintweni ezingase zibonakale zingabalulekile kangako. Ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi simthanda ngempela, okumenza asithande nakakhulu.—Joh. 14:23; 1 Joh. 5:3.

6. NgokweyamaHebheru 6:​10-12, yini ebaluleke ukwedlula izenzo zokwethembeka esazenza esikhathini esidlule?

6 UJehova ukwazisa kakhulu esimenzele kona esikhathini esidlule. Nokho, izenzo zokwethembeka zangesikhathi esidlule zizodwa azisenzi sikufanelekele ukuhlale siyizimenywa etendeni likaJehova. Lokhu kucaciswe kahle kweyamaHebheru 6:​10-12. (Yifunde.) UJehova akazikhohlwa izinto ezinhle esazenza esikhathini esidlule. Kodwa ufuna siqhubeke simkhonza ngenhliziyo yonke “kuze kube sekupheleni.” Siyoba abangani bakhe phakade “uma singakhathali.”—Gal. 6:9.

KHULUMA IQINISO ENHLIZIYWENI YAKHO

7. Kuhilelani ukukhuluma iqiniso ezinhliziyweni zethu?

7 Umuntu ofuna ukuba yisimenywa etendeni likaJehova kumele ‘akhulume iqiniso enhliziyweni yakhe.’ (IHu. 15:2) Lokhu kusho okungaphezu kokungawaqambi amanga. UJehova ufuna sithembeke kukho konke esikushoyo nesikwenzayo. (Heb. 13:18) Lokho kubalulekile, “ngoba uJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, kodwa uba umngani nabaqotho.”—IzAga 3:32.

8. Iyiphi indlela yokuziphatha okudingeka siyigweme?

8 Labo ‘abakhuluma iqiniso ezinhliziyweni zabo’ abenzi sengathi bayalalela uma bephambi kwabantu kuyilapho bephula imithetho kaNkulunkulu ekusithekeni. (Isaya 29:13) Bayakugwema ukuzenza lokho abangeyikho. Umuntu okhohlisayo angase aqale ukungabaza ukuhlakanipha kweminye yemithetho kaJehova. (Jak. 1:​5-8) Angase angamlaleli uJehova ezintweni acabanga ukuthi azibalulekile kangako. Uma engabhekani nemiphumela yokungalaleli kwakhe, lokho kungase kumenze ayiphule nakakhulu imithetho kaNkulunkulu futhi ukukhonza kwakhe uNkulunkulu kuyoba ubuzenzisi. (UmSh. 8:11) Nokho, thina sifuna ukuthembeka ezintweni zonke.

9. Yini esingayifunda kulokho okwenzeka lapho uJesu eqala ukuhlangana noNathanayeli? (Bheka nesithombe.)

9 Singafunda ngokubaluleka kokuba nenhliziyo eqotho kulokho okwenzeka kuJesu lapho eqala ukuhlangana noNathanayeli. Lapho uFiliphu eletha umngani wakhe uNathanayeli kuJesu, kwenzeka into emangalisayo. Nakuba ayengakaze ahlangane noNathanayeli, uJesu wathi: “Bheka, umIsrayeli weqiniso okungekho nkohliso kuye.” (Joh. 1:47) Yiqiniso ukuthi uJesu wayebheka abanye abafundi bakhe njengabathembekile, kodwa kuNathanayeli wabona ubuqotho obungavamile. UNathanayeli wayenesono njengathi. Kodwa wayengeyena umzenzisi, wayethembekile ezintweni zonke. UJesu wayekwazisa lakho futhi wamncoma uNathanayeli ngakho. Kungayilungelo ngempela uma uJesu engazizwa ngaleyo ndlela ngathi!

UFiliphu waletha uNathanayeli indoda okungekho nkohliso kuyo kuJesu. Kungashiwo okufanayo yini ngathi? (Bheka isigaba 9)


10. Kungani kufanele sigweme ukusisebenzisa kabi isipho sokukhuluma? (Jakobe 1:26)

10 Izinto eziningi ezibalwe kumaHubo 15 okumele sizenze zihlobene nendlela esiphatha ngayo abanye. IHubo 15:3 lithi umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akanyundeli ngolimi lwakhe, akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, akakhulumi kabi ngabangani bakhe.” Ukunyundela abanye kungabalimaza kakhulu futhi kungasenza singabe sisaba izimenywa etendeni likaJehova.—Funda uJakobe 1:26.

11. Kuyini ukunyundela futhi bathathelwa siphi isinyathelo abanyundeli abangaphenduki?

11 Ngokukhethekile umhubi ukhuluma ngokunyundela. Kuyini ukunyundela? Ngokuvamile, kuyinkulumo engamanga engonakalisa idumela lomunye umuntu. Abanyundeli abangaphenduki bayasuswa ebandleni lobuKristu.—Jer. 17:10.

12-13. Yiziphi ezinye izimo lapho singazithola khona sesikhuluma kabi ngabangani bethu singaqondile? (Bheka nesithombe.)

12 IHubo 15:3 lisikhumbuza nokuthi izimenywa zikaJehova azenzi lutho olubi komakhelwane bazo futhi azikhulumi kabi ngabangani bazo. Kungahlanganisani lokho?

13 Singahlosile singase singcolise igama lomunye umuntu ngokuhambe sikhuluma izinto ezimbi ngaye. Ngokwesibonelo: (1) udade uyayeka ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele, (2) indoda nomkayo abasakhonzi eBethel, noma (3) umzalwane akaseyena umdala noma inceku ekhonzayo. Kungakuhle yini ukuqagela ukuthi kungani kwenzeke kanjalo bese sitshela abanye lokho esikucabangayo? Kungenzeka kunezizathu esingazazi ezibangele lolo shintsho. Ngaphezu kwalokho, umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, akakhulumi kabi ngabangani bakhe.”

Kulula ukusakaza izinto ezingezinhle ngabanye abantu, mhlawumbe size sigcine sesibanyundela (Bheka izigaba 12-13)


DUMISA LABO ABESABA UJEHOVA

14. Chaza ukuthi izimenywa zikaJehova zimala kanjani “noma ngubani onengekayo.”

14 IHubo 15:4 lithi umngani kaJehova wala “noma ngubani onengekayo.” Singakwenza kanjani lokho? Njengabantu abanesono, asikufanelekeli ukunquma ukuthi umuntu uyanengeka yini noma cha. Kungani? Ngokwemvelo singase sithande abanye abantu ngenxa yobuntu babo, abanye singabathandi kangako. Ngakho kufanele sale kuphela labo ‘abanengekayo’ kuJehova. (1 Kor. 5:11) Lokho kuhlanganisa labo abenza izinto ezimbi kodwa bangaphenduki, abangazihloniphi izinkolelo zethu noma abazama ukuqeda ubungani bethu noJehova.—IzAga 13:20.

15. Iyiphi enye indlela esidumisa ngayo “labo abesaba uJehova”?

15 IHubo 15:4 libe selisitshela ukuba sidumise “labo abesaba uJehova.” Ngakho sibheka izindlela esingababonisa ngazo umusa nenhlonipho abangani bakaJehova. (Roma 12:10) Kanjani? Enye indlela, esekelwe kumaHubo 15:​4, ukuthi umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akasephuli isithembiso sakhe, ngisho noma sizomlimaza.” Ukwephula izithembiso zethu kungabazwisa ubuhlungu ngempela abanye. (Math. 5:37) Ngokwesibonelo, uJehova ulindele ukuba izimenywa zakhe zigcine isifungo ezasenza ngesikhathi zishada. Uyajabula nalapho abazali benza konke abangakwenza ukuze bafeze izithembiso abazithembise izingane zabo. Uthando esinalo ngoNkulunkulu nangomakhelwane luzosenza senze konke esingakwenza ukuze sigcine izithembiso zethu.

16. Iyiphi enye indlela esidumisa ngayo abangani bakaJehova?

16 Enye indlela esidumisa ngayo abangani bakaNkulunkulu ukuba singenise izihambi futhi sibe nesandla esivulekile. (Roma 12:13) Ukuchitha isikhathi nabafowethu nodadewethu sizijabulisa kusisiza sisondelane nakakhulu nabo noJehova. Ngaphezu kwalokho lapho singenisa izihambi silingisa uJehova.

UNGAYITHANDI IMALI

17. Kungani kukhulunywa ngemali kumaHubo 15?

17 Sifunda ukuthi umuntu oyisimenywa sikaJehova “akabolekisi ngemali yakhe ukuze ibuye nenzalo, akasithathi isifumbathiso ukuze alahle omsulwa.” (IHu. 15:5) Kungani kukhulunywa ngemali kuleli hubo elifushane? Kungenxa yokuthi uma sithanda imali singalimaza abanye sonakalise nobungani bethu noNkulunkulu. (1 Thim. 6:10) Ngezikhathi zeBhayibheli, abanye babexhaphaza abafowabo abahluphekayo ngokubakhokhisa inzalo uma bebaboleke imali. Abanye abahluleli babethatha isifumbathiso bese bezahlulela ngokungenabulungisa izisulu ezingenacala. Izenzo ezinjalo ziyanengeka kuJehova.—Hez. 22:12.

18. Yimiphi imibuzo engasisiza sihlole indlela esibheka ngayo imali? (Hebheru 13:5)

18 Kuhle ngamunye wethu ahlole indlela ayibheka ngayo imali. Zibuze: ‘Ingabe ngihlale ngicabanga ngemali nangokuthi yini engingayithenga? Uma ngiboleke imali ngiyaphuza yini ukuyikhokha, ngiphethe ngokuthi umuntu ongibolekile akayidingi? Ingabe ukuba nemali kungenza ngizizwe ngibalulekile kodwa kwenze kube nzima ukuba nesandla esivulekile? Ingabe ngahlulela abafowethu nodadewethu ngokuthi bathanda izinto ngenxa nje yokuthi banemali? Ingabe ngilwela ukuba umngani nabantu abanemali kodwa ngingabanaki kangako labo abangenamali?’ Sithole ithuba elimangalisayo lokuba izimenywa zikaJehova. Singalivikela lelo lungelo ngokuthi singayithandi imali. Uma senza kanjalo, uJehova akasoze asishiya!—Funda eyamaHebheru 13:5.

UJEHOVA UYABATHANDA ABANGANI BAKHE

19. Yisiphi isizathu esiyinhloko salokho okufunwa uJehova?

19 IHubo 15 liphetha ngalesi sithembiso: “Noma ubani owenza lezi zinto akasoze antengantengiswa.” (IHu. 15:5) Lapha umhubi uchaza isizathu esiyinhloko salokho okufunwa uNkulunkulu. UJehova ufuna sijabule. Ngakho usinika iziqondiso ezizomenza asibusise futhi asivikele.—Isaya 48:17.

20. Yini izimenywa zikaJehova ezingabheka phambili kuyo?

20 Izimenywa zikaJehova zingabheka phambili ekusaseni elijabulisayo. Abagcotshiwe abathembekile bayohlala ‘ezindaweni zokuhlala eziningi’ uJesu abalungiselele zona ezulwini. (Joh. 14:2) Labo abanethemba lokuphila emhlabeni babheke phambili kulokho okuthenjiswe isAmbulo 21:3. Ngokuqinisekile, sonke sizizwa sinelungelo elikhulu ngokuthola isimemo sikaJehova sokuba abangani bakhe esibonisa uthando, ukuba izimenywa zakhe phakade etendeni lakhe!

INGOMA 39 Ukuzenzela Igama Elihle KuNkulunkulu