Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

“Uzokufa Ungakapheli Unyaka”

UZachaeus Martyn

“Uzokufa Ungakapheli Unyaka”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1880

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1942

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Waqala ukuphayona eneminyaka engu-72.

UZACHAEUS akazange afundelwe muntu iBhayibheli. Kodwa ngemva kokufunda incwadi ethi Salvation nethi The Harp of God, wazi ukuthi uthole iqiniso.

Ekuseni ngelinye iSonto ngo-1941, waya emhlanganweni wokuqala woFakazi owawuqhele ngamakhilomitha angu-8 futhi kwakumelwe ehle intaba. Engazi ukuthi umhlangano uzoqala nini, wafika kusasele isikhathi eside. Wahlala walinda abazalwane ukuba bafike. Ngemva kokuba eseze esifundweni amaSonto amathathu eHholo LoMbuso, watshela iSonto LaseSheshi lendawo ukuthi alimesule emalungwini esonto.

Umngane wakhe omkhulu, naye owayesonta, wamthethisa, ethi, “Mkhulu, uma uqhubeka nokwehla wenyuka le ntaba amakhilomitha angu-8 uya ehholo lalaba bantu, uzofa ungakapheli unyaka.” Kwaphela iminyaka emihlanu le ndoda ibuka uZachaeus ehla enyuka kule ntaba kabili ngesonto. Kungazelelwe iyona eyaqumbeka phansi yafa! Ngemva kweminyaka engu-25, uZachaeus wayesazizwa engumqemane.

UZachaeus wakhonza uJehova ngokwethembeka kwaze kwaba yilapho eshona eneminyaka engu-97.