Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Babefuna Ukuyibukela

Babefuna Ukuyibukela

NGO-1956, abazalwane baseFreetown babukisa ifilimu ethi The New World Society in Action. Babika:

“Siqashe ihholo elikhulu kunawo wonke eFreetown futhi sasakaza izimemo eziyinkulungwane. Besizibuza ukuthi kuzofika abantu abangaki. Sekusele imizuzu engu-30 ngaphambi kokuba ifilimu iqale, kwakusafike abantu abangu-25 nje kuphela. Ngemva kwemizuzu engu-15, kwafika abanye abayikhulu. Ngokushesha zonke izihlalo ezingu-500 zase zigcwele. Abanye abayikhulu bavuma ukuma. Abanye abangu-500 bama ngaphandle ngoba sekugcwele ngaphakathi. Ingabe babezovuma ukulinda bangene uma sekuphume abokuqala? Bathi: ‘Yebo.’ Ngempela balinda, nakuba lalina.

Njengoba iminyaka iqhubeka, abantu abangaphezu kuka-80 000 kulo lonke elaseSierra Leone baye bayibukela le filimu namanye amnandi.