Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Ngangiyingane Eyisosha Manje Ngiyiphayona Elivamile

Ngangiyingane Eyisosha Manje Ngiyiphayona Elivamile

NGANGINEMINYAKA engu-16 ngesikhathi amasosha amavukela-mbuso engiphoqa ukuba ngiwajoyine. Ayenginikeza izidakamizwa notshwala futhi kwakuthi lapho sengidakwe yizidakamizwa ngilwe. Ngalwa nabantu abaningi, ngenza nezenzo ezinyantisa igazi. Ngiyazisola kakhulu ngalokho.

Ngolunye usuku uFakazi osekhulile wayeshumayela endaweni esasihlala kuyo. Iningi labantu lalisesaba futhi lisizonda thina mavukela-mbuso, kodwa yena wayefuna ukusisiza ngokomoya. Lapho engimemela esifundweni, ngavuma. Angikukhumbuli okwakushiwo esifundweni, kodwa engikukhumbula kahle indlela efudumele engamukelwa ngayo.

Lapho impi isibambene phezulu, ngalahlekelana noFakazi. Ngaleso sikhathi ngalimala kakhulu, ngathunyelwa endaweni eyayiphethwe amavukela-mbuso ukuze ngiyolulamela khona. Ngaphambi kokuba impi iphele, ngabalekela endaweni eyayiphethwe uhulumeni, ngangena ohlelweni lokusiza abantu bayeke ukulwa, babeke phansi izikhali futhi baphinde bahlanganiswe nomphakathi.

Ngangilufuna ngempela usizo olungokomoya. Ngaya esontweni lamaPentecostal, kodwa amalungu esonto angibiza ngoSathane. Ngenxa yalokho, ngaqala ukubheka oFakazi BakaJehova. Ngemva kokubathola, ngaqala ukufundelwa nokuya emihlanganweni. Lapho ngibatshela ngezenzo zami ezimbi, abafowethu bangifundela amazwi kaJesu aduduzayo: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. . . . Ngizelé ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungileyo.”Math. 9:12, 13.

Aweve ayithinta inhliziyo yami lawo mazwi! Nganikeza umzalwane owayengifundela ummese wami, ngathi: “Lo  mmese bengiwugcinele ukuzivikela kwabafuna ukuziphindiselela. Kodwa manje njengoba sengazi ukuthi uJehova noJesu bayangithanda, angisawudingi.”

Abazalwane bangifundisa ukufunda nokubhala. Ngemva kwesikhathi ngabhapathizwa futhi ngaba iphayona elivamile. Namuhla, uma ngishumayeza abantu ababengamavukela-mbuso, bathi bayangihlonipha ngokulungisa ukuphila kwami. Ngaze ngafundela umkhuzi webutho engangikulo.

Ngesikhathi ngiyisosha, ngaba nezingane zabafana ezintathu. Ngemva kokufunda iqiniso, ngangifuna ukuzisiza ngokomoya. Okwangijabulisa ukuthi ezimbili zasabela kahle! Enye yamadodana ami ingummemezeli ongabhapathiziwe, endala iyiphayona elisizayo.