Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Saphunyuka Emasosheni Angamavukela-mbuso

U-Andrew Baun

Saphunyuka Emasosheni Angamavukela-mbuso
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1961

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1988

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeyiphayona elivamile ePen-dembu, eSifundazweni Sase-Mpumalanga, eSierra Leone, ngesikhathi ibambana ngo-1991.

NGENYE intambama amavukela-mbuso agasela edolobheni lakithi afike aqhumisa izulu lezandla kwaze kwaphela amahora amabili. Abanye kuwo babeyizingane ezazisindwa nayilezo zibhamu. Babengcole benuka phu, besho ngamadlodlombiya ezinwele, uma ubabuka wawungafunga uthi badle izidakamizwa.

Ngakusasa baqala ukubulala. Abantu babenqanyulwa izingalo noma imilenze ngesihluku noma babulawe. Omame babedlwengulwa. Izinto zazibheda kakhulu. UMfoweth’ u-Amara Babawo nomndeni wakhe nabantu abane ababefundelwa bacasha kwami. Sasesaba.

Kwafika umphathi wawo la mavukela-mbuso singazelele, wathi kufanele siqale ukuyoqeqeshelwa impi ngakusasa ekuseni. Sasizimisele ukungathathi hlangothi, nakuba lokho kwakungasho ukufa. Sathandaza ubusuku bonke. Savuka ekuseni safunda umBhalo wosuku, salinda amavukela-mbuso ukuba afike ezosilanda. Lutho ukufika.

“Nifunda umBhalo wosuku. Kumelwe ukuba ningoFakazi BakaJehova”

 Ngokuhamba kwesikhathi kwafika amavukela-mbuso amane ehamba nesikhulu sawo futhi ahlala ngenkani emzini wami. Athi singayi ndawo, ngakho saziqhubekela siba nemihlangano futhi sixoxa ngomBhalo wosuku ekhaya. Amanye amavukela-mbuso athi: “Nifunda umBhalo wosuku. Kumelwe ukuba ningoFakazi BakaJehova.” Ayengenandaba neBhayibheli kodwa ayesihlonipha.

Ngolunye usuku umphathi wamasosha wafika ezobheka la masosha ayehleli emzini wami. Washayela uMfoweth’ uBabawo indesheni wayesemxhawula. Ekhuluma namasosha akhe, wathi: “Le ndoda ingubasi wenu nowami. Nayithinta nje yona noma laba bantu enabo endlini, niyozisola. Siyezwana?” Aphendula: “Yebo mnumzane!” Lo mphathi wabe esesinika incwadi eyayazisa iRevolutionary United Front ukuba ingasithinti ngoba siyizakhamuzi ezinokuthula.

Ngemva kwezinyangana, amaqembu amavukela-mbuso aqala ukulwa wodwa, ngakho sabalekela eLiberia engumakhelwane. Silapho, sesatshiswa elinye iqembu lamavukela-mbuso. Salitshela: “SingoFakazi BakaJehova thina.” Elinye isosha lathi: “Uma kunjalo, uthini-ke uJohane 3:16?” Sathi singalicaphunela leli vesi, lasidedela sahamba.

Kamuva, sanqwamana nomunye umphathi wamavukela-mbuso owathi mina noMfoweth’ uBabawo asimphelezele. Sethuka kwabanda kwamancane. Wabe esesixoxela ukuthi wayefundelwa ngaphambi kokuqala kwempi. Wasinika imali, wathatha incwadi esasiyiphethe wayihambisa kubazalwane basebandleni eliseduze. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwafika abazalwane ababili bephethe izimpahla zokusisiza futhi basiyisa endaweni ephephile.