Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Indoda YeNqabayokulinda

UJames Koroma

Indoda YeNqabayokulinda
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1966

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1990

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wasebenza njengesithunywa ngesikhathi sempi yombango.

NGO-1997, ngesikhathi kulwa amavukela-mbuso namasosha kahulumeni eFreetown, ngavolontiyela ukuhambisa iposi lisuka eFreetown liya ehhovisi legatsha lesikhashana eConakry, eGuinea.

Lapho ngisesitobhini sebhasi edolobheni, ngagibela ibhasi neviyo lamadoda. Sasizwa izibhamu ziqhuma ziqhumile le kude, okwasenza sesaba kakhulu. Njengoba sihamba emigwaqweni yasedolobheni, sezwa ubuqhuqhuqhu bezibhamu busho la eduze kwethu. Umshayeli wabuyela emuva wathatha enye indlela. Ngemva nje kwalokho, samiswa amavukela-mbuso ayehlomile, asikhipha ebhasini. Ngemva kokusihloma imibuzo, asidlulisa. Kamuva, samiswa elinye iqembu lamasosha. Ngenxa yokuthi omunye wabagibeli wayazi umkhuzi wawo, nawo futhi asidlulisa. Emaphethelweni edolobha, sahlangana neqembu lesithathu lamavukela-mbuso, nalo elasihloma imibuzo kodwa lasidedela sadlula. Njengoba sikhuphuka  nendlela, sasidlula amanye amaqembu amasosha evimbe umgwaqo kwaze kwaba kusihlwa lapho ibhasi lethu eligcwele izintuli lifika eConakry.

Ohambweni olulandelayo ngangiphethe amabhokisi ezincwadi, izinto zasemahhovisi, imibiko yegatsha nezinto zokunikeza usizo. Ngangihamba ikakhulu ngemoto noma ngetekisi. Kodwa ngangibuye ngisebenzise amabhungu ayethwalela abantu imithwalo nezikebhe ukuze ngithwale izincwadi nginqamule nazo emahlathini futhi ngiwele nazo imifula.

Ngelinye ilanga ngangihamba ngetekisi ngiphethe izimpahla ngisuka eFreetown ngiya eConakry, amavukela-mbuso amisa itekisi emngceleni. Elinye lawo labona izimpahla zami, laqala ukungibuza ngendlela ebonisa ukuthi kukhona elikusolayo. Ngaso leso sikhathi ngabona insizwa engangifunda nayo esikoleni kulawo mavukela-mbuso. Amasosha ayeyibiza ngokuthi uRoughneck, futhi vele iyona eyayibukeka inolaka kunabo bonke. Ngatshela lo owayengibuza imibuzo ukuthi ngizobona uRoughneck, ngabe sengimmemeza. URoughneck wangikhumbula, wagijima weza kimi. Sangana sahleka. Wayeseshintsha ebusweni.

Wabuza: “Konke kuhamba kahle?”

Ngamtshela: “Ngifuna ukungena eGuinea.”

Khona manjalo watshela amasosha ukuba adlulise itekisi yethu ngaphandle kokuba iseshwe.

Kusukela ngalolo suku, noma nini lapho ngima kuleyo ndawo, uRoughneck wayetshela amasosha ukuba angidlulise. Nganginikeza amasosha omagazini bethu, ayewujabulela kakhulu. Ayesengibiza ngokuthi Indoda YeNqabayokulinda.