Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Okungcono Kunamadayimane

UTamba Josiah

Okungcono Kunamadayimane
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1948

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1972

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayesebenza ezimayini zedayimane ngaphambi kokuba athole iqiniso. Manje useyilungu leKomiti Yegatsha yaseSierra Leone.

NGO-1970 ngangisebenzela inkampani yezimayini eyayiphethwe amaNgisi eTongo Fields, indawo enothe ngamadayimane esenyakatho yeKenema. Ngangibuye ngizihlwayele amadayimane ngesikhathi sami sokuphumula. Lapho ngiwathola, ngangigqoka ngiconse ngiye eKenema ngiyowadayisa bese ngiyazijabulisa.

Ngo-1972, ngatholana noFakazi BakaJehova, ngaqala ukufundelwa. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu ngafanelekela ubhapathizo. Njengoba ngangingenazo izinsuku zokuba ngiyophumula, ngacela engangisebenza naye ukuba angibambele emsebenzini ukuze ngikwazi ukuya emhlanganweni wesigodi ngiyobhapathizwa. Wavuma, kodwa wathi kumelwe ngimnike umholo wesonto lonke. Ukubhapathizwa kwami kwakubaluleke ngaphezu kwemali, ngakho ngavumela phezulu. Lapho ngibuya emhlanganweni, wathi angiwugcine umholo wami ngoba ukukhonza uNkulunkulu kuyinto enhle. Ngemva kwezinyanga  eziyisithupha, ngashiya umsebenzi wami owawungiholela kahle ukuze ngiqongelele ingcebo ezulwini njengephayona elikhethekile.Math. 6:19, 20.

Ngakhonza njengephayona elikhethekile nombonisi wesifunda iminyaka engu-18 ezindaweni ezihlukahlukene zezwe. Phakathi naleso sikhathi ngashada uChristiana, inkosikazi eqotho newusizo, sabusiswa ngendodakazi yethu uLynette.

Ngake ngaphupha ngokuthola amadayimane angokoqobo, kodwa ngathola okungcono kakhulu kunawo—ingcebo engokomoya

Phakathi nempi yombango eSierra Leone, mina noChristiana saphayona eBo, nayo esendaweni enezimayini eziningi zedayimane. Kule ndawo sathola amadayimane amaningi angokomoya—abafundi abangamaKristu angempela. Eminyakeni emine nje, ibandla lethu landa ngamaphesenti angaphezu kuka-60. Manje kunamabandla amathathu akhulayo eBo.

Ngo-2002 ngamenywa ukuba ngibe ilungu leKomiti Yegatsha yaseSierra Leone. Mina noChristiana sihlala eduze kwaseBethel. Zonke izinsuku ngivuka ngiye emsebenzini, uChristiana yena uyiphayona elikhethekile. ULynette ukhonza eBethel, usebenza neqembu labahumushi besiKrio.

Ngake ngaphupha ngokuthola amadayimane angokoqobo, kodwa ngathola okungcono kakhulu kunawo—ingcebo engokomoya. Ngabuye ngavubukula amadayimane angokomoya angu-18, noma abafundi abangamaKristu eqiniso. Ngempela, uJehova ungibusise ngendlela engeke ngikwazi ukuyichaza.