Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 1)

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 1)

 “Jehova, Ngiyakubonga”

Njengoba izimo ziba ngcono, abafowethu nodadewethu babuyela emanxiweni abo. Amabandla ayehlakazekile phakathi nempi abuye asebenza kahle, ikakhulu lawo ayesempumalanga yeSierra Leone, indawo eyayikhahlanyezwe kakhulu yimpi. Amaphayona akhethekile akwenye indawo abika: “Emhlanganweni webandla wokuqala kwaba khona abantu abangu-16, baba ngu-36 kolandelayo, baba ngu-56 kolandela lowo, eSikhumbuzweni baba ngu-77. Sasijabule kakhulu!” Kwamiswa amabandla amasha angu-9, okwenza kwaba namabandla angu-24 esewonke. Kwafika izithunywa zevangeli ezintsha eziyishumi ezaphothula eGileyadi, okwafaka umfutho omkhulu emsebenzini wokushumayela. Ngo-2004, bangu-7 594 ababeseSikhumbuzweni—okuyinani eliliphinda izikhathi ezingaphezu kwezinhlanu elabamemezeli! Kwaba nokwanda okufanayo naseGuinea.

Ngokushesha iNdikimba Ebusayo yakhipha imali yokusiza bonke ababaleki ababuyayo. (Jak. 2:15, 16) Amaqembu amavolontiya angomahamba-nendlwana akha noma alungisa amaHholo oMbuso angu-12, abuye alungisa neHholo Lomhlangano eliseKoindu. Abuye akha nezindlu ezinhle ezingu-42 ezazakhiwe ngezitini zodaka ukuze kuhlale  imindeni emizi yayo yayibhidlikile. Omunye udade ongumfelokazi oneminyaka engaphezu kuka-70, wama eduze kwendlu yakhe entsha efulelwe ngothayela, wakhala izinyembezi zenjabulo, ememeza: “Jehova, ngiyakubonga! Jehova, ngiyakubonga! Bafowethu, ngiyanibonga!”

Ihhovisi legatsha laqala nokwakha amaHholo OMbuso ngemali ebekelwe eceleni ukusiza amazwe antulayo. USaidu Juanah, ongumdala nephayona eBandleni LaseBo West, uyalandisa: “Omunye udade wathi kimi: ‘Uma ngingezwa nje ukuthi sizokwakhelwa iHholo LoMbuso elisha, ngizoshaya izandla ngidanse.’ Lapho ngimemezela ukuthi sizokwakhelwa ihholo elisha, lo dade wagxuma esihlalweni sakhe, washaya izandla, wadansa!”

Ngo-2010, iBandla LaseWaterloo lanikezela iHholo lalo LoMbuso elisha elinwebekayo libe yiHholo Lomhlangano elithatha abantu abangu-800. Ngosuku ibandla elathenga ngalo umhlaba, umnikazi wawo wathola omunye umuntu owayefuna ukuthenga le ndawo ngemali enkudlwana kuneyethu. Kodwa wathi kuye: “Ngincamela ukuba kwakhiwe indlu yesonto endaweni yami kunokuba isetshenziselwe ezentengiselwano.”

Ngaphansi kohlelo lokusiza amazwe antulayo, kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-17 eSierra Leone nayisithupha eGiunea. Lezi zakhiwo zokukhulekela zezinga eliphansi kodwa ezihloniphekile ziye zadonsa abaningi ukuba beze emihlanganweni.

Ukuthola Izimvu ZikaJehova Ezilahlekile

Njengoba abaningi behlanganyela emsebenzini wokushumayela, ihhovisi legatsha lahlela ukuba kube nomkhankaso wezinyanga ezimbili wokushumayela ezindaweni ezingasetshenzwa njalo. Abamemezeli bahambisa izincwadi ezilinganiselwa ku-15 000 futhi bathola okuhlangenwe nakho okuningi okuhle. Abanye abantu babebuza ukuthi oFakazi BakaJehova bazowamisa yini amabandla kwelinye  lamadolobha aseduze. Ngenxa yalokho, kwamiswa amabandla amabili amasha. Kwenye indawo eqhelile, abafowethu bathola odade ababili ababeshiye imizi yabo ngenxa yempi futhi ababengasakwazi ukuxhumana nenhlangano. Ngokushesha abafowethu bahlela ukuba kube nemihlangano eqhutshwa njalo, baqala nezifundo zeBhayibheli eziningana kuyo le ndawo.

Ngo-2009, ihhovisi legatsha lezwa ngendawo esemajukujukwini ehlathi laseGuinea eyayinabantu abazibiza ngoFakazi BakaJehova. Lathumela abafowethu ukuba bayophenya, bathola ukuthi kunomzalwane owayesekhulile oweyebuyele kule ndawo yakubo ngemva kokuthatha umhlalaphansi. Wayefundele amadoda ambalwa ngaphambi ngokuba ashone. Enye kulawo madoda yaba nokholo kuJehova, yaqala ukuxoxa nabanye ngalolo lwazi lweBhayibheli. Yayiqhuba nemihlangano isebenzisa izincwadi zomzalwane owayesashona. Kwase kuphele iminyaka engu-20 laba bantu bekhonza uJehova ngaphambi kokuba ummemezeli abathole. Ngokushesha igatsha lathumela abafowethu ukuba bayobasiza leli qembu ngokomoya. Ngo-2012, kwaba nabantu abangu-172 ababethamele iSikhumbuzo sokufa kukaKristu kuleyo ndawo.

Muva nje, kuye kwatholakala inani elandayo ‘lezimvu ezilahlekile.’ Laba ngabantu abaye bakhukhuleka noma basuswa ebandleni. Abaningi abanjalo, abafana nendodana yolahleko, baye baguquka futhi babuyela eqinisweni. Abantu bakaJehova babamukele ngezandla ezifudumele.Luka 15:11-24.

AmaSulumane Aqotho Amukela Iqiniso

Lapho umphostoli uPawulu ehlanganyela izindaba ezinhle nabanye, waba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Kor. 9:22, 23) Ngokufanayo, izinceku zikaJehova eSierra Leone naseGiunea ziye zashintsha indlela eziqala ngayo izingxoxo nabantu ukuze zibakhange bonke.  Ngokwesibonelo, cabangela indlela abanye abamemezeli abaye babonisana ngayo namaSulumane angaphikisi, okuyiqembu lenkolo elikhulu kunawo wonke kuwo womabili la mazwe.

USaidu Juanah, owayeyiSulumane, uyachaza: “AmaSulumane akholelwa ukuthi u-Adamu wenziwa ngothuli kodwa waqale wahlala epharadesi lasezulwini. Ukuze ngibenze bathole umqondo ofanele, ngiye ngiwabuze, ‘Lutholakalaphi uthuli?’

“Aye aphendule: ‘Emhlabeni.’

“Ngiqhubeka ngithi: ‘Kush’ ukuthi u-Adamu wadalelwa kuphi?’

“Aye aphendule: ‘Emhlabeni.’

“Ukuze ngiwaholele ephuzwini, ngifunda uGenesise 1:27, 28 ngibe sengibuza, ‘Ingabe izidalwa eziphila ezulwini zinabo abantwana?’

“Ayaphendula: ‘Cha. Izingelosi azinabulili.’

“Ngibe sengithi: ‘Lapho uNkulunkulu etshela u-Adamu no-Eva ukuba babe nabantwana, kungenzeka ukuthi babekuphi?’

“Ayaphendula: ‘Emhlabeni.’

“Ngiye ngibuze: ‘Ngakho lapho uNkulunkulu esebuyisela iPharadesi, kumelwe libe kuphi lelo Pharadesi?’

“Ayaphendula: ‘Lapha emhlabeni.’ ”

USaidu uphetha ngalokhu: “Ukubonisana kanjalo namaSulumane ngemiBhalo kwenza amaningi alalele, amukele nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.”

Cabanga ngoMomoh, iSulumane elinesitolo elalinethemba lokuba uMholi wamaSulumane ngelinye ilanga. Lapho izithunywa zevangeli ezingoFakazi zibonisana naye ngemiBhalo, uMomoh waba nelukuluku. Wathamela ingxenye yesimiso somhlangano wesifunda futhi wakuthanda akuzwa. Ngemva kwezinsuku ezine, yena nomkakhe, uRamatu, kanye nezingane zabo ezinhlanu baba  khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. UMomoh waqala ukufunda iBhayibheli ngokuzimisela. Ngemva kwezifundo ezimbalwa, wayeka ukudayisa ugwayi. Watshela labo ababewuthenga ukuthi ugwayi uyingozi kubantu futhi uNkulunkulu akabafuni abawubhemayo. Waqala nokufunda nomkakhe nabantwana khona esitolo. Lapho abantu befika bezothenga phakathi nesifundo somkhaya, wayebacela ukuba bahlale phansi balinde, abachazele ukuthi lesi sifundo sibaluleke kakhulu emndenini wakhe. Lapho yena noRamatu bebhalisa umshado wabo ngokomthetho, imindeni yabo yabaphikisa kabuhlungu. UMomoh noRamatu abazange baphele amandla, bashumayeza izihlobo zabo ngesibindi, okwathi ngemva kwesikhathi zakuhlonipha ukuziphatha kwabo okuhle. UMomoh wabhapathizwa ngo-2008, uRamatu ngo-2011.

 Ukusekela Ubungcwele Begazi

Ngesibindi abantu bakaJehova basekela izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha, kuhlanganise nombono wakhe ngegazi. (IzE. 15:29) Ukuma kwabo kule ndaba kuye kwahlonishwa odokotela abaningana eSierra Leone naseGuinea.

Abafowethu baduduza udade esibhedlela

Ngo-1978, abafowethu basakaza incwajana ethi Jehovah’s Witnesses and the Question of Blood kodokotela, abahlengikazi, abaphathi bezibhedlela, abameli nabahluleli kulo lonke elaseSierra Leone. Ngokushesha ngemva kwalokho, udade owayenemihelo wophela ngaphakathi, kodwa odokotela benqaba ukumelapha ngaphandle kwegazi. Kepha udokotela oyedwa wavuma ukusiza ngenxa yokwaziswa okuwusizo ayekufunde encwajaneni ethi Blood. Udade wabeletha ingane yomfana ephile kahle futhi welulama.

Cishe ngo-1991, udokotela ohlinzayo eSibhedlela SaseKenema, uBashiru Koroma, wafunda incwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? Ehlatshwe umxhwele ekuqukethe, waqala ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni yobuKristu. Lapho umfana onguFakazi oneminyaka engu-9 elimala ubende engozini, odokotela bakhe benqaba ukumhlinza ngaphandle kwegazi. Bathi kubazali bakhe: “Thathani ingane yenu iyofela ekhaya!” Abazali baxhumana nodokotel’ uKoroma, owamhlinza ngokuphumelelayo umfana.

Udokotel’ uKoroma ngokushesha waba uMfoweth’ uKoroma–umsekeli oqinile wokuhlinza ngaphandle kwegazi. Abanye odokotela bamkhipha inyumbazana ngenxa yokuma kwakhe, noma kunjalo iziguli ayezihlinza zazelulama njalo nje. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye kozakwabo baqala ukucela usizo lwakhe lapho benza ukuhlinza okuyinkimbinkimbi.

Kusukela ngo-1994 uMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela egatsheni laseFreetown wamisa amaKomiti Okubonisana  Nezibhedlela eSierra Leone naseGuinea. La makomiti aye asekela ngothando oFakazi abaningi abagulayo futhi acela odokotela abaningi ukuba bamukele ukuma kwethu endabeni yegazi.