Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Ngayithanda ISierra Leone

UCindy McIntire

Ngayithanda ISierra Leone
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1960

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1974

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Kusukela ngo-1992 uyisithunywa sevangeli. Wakhonza eGuinea naseSenegal futhi manje ukhonza eSierra Leone.

NGESIKHATHI ngifika la kwangithatha amasonto amabili wonke ukuyithanda indawo yaseSierra Leone. Yayingimangaza indlela abantu ababehamba kahle ngayo bebe bethwele imithwalo esindayo emakhanda beyiyekelele. Kwakuphithizela kule ndawo. Izingane zazidlala, zidansa, zishaya izandla zibuye zigide njengoba kudlala umculo onesigqi. Yonk’ indawo kwakunabantu abagqoke izingubo ezimibalabala, abathanda umculo futhi abadansayo uma ukhala.

Engikujabulela kakhulu lapha ukushumayela. Abantu balapha bayakwazisa ukungenisa izihambi. Bayalihlonipha iBhayibheli futhi bayasilalela isigijimi. Bavame ukungingenisa emizini yabo. Uma sengihamba, abanye bayangiphelezela bangibeke laphaya ezansi nomgwaqo. Lezi zimfanelo ezibenza bathandeke ziyangisiza ngikwazi ukuphila nezimo ezingajabulisi, njengokuphelelwa ugesi namanzi.

Njengoba ngingashadile, abantu baye bangibuze ukuthi akwenzeki yini ngidliwe umzwangedwa. Kodwa njengoba nginokuningi kokukwenza, angisitholi isikhathi sokuba nomzwangedwa. Ukuphila kwami kunenjongo.