Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihloko sonyaka ka-2014

“Umbuso Wakho Mawuze.”Mathewu 6:10

Isihloko sonyaka ka-2014

Eminyakeni ecishe ibe yikhulu edlule, uJehova wamisa uJesu waba iNkosi emazulwini angabonakali. Kusukela ngaleso sikhathi, izinceku zikaNkulunkulu ziye zazimemezela ngentshiseko izibusiso ezizolethwa uMbuso kaKristu. Cabanga nje! Ngaphansi kokubusa kukaJesu kothando, umhlaba uyoba ipharadesi, ugcwale abantu abathandana ngempela. Buyobe bungasekho ubugebengu, kungasekho ukulwa, kungasekho ukugula, kungasekho ukuhlupheka kungasekho nokufa.

Maduze nje sizozibona lezo zibusiso. UMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo futhi uzofika ufeze konke uJehova akujongile. Thandazela ukuba ufike lo Mbuso, xoxela abanye ngawo futhi malibe igugu kuwe ithemba lakho konke ozokwenzela kona.