Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Bafowethu Nodadewethu Abathandekayo Esingabendlu Kanye Nabo:

Akuve kusijabulisa ukunibhalela ekuqaleni kwalo nyaka obalulekile! Ngasekupheleni kuka-2014, kuyobe sekuphele iminyaka eyikhulu yonke iNkosi yethu esiyithandayo uJesu Kristu yaqala ukubusa phakathi kwezitha zayo.IHu. 110:1, 2.

Ekuqaleni kwalo nyaka wenkonzo, emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, iNew World Bible Translation Committee yakhulula inguqulo ebukeziwe yeBhayibheli lesiNgisi esezingeni eliphakeme kakhulu emhlabeni. UJehova wasebenzisa amadodana akhe agcotshwe ngomoya ukuba enze le nguqulo. (Roma 8:15, 16) Leli qiniso lilodwa nje lenza le nguqulo ikhetheke, akunjalo?

Sekuyiminyaka eminingi manje iKomiti Yokubhala YeNdikimba Ebusayo yenza ukuhunyushwa  kweBhayibheli kuze kuqala. Namuhla, iNguqulo Yezwe Elisha itholakala iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingu-121. Sinikhuthaza ukuba nibonise uJehova indlela enilazisa ngayo leli Bhayibheli elisha. Lifundeni futhi nizindle ngalo nsuku zonke. Uma nenza kanjalo niyosondela kuMlobi walo, uJehova uNkulunkulu.Jak. 4:8.

Siyathinteka lapho sizwa ngovivinyo lwabafowethu nodadewethu. Kuyaqondakala ukuthi ngezinye izikhathi kungaba nzima ukuba bathokoze nabafowabo. Ngokwesibonelo, omunye umndeni e-Asia usanda kwehlelwa umshophi wokuba umama wekhaya akhubazeke umzimba wonke. Zayima emthumeni nakodokotela, bahluleka ukumsiza. Yeka isimo esidabukisayo! Umyeni wakhe umnakekela umzuzu nomzuzu. Indodana yabo namadodakazi amabili babeka isibonelo esihle njengamaKristu ngokunakekela abazali babo ngothando. Lo mndeni kanye nani nonke eniye nachusha ngempumelelo ovivinyweni oluhlukahlukene niyayithola intokozo ebangelwa ukukhuthazelela uvivinyo lokholo lwenu. (Jak. 1:2-4) UJehova uqinisekisa abagcotshiweyo bakhe nezinye izimvu ngokuthi siyojabula ngokuthi sikhuthazelele uvivinyo ngoba siyobusiswa ngesipho esiwukuphila okuphakade!Jak. 1:12.

Nyakenye bangu-19 241 252 ababa khona eSikhumbuzweni. Yeka indlela okukhuthaza ngayo ukubona abaningi kangaka bedumisa uJehova noJesu Kristu ngokuba khona emhlanganweni obaluleke kunayo yonke onyakeni kubantu bakaNkulunkulu! Ngenkathi yeSikhumbuzo, udumo olukhulu lwaya kuJehova njengoba izigidi zaba amaphayona asizayo ngo-March nango-April. Yeka isikhuthazo! Anijabulanga yini nalapho nizwa ukuthi abantu  abasuke bengamaphayona asizayo lapho kuhambele umbonisi wesifunda bangaba khona kuwo wonke umhlangano wamaphayona awuqhubayo, ngisho noma kungeyena u-March noma u-April? Abahlakaniphile ngokomoya bayakuqonda ukubaluleka kokuhlala bematasa emsebenzini wokushumayela nowasebandleni. Ukuba matasa kusisiza ukuba sihlale sigxilile singanyakaziswa, sibhuntshise imizamo kaSathane yokwenza buthaka ukholo lwethu neyokusichezukisa.1 Kor. 15:58.

Yeka indlela okusifaka ugqozi ngayo ukuphawula ukuthi ngonyaka wenkonzo odlule, abangu-277 344 babonakalisa ukuzinikezela kwabo ngobhapathizo lwamanzi futhi sikhuluma nje basendleleni eya ekuphileni bahambisana nabafowabo emhlabeni jikelele! (Math. 7: 13, 14) Badinga ukuba sibasekele ngoba basebasha ukuze ‘basimamiswe okholweni.’ (Kol. 2:7) Qhubekani nikhuthazana ukuze nikwazi ukukhuthazela kuze kube sekugcineni. (Math. 24:13) ‘Khulumani ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.’ (1 Thes. 5:14) Okokugcina, kwangathi ngamunye wethu ‘angathandaza angaphezi,’ athi “Umbuso wakho mawuze.”1 Thes. 5:17; Math. 6:10.

Sengathi ningakujabulela ukufunda le Ncwadi Yonyaka, futhi yazini ukuthi sithanda ngamunye wenu bathandi bakaJehova!

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova