Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

Amazwekazi AseMelika

Amazwekazi AseMelika
  • INANI LAMAZWE 57

  • INANI LABANTU 970 234 987

  • INANI LABAMEMEZELI 3 943 337

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 4 341 698

Babacela Ukuba Bazohlala Nabo

Umbhangqwana wezwe waseLas Vegas, eNevada, wawufuna ukuhlala endaweni enokuthula, ngakho wadayisa indlu yawo ukuze uyohlala eDominican Republic. Kepha kwadingeka uphume endlini kusasele izinsuku eziyishumi ngaphambi kwesikhathi owawuhlele ukuhamba ngaso. Ngenxa yokuthi wawungenayo indawo yokuhlala, omakhelwane bawo abangoFakazi BakaJehova bawucela ukuba uzohlala  nabo. Phakathi naleso sikhathi lo mbhangqwana waya esifundweni eHholo LoMbuso. Wamangala lapho uzwa kukhulunywa ngonyaka ka-1914, wabe usufuna ukwazi okwengeziwe. Wawazi ukuthi kwakuwunyaka obalulekile lona emlandweni. Lapho ufika eDominican Republic, wacela isifundo seBhayibheli kuFakazi wokuqala owafika emzini wawo. Ngemva kwezinyanga ezingu-14, wawusuzinikezele futhi wabhapathizwa.

Yathola Eyayikudinga

Abafowethu babeka itafula lezincwadi ngesikhathi kunoMbukiso Wezincwadi Wamazwe Ngamazwe ngo-2012 ePanama City, ePanama. Kweza amantombazane amabili esikole kuleli tafula. Enye yawo yatshela udade owayekuleli tafula ukuthi iphatheke kabi. Yathi uyise ungumlutha wezidakamizwa futhi ayazi ukuthi kumelwe yenzenjani. Udade wayibonisa isahluko 23 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, esithi: “Kuthiwani Uma Umzali Wami Engumlutha Wezidakamizwa Noma Wotshwala?” Intombazane yababaza: “Yilokhu kanye engikudingayo!” La mantombazane anga udade ayeseyahamba, abuye abuya ngemva kwehora ezobonga futhi. Phakathi nezinsuku ezinhlanu zalo mbukiso, abafowethu bahambisa izincwadi ezingu-1 046, omagazini abangu-1 116 nezincwajana ezingu-449. Abantu abangu-56 bashiya amakheli abo ukuze oFakazi babavakashele.

Washumayela Yedwa Iminyaka Emine

UFredy, okhuluma isiCabecar, uhlala eCosta Rica, endaweni esezintabeni kude nedolobha. Eminyakeni emine  edlule ngenkathi esebenza enhloko-dolobha iSan José, wathola incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ummemezeli owayemhambisele lezi zincwadi wathi akahambe ayoshumayeza ngazo abantu bangakubo, ngakho uFredy waphindela kubo. Wazifundela yedwa lezi zincwadi, wenza izinguquko ezinjengokubhalisa umshado wakhe ngokomthetho. Wabe esefundisa abantu abangamaCabecar iqiniso ngendlela ayengakwazi ukwenza ngayo.

UFredy wavula amakilasi ayezofundisela kuwo abantu ayebafundela. Wabahlela baba amaqembu ayisithupha, kuye ngokuthi benze kanjani lapho ebabhalisa izivivinyo zokuhlola ulwazi lwabo lweBhayibheli. Wahlela ukuba kube nemihlangano, waze waqhuba neSikhumbuzo, wazibhalela yena izimemo ezazithi: “OFakazi BakaJehova bayakumema ukuba ube khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu.” Kwaze kwaphela iminyaka emine enza konke lokhu ngaphandle kokuxhumana noFakazi! Phakathi naleso sikhathi wayethandaza kuJehova ukuba athumele oFakazi bazomsiza.

Muva nje umthandazo kaFredy uphenduliwe. OFakazi bathatha uhambo olunzima baya endaweni yakubo futhi bamangala lapho bebona konke ayesekufezile. Babika: “Nakuba uFredy engeyena uFakazi obhapathiziwe, uphila njengaye!” Ngemva kwezinyanga ezintathu, waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Ukuze uFredy abhapathizwe, kwadingeka ehle intaba aye emhlanganweni wesigodi okokuqala ngqa, ehamba nezifundo zakhe ezingu-19. Manje usehlele ukuba kube namanye amaqembu amathathu esiCabecar ezindaweni eziqhele ngisho nakakhulu.

ECosta Rica: UFredy, manje oseyiphayona elivamile, uhamba amabanga amade eyoqhuba izifundo zeBhayibheli

Wavikela Ukholo Lwakhe Esikoleni

Ngelinye ilanga u-Anna, ofunda esikoleni samabanga aphakeme e-United States, kwadingeka avikele ukholo  lwakhe ezinganeni eziningana afunda nazo ezazicasulwe ukuthi akakholelwa kuZiqu-zintathu. U-Anna uthi: “Zangihlanganyela, kodwa ngehlisa umoya ngoba ngingafuni ukuba ababukele babe nombono omubi ngoFakazi BakaJehova.” Ebusuku wathandaza ecela uJehova ukuba amuphe isibindi, wayesecwaninga ngemfundiso kaZiqu-zintathu. Ngakusasa weza neBhayibheli lakhe esikoleni. Afunda nabo bamngunga, abaningi behlekisa ngaye. Ngesibindi wavula imiBhalo eminingi wayeseyichaza. Inkukhu yanqunywa umlomo kwafunda nabo. Ubhongoza wabo owayeyinduna yekilasi wagcina esehlambuluka wathi useyabahlonipha oFakazi BakaJehova. Yena lo bhongoza wayebuza u-Anna imibuzo eminingi ngezinkolelo zakhe kwaze kwaphela unyaka.

Isicathulo Esagqashuka Ngesikhathi Esikahle

Intokazi yaseBarbados yayiya esontweni ngelinye iSonto ekuseni ngesikhathi igqashukelwa ibhande lesicathulo. Yaya emzini oseduze iyocela isipeletu ukuze ibambe  ibhande lesicathulo, kanti lo muzi okadade ohlala nendodakazi yakhe. Njengoba le ntokazi ilungisa ibhande lesicathulo, udade wayichazela indlela iziprofetho zeBhayibheli ezigcwaliseka ngayo. Indodakazi kadade yabe isicela le ntokazi ukuba iye nabo esifundweni eHholo LoMbuso ngalolo suku. Njengoba vele isikhathi sesonto sase sidlulile, yavuma. Njengoba umhlangano uqhubeka, yayivula yonke imiBhalo eBhayibhelini layo. Isimiso sayihlaba umxhwele kakhulu. Yathi isikhathele imisindo yezigubhu nokumemeza esontweni layo, yathi futhi yayilokhu ifisa ukufunda iBhayibheli layo endaweni ethule. Yathatha incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli yavuma nokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Sikhuluma nje iya kuyo yonke imihlangano yebandla ifike iphendule ngomdlandla.

Munye Kuphela Umuntu Ongamyekisa Ukushumayela

Umzalwane omncane waseGuyana uthi: “Ngiyathanda ukushumayeza izingane esikoleni, kodwa kunomfana ongafuni kuzwa ngokushumayela kwami. Ngolunye usuku wangidudulela odongeni wathi: ‘Awuyeke ukusishumayeza wena!’ Ngathi kuye, umuntu ongangiyekisa ukushumayela uJehova kuphela. Njengoba ngiqhubeka ngishumayela, lo mfana wadabula isikhwama sami sesikole, wangishaya ngenqindi wangidabula umlomo. Sabizelwa ehhovisi likathishanhloko, wangibuza ukuthi ngimenzeni mina lo mfana aze angishaye nje. Ngathi bengishumayela izindaba ezinhle, yena wayeselwa nami. Uthishanhloko wangibuza ukuthi angimshayanga ngani mina, waze wasikisela nokuthi bekufanele ngimshaye. Ngathi ngafunda eBhayibhelini kweyabaseRoma 12:17 ukuthi amaKristu kufanele ‘angabuyiseli muntu okubi ngokubi.’ Lapho ezwa lokho, uthishanhloko wathi angihambe, yena uzomqondisa lo mfana ongishayile.”

ECatamarca, e-Argentina