Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

EYurophu

EYurophu
  • INANI LAMAZWE 47

  • INANI LABANTU 741 892 871

  • INANI LABAMEMEZELI 1 601 915

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 862 555

“Ulahlekile Yini?”

ESweden owesifazane waseSomali wamenyelwa emhlanganweni eHholo LoMbuso, futhi waya. Izinto azihambanga kahle. Akukho muntu owambingelela; bonke bavele bambuka nje. Wazizwa enganakiwe. Othile owayebona ukuthi udidekile wambuza: “Ulahlekile yini?”

Waphendula: “Yebo, ngicabanga kanjalo!” Wabe esehamba. Kamuva lapho ebonana  noFakazi ababemmemile, wayethukuthele, wabatshela ukuthi ngeke aphinde aye eHholo. Bazibuza ukuthi engabe kwenzekeni ngoba babengazange bambone eHholo LoMbuso. Ngemva kokuxoxaxoxa, bathola ukuthi wayelahlekile waya esontweni elithile!

OFakazi bamkhuthaza ukuba aphinde azame ukuya eHholo LoMbuso. Wavuma, kodwa wathi ngeke ahlale isikhathi esingaphezu kwemizuzu eyishumi uma enganakwa. Lapho engena eHholo LoMbuso, bonke bamamukela ngemfudumalo! Wakujabulela kakhulu ukuba seHholo kangangokuthi uyena owagcina ukuhamba ngemva komhlangano. Kusukela ngaleso sikhathi  uba khona njalo emhlanganweni futhi manje usebhapathiziwe.

Wathola Isimemo Emgwaqweni

EGreece: UStergios uhlanganyela nabanye ingcebo ayithola

UStergios yinsizwa ehlala eGreece. Ngolunye usuku ekuseni ebuya emsebenzini, wahamba ngomunye umgwaqo, hhayi avame ukuhamba ngawo. Wabona okuthile phansi. Kwakuyisimemo seSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Sasinombuzo othi: “Umbheka kanjani uJesu?” Njengoba kwakukhona abantu abambukayo, wangabaza ukusicosha. Lapho efika ekhaya, wacabanga ngombuzo owawubhalwe kuso futhi waba nesifiso sokuthola okwengeziwe.

UStergios wayehlele ukuyophuza ikhofi nabangane bakhe ngaleyo ntambama. Lapho esendleleni eyohlangana nabo, wanquma ukuhamba ngomgwaqo ayebone kuwo isimemo, enethemba lokuthi uzosithola siselapho. Ngempela sasiselapho, kodwa nabantu babesekhona, ngakho waphinde wangabaza ukusicosha. Lapho esebuyela ekhaya, wahamba ngomgwaqo ofanayo—sasiselapho isimemo. Kulokhu, wasicosha wasifunda. Ngemva kwalokho, wanquma ukuya eSikhumbuzweni.

Ngemva kweSikhumbuzo, wavuma ukufundelwa iBhayibheli mahhala. Waqala ukuya emihlanganweni futhi wathuthuka ngokomoya. Wabhapathizwa emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa ngo-March 2013.

Uhlelo Lomsakazo Lwaqeda Ukucwaswa KoFakazi

Ngo-January 2010, uFinn, umzalwane waseCopen­hagen, eDenmark, wayezihambahambela ephethe  omagazini. Njengoba ehamba emgwaqweni omncane, wabona ikhehla liza ngakuye. Walihambisela omagazini bango-December 2009 ababenezihloko eziningana ezikhuluma ngoKhisimusi. Lapho liphendula, uFinn walikhumbula izwi lalo. Lalingumphathi oyisifundiswa wohlelo oluthile lomsakazo. Ngakusasa uFinn walalela uhlelo lwaleli khehla futhi wamangala kakhulu lapho ezwa lithi lalithathe omagazini ngayizolo. Labe selifunda izingxenye zalezi zihloko emoyeni. Phakathi kwezinto elazifunda, lafunda ngenkanyezi engaqondakali eyavela lapho kuzozalwa uJesu. Lavuma ukuthi kumelwe ukuba ngempela yayithunyelwe uSathane.

Ekhuthazwe yindlela ayesabele ngayo lo mphathi wohlelo lomsakazo, uFinn wanquma ukumvakashela. Phakathi nengxoxo, uFinn wabuza ukuthi kwakungenzeka yini ukuba afake uhlelo olukhuluma ngezihloko zeBhayibheli emsakazweni. Ngemva kwamasonto amabili wathola impendulo emvumelayo. Kwaba khona izinhlelo ezingaphezu kuka-30 ezithatha amahora amabili, zonke zikhuluma ngoFakazi BakaJehova neBhayibheli. Umphathi wohlelo noFinn baxoxa ngezihloko ezithile futhi baphendula imibuzo emininginingi evela kubalaleli.

Omunye umlaleli washayela esiteshini somsakazo washiya inombolo yakhe yocingo. Wayefuna ukuba abazalwane bamthinte. Bamthinta ngokushesha. Kwase kuyiminyaka eminingi lo mlisa ezwa abangane nomndeni behlambalaza oFakazi BakaJehova, kodwa ngenxa yalezi zinhlelo zomsakazo, ukucwasa kwakhe oFakazi kwase kuphelile. Waqala ukufundelwa iBhayibheli,  kwathi ngo-2013 lo mlisa waba khona eSikhumbuzweni nasenkulumweni ekhethekile. Uba khona kuyo yonke imihlangano yangeSonto futhi uphendula kahle naseSifundweni Se-Nqabayokulinda. Abanye abantu endaweni nabo baye basabela kahle eqinisweni ngenxa yababekuzwe ezinhlelweni zomsakazo.

Washiya Isimemo Emnyango Wabo

Kwakuwusuku lokugcina lomhlangano wesigodi e-Italy. Lapho uLucio evalelisa abangane bakhe, kwaqhamuka umbhangqwana weza kubo. Wawubuza ukuthi uvela kuliphi ibandla. Waphendula: “Ibandla?”

ULucio wawubuza: “Ukhona onimemile?”

Waphendula: “Cha, sizizele.”

ULucio wafuna ukwazi okwengeziwe wayesebuza: “Ngicela ukubuza, yini enenze neza?”

Wathi: “Sathola isimemo ngaphansi komnyango, sabe sesiza.”

Lapho bemtshela ukuthi bahlalaphi, u-Ester, umkaLucio, wababaza: “Yimina engashiya leso simemo! Kwakuwusuku lokugcina lomkhankaso, ngase ngicabanga ukuthi kunokuba ngizitshinge izimemo ezisele, kuzoba ngcono ngizishiye eminyango yabangekho ekhaya.” Lapho uthola isimemo emnyango, wanquma ukuya eHholo Lomhlangano uyothamela isimiso sangeSonto. Ngemva kwengxoxo emfushane, uLucio no-Ester bamemela lo mbhangqwana emzini wabo, base beqhubeka nengxoxo. Lo mbhangqwana othakazelayo wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Uhlale usilungiselele kahle isifundo sawo, uba khona emihlanganweni futhi uyahlanganyela kuyo.