Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

E-Oceania

E-Oceania
  • INANI LAMAZWE 29

  • INANI LABANTU 39 508 267

  • INANI LABAMEMEZELI 96 088

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 63 333

“Manje Sengiyezwa”

UFreda oyisithulu wajabula wafa lapho ezwa ukuthi yena nodade omfundelayo bazohlanganyela nebandla lokuqala lolimi lwezandla ePapua New Guin­ea. Leli bandla lamiswa ngo-March 1, 2013. UFreda waqaphela ukuthi ukuqonda kwakhe kuthuthuka kakhulu phakathi nemihlangano uma ezobekela eceleni izincwadi abese egxila esikhulumini esisebenzisa ulimi lwezandla  nasezinsiza-kufundiseni ezisendaweni yesikhulumi. Kwammangaza naye ukuthi uma enza kanje akabe esaba namahloni okuphendula futhi usephendula kaningi emihlanganweni. Ngo-April 2013, waba ummemezeli ongabhapathiziwe futhi uyaphumelela ekukhuthazeni ezinye izithulu ukuba zize naye emihlanganweni. Lapho ebuzwa ukuthi kungani ekhala njalo emhlanganweni, waphendula: “Yingoba manje sengiyezwa.”

Wangena Emotweni Okungeyona

Ngesikhathi uBarbara wase-Australia eya ensimini wamisa imoto yakhe eceleni komgwaqo ukuze abheke ukuthi uyiphethe yini incwadi abhala kuyo izimpindelo. Hawu, kungazelelwe kwagulukudela umama othile emotweni.

UBarbara wathi: “Uxolo, ngicabanga ukuthi ungene emotweni okungeyona.”

“Ngiyaxolisa,” kuphendula lo mama. “Bengicabanga ukuthi nguwe ozongilanda.” Lapho ebona omagazini baBarbara INqabayokulinda ne-Phaphama!, lo mama wathi: “Kunabesifazane ababili ababengifundisa iBhayibheli ababeye banginike lab’ omagazini.” UBarbara wamhambisela omagazini lo mama, kamuva waqala ukumfundela.

“Izincwadi Ezivela KuNkulunkulu”

ENew Zealand: UViolet uhlanganyela iqiniso nabantu abaningi ­ngokubhala izincwadi

UViolet ungudade onempilo ebuthaka, uneminyaka engu-82, uhlala eChrist-church, eNew Zealand. Uvame ukubhala izincwadi azithumele kanye nezincwadi zeBhayibheli emakhaya asebekhulile nasezikhungweni  zabagulela ukufa ngakubo. Abahlengikazi abasebenza kulezi zindawo abavame ukuhambisa lezi zincwadi ezigulini bathi esezikhulile zisuke sezizilindele ngabomvu lezi zincwadi ezizibiza ngokuthi izincwadi ezivela kuNkulunkulu. Ezinye ziyazifunda bese zishintshisana ngazo, ezinye zifundele lezo ezingaboni kahle. Abahlengikazi bathi iziguli ezifunda lezi zincwadi azinaxhala, zinethemba futhi zinokuthula kunalezo ezingazifundi. Mayelana nemizamo yakhe yokushumayela, uViolet  uthi: “Ngiyabona ukuthi uJehova usangisebenzisa ukuba ngisize abanye. Kuyakhuthaza ngempela ukuhlanganyela iqiniso nabanye ngale ndlela.”

Wafunda Ngezimbali

“Sengiyifundile leyo.” Le mpendulo yammangaza uBernie wasesiqhingini saseSaipan owayeshumayela ekuseni ngoMgqibelo lapho ethi uhambisa INqabayokulinda yamuva. Wazibuza ukuthi uBernadette, ongumfundi wasekolishi amthola endlini ayengene kuyo, uwufunde nini lo magazini. Wakhipha omunye umagazini esikhwameni. UBernadette wathi: “Nalowo sengiwufundile.” Edidekile, uBernie wabuza: “Ubafundephi lab’ omagazini? Ungomunye woFakazi BakaJehova ovakashele lapha?” UBernadette wathi cha akayena uFakazi, kodwa wayebafunde kuyi-Internet. Ngelinye ilanga ngesikhathi efuna ukwaziswa okuthile ngezimbali kuyi-Internet, uBernadette wabhala igama elithi ­“roses,” wabe esemangazwa yisihloko se-Phaphama! asibona engosini yoFakazi BakaJehova, esithi: “Izimbali Ezikhangayo Zase-Afrika.” Watshela uBernie ukuthi wayesijabulele kakhulu lesi sihloko kangangokuthi wafunda nezinye izihloko kuyo le ngosi. Waqale wafunda ngezitshalo nezilwane kodwa ngokushesha wathola izinto ezimnandi ngeBhayibheli. Ebona ukuthi uBernadette unesithakazelo, uBernie wacela ukumfundela, kamuva wabuya nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Lapho ebuya okwesithathu bafunda isahluko sokuqala. Ngemva konyaka, ngo-November 2012, uBernadette wabhapathizwa. Intuthuko yakhe yashesha kakhulu kangangokuba abangane bakhe baye bathi wangena egijima eqinisweni. Ngempela ingosi yethu yamenza wangena egijima.