Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Abakwasidlodlo Basiza Ekwehliseni Izitini

EKutaisi, idolobha lesibili ngobukhulu eRepublic of Georgia, kwase kuphele iminyaka engu-13 imihlangano emikhulu iqhutshelwa embonini yewayini engekho esimweni esihle. Izihlalo zazimbozwa ngoseyili ukuze izilaleli zingabi manzi. Manje abafowethu baneHholo LoMbuso Elisha elihle elivulekile abaqhubela kulo imihlangano emikhulu. Ngesikhathi lakhiwa, izisebenzi zokuzithandela ezingu-50 zazehlisa izitini elolini ngesikhathi kufika abakwasidlodlo bezobheka ukuthi kwenzekani. Bahlatshwa umxhwele yintokozo nenkuthalo yezisebenzi, futhi bazincoma base bezilekelela ekwehliseni  izitini. Bathi abazalwane bababize uma kukhona obahluphayo. Bathembisa nokuthi bayoba khona emhlanganweni wokuqala oyoba kuleli Hholo Lomhlangano elisha.

Wadayisa Ibhayisikili

UMalachi, umdala ohlala eBurundi, wayeziphilisa ngokulima nokufuya nangokuthutha izimpahla ngebhayisikili lakhe. Ukuze asekele ukwakhiwa kweHholo LoMbuso labo, wanquma ukuya esakhiweni zonke izinsuku. Wayedinga imali yokondla umndeni wakhe izinyanga ezimbili okwakwakhiwa ngazo iHholo. Ngakho wadayisa ibhayisikili lakhe, wanika umkakhe imali okuzophilwa ngayo ekhaya, esele wayifaka ebhokisini lomnikelo ukuze alekelele ngezindleko zokwakha. Ngenxa yemizamo yakhe, izisebenzi ezakha amaHholo OMbuso zamqeqesha kahle kakhulu. Lapho iHholo seliphothuliwe, uMalachi wathola umsebenzi wokwakha ngoba abantu bebona ukuthi unekhono elihle lokwakha. Useze wakwazi ukuzithengela elinye ibhayisikili.

Zashukumiseleka Ukuba Zisize

Ukwakha amaHholo OMbuso emaphandleni aseMalawi kuyinselele. Kulo nyaka wenkonzo odlule, elinye ihholo lakhiwa endaweni enemigwaqo emibi ngendlela exakile. Abafowethu bayisa izinto zokwakha esakhiweni ngamaveni amakhulu. Abafowethu bendawo bathi kunelikhulu isasasa ngalesi sakhiwo endaweni. Abaningi abangebona oFakazi bacela ukufaka isandla, basebenza kwaze kwahlwa bediliza isihlabathi, amatshe, amasaka kasimende nothayela emavenini. Empeleni, ngezinye izikhathi abantu bezwe babeba baningi ngaphezu koFakazi! Zihlatshwe umxhwele umzamo  woFakazi BakaJehova wokwakha izindawo zokukhulekela emaphandleni anjengawazo, izakhamuzi zendawo zashukumiseleka ukuba zisize.

Izingane Zadayisa Uswidi

Iphayona elikhethekile eCôte d’Ivoire lifundela umbhangqwana okhuluma isiBete, onezingane eziyishumi. Ngo-May 2013 kwakuzoba nomhlangano omkhulu wokuqala wesiBete edolobheni laseDaloa, futhi lo mkhaya wawufuna ukuya. Kepha imali yokuhamba yayingu-800 CFA (R16.00) umuntu ukuya nokubuya futhi ubaba wayengenayo imali yokubagibelisa bonke. Ngenxa yokuthi wayezimisele ukuba bahambe bonke, waqhamuka necebo. Wanika indodakazi endala u-300 CFA (R6.00) wathi ayidayise uswidi, nebala yawudayisa. Yathola inzuzo eyayenza yakwazi ukuzikhokhela imali yohambo. Ubaba wenza okufanayo nangezinye izingane—ngayinye wayinika u-300 CFA ukuze iqale ibhizinisana likaswidi kuze kube yilapho zonke sezinemali eyanele yokuhamba. Ekugcineni baya emhlanganweni. Abeve bakujabulela ukulalela isimiso ngolimi abaluncela!