Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Ukunikezelwa Kwamagatsha

Ukunikezelwa Kwamagatsha

Ngo-October 20, 2012, oFakazi BakaJehova eKorea bethaba lapho izakhiwo zegatsha labo ezintsha nezilungisiwe zinikezelwa kuJehova. Lesi senzakalo sasikhetheke kakhulu ngoba abazalwane babengabuka emuva eminyakeni eyikhulu benza inkonzo yokwethembeka. Ngaphezu kwalokho, ngo-2012 inani labamemezeli ladlula u-100 000 okokuqala ngqa. Izisebenzi zokuzithandela zalapha ezingaba ngu-1 200 nezisebenzi zakwamanye amazwe ezingaba ngu-239 zakha isakhiwo sokuhlala, esokunyathelisa, indawo okuqoshelwa kuyo negalaji. Ngaphezu kwalokho, iningi lezakhiwo ezazikhona zalungiswa.

UAnthony Morris, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo ekhuthazayo yokunikezela lezi zakhiwo  kubafowethu nodade abangu-3 037. Ngakusasa kwaba nomhlangano okhethekile ehholo elikhulu lemibukiso, futhi amabandla angaphezu kuka-1 300 eKorea awulalela nge-Internet. Kwakukhona oFakazi BakaJehova nabantu abathakazelayo abangu-115 782 kulesi simiso esingokomoya esimnandi.

Abakhulekeli bakaJehova eLiberia bayohlale bekhumbula u-March 9, 2013 njengosuku oluyingqopha-mlando. Izivakashi ezivela emazweni angu-11 zaba khona lapho kunikezelwa ihhovisi legatsha elilungisiwe futhi lanwetshwa. Bonke bayithokozela inkulumo yokulinikezela eyanikezwa uGuy Pierce, ilungu leNdikimba Ebusayo. Ngemva kweminyaka engaphezu kweshumi impi yombango ibambezele ukuhlelwa nokwakhiwa kwesakhiwo, leli gatsha lanwetshwa lahlanganisa nendawo eseceleni amavukela-mbuso ayecasha futhi akanise kuyo. Umkhaya waseBethel onamalungu angu-51 wakujabulela ukuba nesakhiwo sokuhlala esinamagumbi  angu-35, isakhiwo samahhovisi esilungisiwe, indawo entsha okugcinwa kuyo izincwadi ezizothunyelwa ngaphandle, ishabhu elisha, ikhishi elisha nendawo yokudlela entsha.

ERepublic YaseGeorgia kuhlala abantu abanothando nabathanda uNkulunkulu. Ngemva kokuhlukana kweSoviet Union, kwalandela inkathi emangalisayo yokwanda okungokomoya, ngemva kwayo kwaba ushushiso oluxakile. Seludambile manje ushushiso. NgoMgqibelo wango-April 6, 2013, kwaqopheka umlando eGeorgia ngesikhathi uDavid Splane weNdikimba Ebusayo ethula inkulumo yokunikezela igatsha elilungisiwe futhi lanwetshwa, iHholo Lomhlangano kanye nesakhiwo esizoba iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso neSikole Sababonisi Abajikelezayo Nomkabo. Abantu abangu-338 abavela emazweni angu-24 bahlanganyela noFakazi baseGeorgia abangaphezu kuka-800 kulesi simiso.

EGeorgia

Ngosuku olulandelayo bangu-15 200 abalalela inkulumo ekhethekile kaMfoweth’ uSplane eyayixhunywe emabandleni ngezingcingo nangama-video kulo lonke elaseGeorgia. Lesi senzakalo sathinta abaningi. Omunye umzalwane osemusha wathi: “Manje sengiyazi ukuthi liyoba njani izwe elisha.”

Ngo-June 29, 2013, kwanikezelwa isakhiwo esisha samahhovisi esiyizitezi ezintathu eBethel yaseYangon, eMyanmar. UGuy Pierce weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokunikezela lesi sakhiwo ezilalelini ezingu-1 013 ezazihlanganisa izivakashi ezivela emazweni angu-11. Abazalwane nodade baseMyanmar abababelwe ukuhlangabeza lezi zivakashi eSikhumulweni Sezindiza SaseYangon babona umlisa othile owayevela ezweni umsebenzi woFakazi BakaJehova ovinjelwe kulo. Wakhomba uphawu ababeluphethe oluthi “Siyanemukela  BoFakazi BakaJehova” wayesebuza: “Namukela ofakazi abeze ecaleni elithile yini enkantolo?” “Cha, samukela abafowethu,” kuphendula oFakazi. “Kanti ubani lo Jehova?” kubuza lo mlisa. Abafowethu nodade babe sebemshumayeza. Ngakusasa kwaba nomhlangano okhethekile eMyanmar Convention Center, lapho uMfoweth’ uPierce anikeza khona inkulumo enesihloko esithi “Khonza UJehova Ngenhliziyo Enokuqonda.” Lesi simiso sasixhunywe ngocingo nezinye izindawo eziyisithupha zaseMyanmar, okwenza ingqikithi yabangu-2 963 yakwazi ukuthola lokhu kwaziswa okwakufike ngesikhathi. Omunye wabashayeli bamabhasi ababehambisa abafowethu nodade kulo mhlangano okhethekile eYangon wathi: “Uyazi, ngiyaphawula ukuthi nina nihluke ngokuphelele kwezinye izinkolo. Niziphethe kahle, nigqoke kahle, ninomusa. Sekuyiminyaka eminingi ngihambisa abantu ngamabhasi, kodwa angikaze ngibabone abantu abahlonipheke kanje!”

EMyanmar: Abamemezeli bendawo bamukela izivakashi esimisweni sokunikezela igatsha

 Izinceku zikaJehova eziqotho eMoldova zazinesizathu esihle sokuthokoza ngoLwesithathu wango-July 3, 2013, ngesikhathi uStephen Lett weNdikimba Ebusayo enikeza inkulumo yokunikezela izakhiwo zegatsha ezazisanda kunwetshwa. Zihlanganisa isakhiwo esiyizitezi ezintathu esinedepho yezincwadi namagumbi okuhlala ayishumi, iHholo LoMbuso eliyisitezi elisetshenziswa amabandla angu-7. Umkhaya waseBethel onamalungu angu-33 wazemukela ngenjabulo izivakashi ezivela eJalimane, e-Ireland, eNetherlands, eRomania, eRussia, e-Ukraine nase-United States. Kwakukhona nabafowethu nodade abaningi ababekhonze uJehova ngokwethembeka umsebenzi usavinjelwe, abanye babo abasiza ekukopisheni nasekusakazeni izincwadi ngaleso sikhathi. Kwakukhona nabaningi ababedingiselwe eSiberia nabazali babo ngesikhathi semikhankaso eminingi yokulwa noFakazi BakaJehova ezweni elalikade liyiSoviet Union. NgeSonto, uMfoweth’ uLett wethula inkulumo evuthayo eyatolikelwa olimini lwaseRomania nolwaseRussia ezilalelini ezingu-14 705—okwakuwumbuthano omkhulu kunayo yonke yoFakazi BakaJehova eMoldova.

Qhubeka Uthandaza, Ungayeki

UJesu wagcizelela ukuthi kufanele ‘sithandaze singayeki.’ (Luka 18:1) Lapho uthandaza, uqinisa ithemba lakho. Ngakho, ‘thandaza ungaphezi,’ yebo ‘phikelela emthandazweni.’ (1 Thes. 5:17; Roma 12:12) Njengoba wenza kanjalo, ‘kwangathi uNkulunkulu wokuthula angakuhlomisa ngazo zonke izinto ezinhle ukuba wenze intando yakhe, enza kithi ngoJesu Kristu lokho okujabulisayo emehlweni akhe.’Heb. 13:20, 21.