Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso

UJosé Pérez

Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1960

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1982

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Lapho uJosé esengumfana, wadonswa uthando lwabazalwane wayesamukela iqiniso, nakuba ayengekho owayazi ulimi lwezandla ebandleni.

LAPHO ngisemncane, ngaba isithulu ngabe sengifunda ulimi lwezandla esikoleni sezithulu. Ngaqala ukuzwa iqiniso ngineminyaka engu-11 lapho umkhaya wangakithi ongoFakazi ungimemela emihlanganweni yebandla. Nakuba ngingaziqondanga izinkulumo, ngamukelwa ngokufudumele ngase nginquma ukuqhubeka ngiya emihlanganweni. Abantu abaningi ebandleni bangimemela ukuyodla nabo nokwenza ezinye izinto.

Ngo-1982 ngaba ummemezeli, kamuva ngalowo nyaka ngabhapathizwa. Ngo-1984 ngashada no-Eva, naye oyisithulu. Nakuba sasingawaqondi ngokugcwele amaqiniso eBhayibheli, sabona ngothando, oluwuphawu lwethu, ukuthi yinhlangano kaJehova le futhi sakujabulela ukuba kulelo bandla.—Joh. 13:35.

Ngo-1992 kwenziwa amalungiselelo okufundisa abazalwane nodade uLimi Lwezandla LwaseMelika. Ngokushesha laba bamemezeli baqala ukufuna abantu abayizithulu babashumayeza izindaba ezinhle. Kwathi ngo-1994 umsebenzi ensimini yolimi lwezandla wanda masinyane lapho umbhangqwana wasePuerto Rico umenyelwa egatsheni ukuba ufundise abazalwane nodade abangu-25 ulimi lwezandla.

Kamuva kuwo lowo nyaka, mina no-Eva saqala ukuhlanganyela neqembu lolimi lwezandla elalisanda kwakhiwa. Kwakungemva kokuhlanganyela imihlangano ngolimi lwezandla lapho saqala khona ukuziqonda kahle izimfundiso zeBhayibheli, ezinjengenselele uSathane ayibekela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke nendima yoMbuso KaMesiya enjongweni kaNkulunkulu.

Ngo-December 1, 1995, kwamiswa amabandla oLimi Lwezandla LwaseMelika eSanto Domingo naseSantiago. Ngo-August 2014, kwase kunamabandla olimi lwezandla angu-26 namaqembu angu-18.

Mina no-Eva safundisa izingane zethu ezintathu ulimi lwezandla njengolimi lwasekhaya. Indodana yethu yokuqala u-Éber, isiza egatsheni lase-United States ngokuhumushela olimini lwezandla. Ngiyinceku ekhonzayo ebandleni, u-Eva uyiphayona elivamile.