Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Umbiko Wezomthetho

Umbiko Wezomthetho

E-ARMENIA Kubekwa Isimiso Sokwenza Umsebenzi Ongahlobani Nempi Esihlonipha Ukungathathi-hlangothi KobuKristu

E-Armenia: Uhulumeni unikeza abanye babafowethu umsebenzi ohlukile ezindaweni ezikude kakhulu ngoba benqaba ukuya empini. Ngesikhathi belapho, bayaqhubeka beshumayela ngentshiseko

Ngo-2013 uhulumeni wase-Armenia wabeka isimiso sokwenza umsebenzi ongahlobani nempi, esivumela oFakazi BakaJehova e-Armenia ukuba bakhethe ukwenza omunye umsebenzi kunokuba bagqunywe ejele ngoba benqaba ngenxa kanembeza ukuya empini. Ngo-January 2014, igatsha labika ukuthi abazalwane abangu-71 baqala emisebenzini yabo ngaphansi kwaleli lungiselelo elisha. Ngokwesibonelo, abanye banikwa imisebenzi yasekhishini, abanye bengabasizi babahlengikazi. Abaqondisi baleli lungiselelo basho izinto ezinhle ngemikhuba yokusebenza nesimo sengqondo sabafowethu njengoba benza imisebenzi enzima abayabelwe. Kuyabajabulisa abafowethu ukuthi benzelwe amalungiselelo okwenza umsebenzi ongeke ubahlanganise nempi ukuze baqhubeke belondoloza unembeza wobuKristu ohlanzekile. * Omunye wabo wathi, “Siyambonga uJehova ngokuthola imisebenzi engahlangani nempi, esisiza silondoloze ukungathathi-hlangothi kwethu nesinika inkululeko yokumkhulekela.”

EDOMINICAN REPUBLIC Kuqashelwa Ngokomthetho Umshado Wokuqala Ongokwenkolo Obhaliswe OFakazi, Ongabhalisiwe ESontweni LamaKatolika

Ngo-1954, iDominican Republic yasayina isivumelwano neVatican sokuthi iSonto LamaKatolika yilona kuphela elizobhalisa imishado. Uma abashadayo bengeke bashadiswe iSonto LamaKatolika, umshado wawubhaliswa isisebenzi saseHhovisi Lezangaphakathi. Kepha ngo-2010, uhulumeni wakhipha umthetho-sisekelo omusha owawunikeza abameleli abafanelekayo bezinye izinkolo leli lungelo. Wahlela ukuba labo abafisa ukumiswa njengabameleli abangokomthetho baqeqeshwe. Ihhovisi legatsha laseDominican Republic lakhetha abadala abangu-30 ukuba bayoqeqeshwa, futhi kubantu abangaphezu kuka-2 000 ababebhalisele ukuqeqeshwa, bangu-32 kuphela abathola ilayisense yokubhalisa imishado. Abafowethu abangu-30 bayithola bonke ilayisense yokubhalisa imishado yoFakazi.

ENDIYA Bazimisele Ukushumayela Ngesibindi

USundeep noDeepalakshmi Muniswamy

Ngo-January 27, 2014, iKhomishane Yamalungelo Abantu YaseKarnataka yathi induna yamaphoyisa (Police Sub-Inspector [PSI]) yaseSiteshini Samaphoyisa Sase-Old Hubli eKarnataka yephule amalungelo kaMfoweth’ uSundeep Muniswamy ngoba ingazange imvikele ekuhlaselweni iviyo labantu ngomhla ka-28 ku-June, 2011. Le Khomishane iyibeke icala le nduna ngokwephula amalungelo omfowethu, yayala uhulumeni waseKarnataka ukuba uyijezise futhi yathi uMfoweth’ uMuniswamy akanikezwe isinxephezelo semali engama-rupee angu-20 000 (amaRandi angu-3 600). IKhomishane ithe uhulumeni akathathe le mali emholweni wale nduna.

UMfoweth’ uMuniswamy wathi yena nomkhaya wakhe bayambonga uJehova ngalesi sinqumo esibashiye bebambe ongezansi futhi bazimisele ukuqhubeka beshumayela izindaba ezinhle ngesibindi. Lesi sinqumo siluqinisile ukholo lwabafowethu nokuthembela kwabo emandleni kaJehova okuvikela abantu bakhe. Siphinde saba umyalezo onamandla wokuba iziphathimandla zivikele amalungelo oFakazi BakaJehova eKarnataka. Kusazoqulwa elinye icala ngokumelene noMfoweth’ uMuniswamy nomunye umzalwane, elihlobene naso kanye lesi sehlakalo.

EKYRGYZSTAN UMkhandlu Womthetho-sisekelo WeNkantolo Ephakeme Umelela Ilungelo Lokwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

U-November 19, 2013 waba usuku olubalulekile kulabo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. UMkhandlu Womthetho-sisekelo WeNkantolo Ephakeme wakhipha isinqumo emacaleni angu-11 oFakazi BakaJehova futhi wathi isimiso saseKyrgyzstan somsebenzi ongahlangene nempi asivumelani nomthetho-sisekelo. Leso simiso sasithi labo abenqaba ukuya empini kufanele baye ngokuqondile emahhovisi ebutho lempi bayokhokha imali yokusekela imisebenzi eyenziwa khona. Sasithi futhi kufanele bajoyine ibutho lezempi lapho bephothula imisebenzi abebeyabelwe. UMkhandlu Womthetho-sisekelo uphethe ngokuthi ukuphoqelela labo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza ukuba benze umsebenzi ohlukile ngaphansi kwale mibandela kuwukubephuca inkululeko engokwenkolo. Ngenxa yalokho, ezinyangeni ezimbalwa zokuqala zika-2014, iNkantolo Ephakeme YaseKyrgyzstan yathi akwenziwe ngokwesinqumo soMkhandlu Womthetho-sisekelo futhi yesula amacala oFakazi BakaJehova abangu-14 ababetholakale benecala ngaphansi komthetho wangaphambili. Lezi zinqumo ezivuna abafowethu ziyisiphetho somshuduliswano weminyaka engu-7 wokuthola inkululeko yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ukuzimisela kwalezi zinsizwa ezinokuthula kuphakamisa igama likaJehova nenkululeko yethu engokwenkolo eKyrgyz Republic.

EKyrgyzstan: OFakazi abamacala abo aqulwa enkantolo ephakeme yaseKyrgyzstan

ENIGERIA “UJehova Ungivuzile”

E-Abia State, eNigeria, oFakazi BakaJehova basongelwa njalo futhi bakhishwe inyumbazane ngoba benqaba ukujoyina izinhlangano zontanga *—okungamaqembu avame ukwenza izenzo zodlame namasiko okusebenzelana nemimoya. Ngelinye ilanga ekuseni ngo-November 2005, amalungu enhlangano yontanga e-Asaga Ohafia angena ngendlov’ iyangena endlini kaMfoweth’ u-Emmanuel Ogwo nomkakhe, ashaqa ngokungemthetho zonke izinto zabo zaba yinkokhelo ephoqelelwe yentela yokuba yilungu lale nhlangano. Okuwukuphela kwento eyasala izingubo ababezigqokile. Ngo-2006, umphakathi wamxosha uMfoweth’ u-Ogwo kule ndawo. Yena nomkakhe bathola indawo yokukhosela kwesinye isigodi, nezidingo zabo zanakekelwa. Nakuba uMfoweth’ u-Ogwo aphindela emzini wakhe ngonyaka olandelayo, wayelokhu ekhuthazelela ukucindezelwa kokuba ajoyine inhlangano yontanga futhi izicelo zakhe zokuba kubuyiswe impahla yakhe zashaywa indiva.

Ekugcineni, ngo-April 15, 2014, iNkantolo Ephakeme Yase-Abia State yakhipha isinqumo esivuna uMfoweth’ u-Ogwo, yasekela amalungelo akhe omthetho-sisekelo enkululeko yokuhlangana nabanye abantu neyokukhulekela. Sezibuyiselwe izimpahla zikaMfoweth’ u-Ogwo ezazebiwe, kanti oFakazi abasaphathwa kabi njengasekuqaleni futhi abafowethu e-Asaga Ohafia sebeshumayela ngenkululeko.

Ngesikhathi inkantolo ikhipha isinqumo, uMfoweth’ u-Ogwo wathi: “Angikwazi ukuchaza injabulo ebenginayo. Ngimbone ngokoqobo uJehova enqoba ekuqulweni kwaleli cala, ngizibonile nezingelosi zingasohlangothini lwami. UJehova ungivuzile.”

ERUSSIA Isinqumo Esivuna I-jw.org

Izinselele eziningi eziphathelene nezomthetho abafowethu ababhekene nazo eRussia “ziye zaphumela ekuqhubekeleni phambili kwezindaba ezinhle.” (Fil. 1:12) Ngisho noma ezinye iziphathimandla nabaholi benkolo bemelene ngokuqinile nokukhulekela kwethu, abafowethu eRussia balondoloza ubuqotho futhi uJehova uyayibusisa imizamo yabo.

Esinye isibonelo salokhu siwukunqoba ecaleni laseTver’. Ngo-2013, ihhovisi lomshushisi eTver’ lafaka isikhalazo enkantolo encane yokuba kuvalwe i-jw.org kulo lonke elaseRussia. Le nkantolo yavuma ukuba ivalwe le ngosi, bengatshelwanga lutho abameleli boFakazi BakaJehova ngalokhu. Lapho abafowethu bezwa ngalokhu bafaka isicelo sokuba liphinde liqulwe leli cala. Ngo-January 22, 2014, iNkantolo YeSifunda YaseTver’ yashintsha isinqumo senkantolo encane, abafowethu banqoba kuleli cala. Ngenxa kaJehova nemithandazo yabazalwane emhlabeni wonke, iningi labafowethu eRussia manje lingajabulela izinzuzo eziningi ezingokomoya ngokukwazi ukungena ku-jw.org.

ETURKEY Alokhu Eshaywa Indiva Amalungelo Okwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

UBariş Görmez, ongomunye woFakazi BakaJehova eTurkey, usehlale ejele iminyaka engaphezu kwemine ngoba enqaba ukuya ebusosheni. Ngesikhathi esatoke esiteshini samaphoyisa, amaphoyisa amphatha ngonya, amkhahlela amshaya nangezagila. Waphinde wahlukunyezwa nalapho esegqunywe ejele. Ngenxa yokuthi uMfoweth’ uGörmez ungamamitha amabili ubude, akakwazanga ukulala embhedeni ayewunikeziwe, waphoqeleka ukuba alale kabuhlungu evundle emibhedeni emibili. Ekugcineni, abaphathi bejele bamvumela ukuba athole umatilasi omkhudlwana, ibandla lamtholela wona.

Ngo-2008, uMfoweth’ uGörmez nabanye oFakazi abathathu bafaka izikhalazo eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu, bethi iTurkey yephule amalungelo abo enkululeko engokwenkolo ngokubephuca ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngo-June 3, 2014, iNkantolo yakhipha isinqumo esibavunayo lab’ oFakazi abane * futhi yahlawulisa uhulumeni waseTurkey ngenxa yezindleko abafowethu abangena kuzo. Sekungokwesithathu iNkantolo YaseYurophu ivuna oFakazi BakaJehova ilahla iTurkey kule ndaba. Nakuba bengekho oFakazi BakaJehova abasejele njengamanje eTurkey, le ndaba ngeke ixazululeke ngokuphelele kuze kube yilapho iTurkey iqaphela ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.

Ezamuva Ngokuqondene Nemibiko Edlule

E-Azerbaijan: Abafowethu bayaqhubeka bephazanyiswa amaphoyisa lapho benemihlangano, kuhlolwe izincwadi zabo, baboshwe lapho beshumayela futhi baphathwe ngendlela eyephula amalungelo abo. Uhulumeni nawo uyaqhubeka wenqaba ukubanika imvume yokuphinde babhalise iQembu Lenkolo LoFakazi BakaJehova. Sekufakwe izikhalazo ezingu-19 eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ngokumelene ne-Azerbaijan mayelana nalokhu. Naphezu kwalezi zinkinga, isibusiso sikaJehova siyabonakala enanini labamemezeli eliqhubeka landa. Ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ngesi-Azerbaijan kwaba esinye isizathu sokuthokoza.

E-Eritrea: Kulelo zwe abafowethu bayaqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka naphezu koshushiso olunzima abalukhuthazelelayo. Abazalwane abathathu, uPaulos Eyassu, u-Isaac Mogos noNegede Teklemariam, sebeneminyaka engu-20 besejele—kusukela ngo-September 24, 1994. Iziphathimandla zase-Eritrea zabopha oFakazi abangaba ngu-150 nabantu abathakazelayo eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngo-April 14, 2014. Omncane kunabo bonke kwakuyingane enezinyanga ezingu-16, omdala eneminyaka engu-85. Iziphathimandla zaphinde zabopha abanye oFakazi nabathakazelayo abangaba ngu-30 enkulumweni ekhethekile ngo-April 27, 2014. Iningi labo selidedelwe.

EKazakhstan: I-Agency for Religious Affairs yenqabile ukuba izincwadi zethu ezingu-14 zingeniswe kuleli noma zisakazwe eRepublic YaseKazakhstan. Abafowethu abavunyelwe nokuba baxoxe nabanye ngezinkolelo zabo ngaphandle uma besezindaweni zabo zokukhulekela ezibhaliswe ngokomthetho futhi abazalwane abangaba ngu-50 babekwe icala lokwenza umsebenzi wezithunywa zevangeli ngokungemthetho. Ukuze kulwelwe inkululeko yomuntu siqu yokukhuluma, kufakwe izikhalazo ezingu-26 eKomitini Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene.

^ isig. 4 Isinqumo sokwenza umsebenzi ongahlobene nempi siyindaba kanembeza.

^ isig. 13 Inhlangano yontanga yakhiwa abantu, ngokuvamile abesilisa, abangontanga abahlala endaweni eyodwa.

^ isig. 21 Icala eliphakathi kuka-Buldu Nabanye NeTurkey, No. 14017/08, June 3, 2014.