Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lena “Indlela Oyamukelayo”

Lena “Indlela Oyamukelayo”

“Uzifihle ngokucophelela lezi zinto kwabahlakaniphileyo nakongqondongqondo, wazambulela izingane.”—LUKA 10:21.

1. Kungani uJesu “achichima injabulo ngomoya ongcwele”? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

AKE uzame ukucabanga ukuthi kumelwe ukuba wayenjani uJesu ngesikhathi ‘echichima injabulo ngomoya ongcwele.’ Mhlawumbe izihlathi zakhe zaziqhilika, amehlo akhe egcwele injabulo. Wayejatshuliswa yini? Wayesanda kuthuma abafundi bakhe abangu-70 ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi izitha zezindaba ezinhle zaziziningi futhi zinamandla, wayelangazelela ukwazi ukuthi babeyosisingatha kanjani isabelo sabo. Lezi zitha zazihlanganisa ababhali nabaFarisi, ababeyizifundiswa futhi behlakaniphile. Zazifuna abantu babheke uJesu njengombazi nje nabafundi bakhe ‘njengabantu abangafundile nabavamile.’ (IzEnzo 4:13; Marku 6:3) Noma kunjalo, abafundi babuya esabelweni sabo bechichima injabulo. Babeshumayele naphezu kokuphikiswa ngisho nangamademoni imbala! Yini eyabenza bakwazi ukuqhubeka bejabule futhi benesibindi?—Funda uLuka 10:1, 17-21.

Abantu bakaNkulunkulu baye bathuthukisa indlela abafundisa ngayo ngokuyenza ibe lula futhi icace ngokwengeziwe

2. (a) Abafundi bakaJesu babefana kanjani nezingane? (b) Yini eyasiza abafundi bakaJesu ukuba baqonde amaqiniso eBhayibheli ajulile?

2 UJesu wathi kuJehova: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihlile lezi zinto kwabahlakaniphile nakongqondongqondo wazambulela izingane. Yebo, Baba, ngoba ukwenza kanjalo kwaba indlela oyamukelayo.” (Mathewu 11:25, 26) Kungani uJesu abiza abafundi bakhe ngezingane? Kungenxa yokuthi ngokungafani nababhali nabaFarisi, ababeyizifundiswa futhi ababecabanga ukuthi bahlakaniphile, abafundi bakaJesu babezimisele ukufundiswa njengezingane. Bafunda ukuba abathobekile, bangaqhoshi. (Mathewu 18:1-4) Ngenxa yokuthi babethobekile, uJehova wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze abasize baqonde amaqiniso eBhayibheli ajulile. Kodwa abaholi benkolo abangamaJuda baqhubeka bephuphuthekiswe uSathane nawukuqhosha kwabo.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Shono uJesu ayejabule kangaka! Kwakumjabulisa ukubona indlela uJehova ayambulele ngayo abantu abathobekile amaqiniso eBhayibheli ajulile kungakhathaliseki ukuthi babefunde kangakanani. Lena indlela yokufundisa uNkulunkulu ayamukelayo, futhi akashintshile. UNkulunkulu ubonisa kanjani ukuthi usayamukela le ndlela yokufundisa? Kulesi sihloko, sizofunda indlela uJehova namuhla ambulela ngayo abantu abathobekile amaqiniso eBhayibheli ajulile.

UKUCHAZELA BONKE ABANTU AMAQINISO AJULILE

4. INqabayokulinda eyenziwe lula ibe kanjani isibusiso?

4 Eminyakeni yamuva, inhlangano kaNkulunkulu iye yaqokomisa ukubaluleka kokufundisa ngendlela elula necace ngokwengeziwe. Ake sixoxe ngezibonelo ezintathu. Okokuqala, sine-Nqabayokulinda eyenziwe lula. * (Bheka umbhalo waphansi.) Ibe isibusiso esisize abaningi, kuhlanganise nalabo abafunda kanzima noma abanenkinga yolimi. Imindeni eminingi ithola ukuthi ngenxa yalolu hlelo olwenziwe lula, izingane seziyiqonda kangcono INqabayokulinda. Abaningi baye babhala izincwadi zokubonga. Udade othile wathi wayesaba ukuphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Kodwa manje akasesabi! Njengoba esesebenzisa uhlelo olwenziwe lula, uyabhala: “Manje sengiphendula kaningi, futhi angisesabi! Ngiyambonga uJehova, nani ngiyanibonga.”

5. Iziphi ezinye zezinzuzo ze-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe?

5 Okwesibili, sine-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe, eyakhululwa ngesiNgisi emhlanganweni waminyaka yonke ngo-October 5, 2013. * (Bheka umbhalo waphansi.) ImiBhalo eminingi isinamagama ambalwa, kodwa umqondo wayo awushintshile futhi kulula ngokwengeziwe ukuyiqonda. Ngokwesibonelo, umBhalo kaJobe 10:1 ubunamagama angu-27 manje usunangu-19, owezAga 8:6 ubunangu-20 manje asengu-13. Womabili la mavesi acace ngokwengeziwe kule nguqulo ebukeziwe. Umzalwane othile ogcotshiwe oseneminyaka ekhonza uJehova ngokwethembeka wathi, “Ngisanda kufunda incwadi kaJobe enguqulweni ebukeziwe, futhi kunjengokungathi ngiyaqala ukuyiqonda!” Abaningi baye basho okuthi akufane.

6. Uzizwa kanjani ngendlela ecace ngokwengeziwe esesiqonda ngayo uMathewu 24:45-47?

6 Okwesithathu, cabanga ngokuthuthukiswa kwamuva kwendlela esiqonda ngayo imiBhalo ethile. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda ka-July 15, 2013, yanikeza ukuqonda okucace ngokwengeziwe ngokuthi ingubani “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Leso sihloko sachaza ukuthi inceku ethembekile iyiNdikimba Ebusayo. Sathi “abendlu” bangabagcotshiweyo kanye “nezinye izimvu,” bonke abondliwa inceku ethembekile. (Johane 10:16) Siyakujabulela ukufunda la maqiniso futhi siyakujabulela ukuwafundisa abanye! UJehova uye wabonisa ngaziphi ezinye izindlela ukuthi wamukela indlela yokufundisa elula necacile?

IZINCAZELO EZILULA ZEZINDABA EZISEBHAYIBHELINI

7, 8. Iziphi ezinye zezibonelo zezindaba eziseBhayibhelini ezazimelela okuthile okukhulu okwakuseza?

7 Uma usuneminyaka eminingi ukhonza uJehova, cishe uphawulile ukuthi isishintshile indlela izincwadi zethu ezichaza ngayo izindaba ezithile eziseBhayibhelini. Esikhathini esidlule, kwakuvamile ukuba sithi izindaba ezithile zimelela okuthile okukhulu okuseza. Indaba elandiswayo kwakuthiwa iyafuzisela noma iyafanekisela. Lokho ekumelelayo kwakuthiwa okufuziselwayo noma okufanekiselwayo. Zikhona yini izizathu ezizwakalayo zokuchaza izindaba eziseBhayibhelini ngale ndlela? Yebo. Ngokwesibonelo, uJesu wabhekisela ‘esibonakalisweni sikaJona umprofethi.’ (Funda uMathewu 12:39, 40.) UJesu wachaza ukuthi isikhathi uJona asichitha esiswini senhlanzi sasimelela isikhathi yena ngokwakhe ayezosichitha ethuneni.

Ukholo lwethu luyaqina lapho sitadisha izindaba eziseBhayibhelini nalokho ezikumelelayo

8 Kunezinye izindaba eziseBhayibhelini ezazimelela okuthile okukhulu okwakuseza. Umphostoli uPawulu wachaza eziningana zazo. Ngokwesibonelo, ubuhlobo buka-Abrahama noHagari noSara babumelela ubuhlobo bukaJehova nesizwe sakwa-Israyeli kanye nengxenye esezulwini yenhlangano kaNkulunkulu. (Galathiya 4:22-26) Ngokufanayo, itabernakele, ithempeli, uSuku Lokuhlawulelwa, umpristi ophakeme nezinye izici zoMthetho ‘kwakuyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’ (Hebheru 9:23-25; 10:1) Ukholo lwethu luyaqina lapho sitadisha lezi zindaba eziseBhayibhelini nalokho ezikumelelayo. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi wonke umuntu, isenzakalo nento echazwe eBhayibhelini kumelela othile noma into ethile?

9. Esikhathini esidlule, indaba kaNabhoti yachazwa kanjani?

9 Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zazivame ukuchaza ngokuthi umuntu ngamunye, isenzakalo noma into esifunda ngayo kwezinye izindaba kumelela othile noma okuthile. Ngokwesibonelo, indlovukazi embi uJezebeli yayala ukuba uNabhoti abulawe ukuze umyeni wayo, u-Ahabi, athathe isivini sikaNabhoti. (1 AmaKhosi 21:1-16) Ngo-1932, INqabayokulinda yesiNgisi yachaza ukuthi u-Ahabi noJezebeli babemelela uSathane nenhlangano yakhe, uNabhoti wayemelela uJesu futhi ukufa kwakhe kwakumelela ukubulawa kukaJesu. Nokho, ngo-1961, incwadi ethi “Let Your Name Be Sanctified” yathi uNabhoti wayemelela abagcotshiweyo futhi uJezebeli umelela eLobukholwa. Ukushushiswa kukaNabhoti nguJezebeli nakho kwathiwa kumelela ukushushiswa kwabagcotshiweyo phakathi nezinsuku zokugcina. Kwaphela iminyaka eminingi lezi zincazelo ziqinisa ukholo lwabantu bakaNkulunkulu. Pho, kungani sichaza izinto ngendlela ehlukile manje?

10. (a) Inceku ethembekile isiqikelela ngayiphi indlela manje lapho ichaza izindaba ezithile eziseBhayibhelini? (b) Yini izincwadi zethu ezigxila kakhulu kuyo namuhla?

10 Njengoba iminyaka ihamba, uJehova uye wayisiza “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuba ibe enokuqonda noma eqaphe ngokwengeziwe. Kanjani? Manje inceku ethembekile iyaqikelela ukuba ithi indaba eseBhayibhelini imelela okuthile okukhulu kuphela lapho kunesizathu esicacile esingokomBhalo sokusho kanjalo. Ezinye zezincazelo zakudala ngokuphathelene nezinto ezifuziselayo nezifuziselwayo kwakunzima ukuziqonda, ukuzikhumbula nokuzisebenzisa. Okubaluleke nakakhulu ukuthi lapho kugxilwa kakhulu encazelweni enkulu okungenzeka lezo zindaba zinayo, esikufunda kuzo kwakungacaci. Ngakho, namuhla izincwadi zethu zigxila kakhulu ezifundweni ezilula, ezisebenzisekayo mayelana nokholo, ukukhuthazela, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu nezinye izimfanelo ezibalulekile esingazifunda ezindabeni eziseBhayibhelini. *—Bheka umbhalo waphansi.

Isibonelo sikaNabhoti sisifundisa isifundo esinamandla (Bheka isigaba 11)

11. (a) Sesiyiqonda kanjani indaba kaNabhoti, futhi isibonelo sakhe sisisiza kanjani? (b) Kungani kule minyaka yamuva kungasavamile ukuba izincwadi zethu zikhulume ngezinto ezifuziselayo nezifuziselwayo? (Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” esikulo magazini.)

11 Manje indlela esiqonda ngayo indaba kaNabhoti icacile futhi ilula kakhudlwana. UNabhoti akafanga ngoba emelela uJesu noma abagcotshiweyo. Kunalokho, wafa ngoba ezimisele ukuhlala ethembekile kuNkulunkulu. Waqhubeka elalela uMthetho kaJehova naphezu kokushushiswa kanzima umbusi owayenamandla. (Numeri 36:7; 1 AmaKhosi 21:3) Yeka isibonelo esihle asibekela zonke izinceku zikaNkulunkulu namuhla ezingase zibhekane noshushiso oluthi alufane! (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:12.) Wonke amaKristu angasiqonda, asikhumbule futhi asisebenzise leso sifundo, kanjalo aqinise ukholo lwawo.

12. (a) Yini okungafanele siphethe ngayo ngokuphathelene nezindaba eziseBhayibhelini? (b) Kungani sikwazi ukuba nezincazelo ezicacile ngisho nezezinto ezijulile? (Bheka umbhalo waphansi.)

12 Ingabe kufanele siphethe ngokuthi izindaba eziseBhayibhelini zinezifundo ezisebenzisekayo kuphela, azinayo enye incazelo? Cha. Kodwa kunokuba zichaze izindaba ezithile eziseBhayibhelini njengezifuziselayo nezifuziselwayo, izincwadi zethu manje zigxila ngokwengeziwe endleleni indaba ethile eseBhayibhelini ehlobana ngayo nenye. Ngokwesibonelo, ubuqotho bukaNabhoti lapho ebhekene nokushushiswa nokubulawa busikhumbuza ubuqotho bukaKristu nobabagcotshiweyo. Nokho, busikhumbuza nobuqotho babaningi ‘bezinye izimvu.’ Sibona ngokucacile ukuthi uJehova usifundisa ngendlela elula. *—Bheka umbhalo waphansi.

INCAZELO ELULA YEMIFANEKISO KAJESU

13. Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi eminye yemifanekiso kaJesu sesiyichaza ngendlela elula necace ngokwengeziwe?

13 UJesu Kristu wayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke abake baphila. Wayekuthanda ukusebenzisa imifanekiso noma izibonelo lapho efundisa. (Mathewu 13:34) Imifanekiso iyaphumelela ngoba ichaza imiqondo elukhuni ngendlela elula engasenza sicabange futhi ingathinta izinhliziyo zethu. Njengoba iminyaka ihamba, izincwadi zethu ziye zachaza imifanekiso kaJesu ngendlela elula necace ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda ka-July 15, 2008, isisiza siwuqonde ngokucace ngokwengeziwe umfanekiso kaJesu wemvubelo, wohlamvu lwesinaphi nowenetha. Manje siyakwazi ukubona ukuthi le mifanekiso ibhekisela eMbusweni kaNkulunkulu osize abantu abaningi ukuba bafulathele leli zwe elibi futhi babe abafundi bakaKristu.

Imifanekiso iyaphumelela ngoba ichaza imiqondo elukhuni ngendlela elula engasenza sicabange futhi ingathinta izinhliziyo zethu

14. (a) Sasiwuchaza kanjani umzekeliso womSamariya olungileyo? (b) Siwuqonda kanjani lo mzekeliso kaJesu manje?

14 Singaziqonda kanjani ngokwengeziwe izindaba ezinemininingwane eminingana, noma imizekeliso, uJesu azilandisa? Ezinye zalezi zindaba zifanekisela okuthile noma ziyiziprofetho. Ezinye zinezifundo ezisebenzisekayo. Kodwa singazi kanjani ukuthi iziphi ezifanekisela okuthile futhi iziphi ezingafanekiseli lutho? Impendulo iye yacaca ngokwengeziwe ngokuhamba kweminyaka. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela esasiwuchaza ngayo umzekeliso kaJesu womSamariya olungileyo. (Luka 10:30-37) Ngo-1924, INqabayokulinda yesiNgisi yathi umSamariya wayemelela uJesu futhi umgwaqo owehla uvela eJerusalema uya eJeriko wawumelela isimo sabantu esiya siba sibi kusukela ekuhlubukeni kwase-Edene. Yathi futhi abaphangi ababekulowo mgwaqo babemelela izinkampani ezinkulu nosomabhizinisi abahahayo, kanti umpristi nomLevi babemelela eLobukholwa. Kodwa namuhla, izincwadi zethu zisebenzisa lo mfanekiso ukukhumbuza wonke amaKristu ukuba angabi nobandlululo. Kumelwe sisize bonke abaswele, ikakhulukazi ngokubasiza ukuba bafunde iqiniso ngoNkulunkulu. Kuyasijabulisa ukubona indlela uJehova enza ngayo iqiniso licace.

15. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

15 Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngomzekeliso kaJesu wezintombi eziyishumi. (Mathewu 25:1-13) UJesu wayefuna abalandeli bakhe ezinsukwini zokugcina bawuqonde kanjani lo mfanekiso onamandla? Ingabe umuntu ngamunye, into noma isenzakalo okukulo mfanekiso kumelela othile noma okuthile okukhulu okuseza? Noma ingabe wayefuna sifunde izifundo ezisebenzisekayo eziyosisiza phakathi nezinsuku zokugcina? Ake sibone.

^ isig. 4 INqabayokulinda eyenziwe lula yaqala ukutholakala ngesiNgisi ngo-July 2011. Kusukela ngaleso sikhathi, le Nqabayokulinda iye yenziwa yatholakala nangezinye izilimi ezimbalwa.

^ isig. 5 Le nguqulo ebukeziwe izokwenziwa itholakale nangezinye izilimi.

^ isig. 10 Ngokwesibonelo, incwadi ethi Lingisa Ukholo Lwabo ikhuluma ngabantu abaseBhayibhelini abangu-14. Le ncwadi igxile ezifundweni ezisebenzisekayo esizithola kubo, hhayi kulokho okufuziselayo noma okufuziselwayo.

^ isig. 12 IZwi likaNkulunkulu linanezinto okungase kubonakale “kunzima ukuziqonda,” ezihlanganisa nezingxenye ezithile zezincwadi zikaPawulu. Nokho, bonke ababhali beBhayibheli babephefumulelwe umoya ongcwele. Umoya kaNkulunkulu usiza amaKristu eqiniso namuhla ukuba aqonde iBhayibheli, ‘ngisho nezinto ezijulile zikaNkulunkulu’ ezikulo.—2 Petru 3:16, 17; 1 Korinte 2:10.