Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lena Indawo Yethu Yokukhulekela

Lena Indawo Yethu Yokukhulekela

“Intshiseko ngendlu yakho iyongidla.”—JOHANE 2:17.

IZINGOMA: 127, 118

1, 2. (a) Esikhathini esidlule, izinceku zikaJehova zazimkhulekela kuphi? (b) UJesu wayezizwa kanjani ngethempeli likaJehova eJerusalema? (c) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

IZINCEKU zikaNkulunkulu, esikhathini esidlule nanamuhla, ziye zaba nezindawo ezimkhulekela kuzo. Ngokwesibonelo, lapho u-Abela enzela uJehova imihlatshelo, kungenzeka wakha i-altare. (Genesise 4:3, 4) UNowa, u-Abrahama, u-Isaka, uJakobe noMose bonke bakha ama-altare. (Genesise 8:20; 12:7; 26:25; 35:1; Eksodusi 17:15) UJehova watshela ama-Israyeli ukuba akhe itabernakele. (Eksodusi 25:8) Kamuva, wawayala ukuba akhe ithempeli. (1 AmaKhosi 8:27, 29) Ngemva kokuba abantu bakaNkulunkulu bebuye ekudingisweni eBhabhiloni, babehlangana njalo emasinagogeni. (Marku 6:2; Johane 18:20; IzEnzo 15:21) AmaKristu okuqala ayehlangana emizini yabathile. (IzEnzo 12:12; 1 Korinte 16:19) Namuhla, abantu bakaJehova emhlabeni wonke bahlanganyela emaHholo OMbuso angamashumi ezinkulungwane, lapho befunda khona ngoJehova futhi bamkhulekele.

2 UJesu wayenenhlonipho ejulile ngethempeli likaJehova eJerusalema. Uthando lukaJesu ngethempeli lwakhumbuza abafundi bakhe amazwi omhubi: “Intshiseko ngendlu yakho ingidlile.” (IHubo 69:9; Johane 2:17) IHholo LoMbuso aliyona “indlu kaJehova” ngendlela okwakungayo ngethempeli laseJerusalema. (2 IziKronike 5:13; 33:4) Noma kunjalo, kufanele sibe nenhlonipho ejulile ngezindawo zethu zokukhulekela. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezisifundisa indlela okufanele siziphathe ngayo lapho sisemaHholo ethu OMbuso, indlela okufanele siwanakekele ngayo nendlela esingasiza ngayo ekuwakhokheleni. *—Bheka umbhalo waphansi.

SIBONISA INHLONIPHO NGEMIHLANGANO YETHU

3-5. Liyini iHholo LoMbuso, futhi kufanele sizizwe kanjani ngemihlangano yethu?

3 IHholo LoMbuso liyindawo eyinhloko abantu abangahlangana kuyo ukuze bakhulekele uJehova. Imihlangano iyisipho esivela kuNkulunkulu futhi isisiza ukuba siqinise ubuhlobo bethu naye. Emihlanganweni yethu, inhlangano yakhe isinika isikhuthazo nesiqondiso esisidingayo. Kuyilungelo ukumenywa nguJehova neNdodana yakhe ukuba sizodla “etafuleni likaJehova” masonto onke. (1 Korinte 10:21) Akumelwe nanini siyikhohlwe indlela esikhetheke ngayo lesi simemo.

4 UJehova usitshela ngokucacile ukuthi ufuna sibe semihlanganweni ukuze simkhulekele futhi sikhuthazane. (Funda amaHebheru 10:24, 25.) Ngenxa yokuthi siyamhlonipha uJehova, ngeke siphuthe emihlanganweni ngaphandle kwalapho kudingeka ngempela. Sibonisa ukuyazisa imihlangano yethu lapho siyilungiselela futhi sikulangazelela ukuhlanganyela kuyo.—IHubo 22:22.

5 Indlela esiziphatha ngayo emihlanganweni nesiwanakekela ngayo amaHholo ethu OMbuso ibonisa izinga esimhlonipha ngalo uJehova. Sifuna ukuba ukuziphatha kwethu kudumise igama likaJehova, ngokuvamile elivelayo ngaphandle kweHholo LoMbuso.—Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 8:17.

6. Yini abantu abaye bayisho ngamaHholo ethu OMbuso nangalabo ababa semihlanganweni yethu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

6 Abanye abantu bayaqaphela lapho sibonisa inhlonipho ngamaHholo ethu OMbuso. Ngokwesibonelo, indoda ethile eTurkey yathi: “Ukuhlanzeka nokuhleleka engakubona eHholo LoMbuso kwangihlaba umxhwele. Abantu ababelapho babegqoke kahle, bemamatheka futhi bangibingelela ngomusa. Kwangihlaba umxhwele kakhulu lokhu.” Le ndoda yaqala ukuza kuyo yonke imihlangano futhi kungakabiphi yabhapathizwa. Kwelinye idolobha e-Indonesia, abazalwane bamema omakhelwane babo, umphathi-dolobha nezinye izikhulu ukuba bazobona iHholo labo LoMbuso elisha. Umphathi-dolobha wahlatshwa umxhwele ukubona ukuthi laliyisakhiwo sezinga elihle, liklanywe kahle futhi linengadi enhle. Wathi: “Ukuhlanzeka kwaleli hholo kubonisa ukuthi ninokholo lweqiniso.”

Indlela esiziphatha ngayo ingase ibonise ukungamhloniphi uNkulunkulu (Bheka izigaba 7, 8)

7, 8. Sibonisa kanjani ukuthi siyamhlonipha uJehova lapho siseHholo LoMbuso?

7 NguJehova osimemela emihlanganweni futhi unendaba nendlela esibukeka nesiziphatha ngayo uma sikuyo. Ngakho, siyakugwema ukweqisa. Ngakolunye uhlangothi, asibi nombono oqine kakhulu futhi siziqoqe ngokweqile kanti futhi asikhululeki ngokweqile. Yiqiniso ukuthi uJehova ufuna ukuba sizizwe sikhululekile thina nabantu esibamemela eHholo LoMbuso. Kodwa asifuni ukubonisa ukungayihloniphi imihlangano nganoma iyiphi indlela. Yingakho singagqoki ngendlela enobudlabha noma ekhululeke ngokweqile futhi siyaqaphela ukuba singathumeli imiyalezo, sixoxe noma sidle futhi siphuze phakathi nemihlangano. Abazali kufanele bafundise izingane zabo ukuba zingagijimi noma zidlale eHholo LoMbuso.—UmShumayeli 3:1.

8 Lapho uJesu ebona abantu bethengisa ethempelini likaNkulunkulu, wathukuthela wabaxosha. (Johane 2:13-17) EmaHholo ethu OMbuso, sikhulekela uJehova futhi sifunde ngaye. Ngakho, ngeke kufaneleke ukwenza ibhizinisi lapho.—Qhathanisa noNehemiya 13:7, 8.

SISIZA EKWAKHENI AMAHHOLO OMBUSO

9, 10. (a) Abantu bakaJehova bawakha kanjani amaHholo OMbuso, futhi iye yaba yini imiphumela? (b) Inhlangano kaJehova iwasiza kanjani amabandla angenakukwazi ukuzakhela iHholo LoMbuso?

9 Abantu bakaJehova emhlabeni wonke basebenza kanzima ekwakheni amaHholo OMbuso. Izisebenzi zokuzithandela ezingakhokhelwa ziyawaklama, ziwakhe futhi ziwalungise. Ngenxa yalokho, phakathi neminyaka engu-15 edlule, emhlabeni wonke siye sakha amaHholo OMbuso amahle angaphezu kuka-28 000, noma angaba mahlanu nsuku zonke.

10 Inhlangano kaJehova yaba izisebenzi zokuzithandela futhi isebenzise iminikelo ekwakheni amaHholo OMbuso nomaphi lapho kunesidingo khona. Sisebenzisa isimiso seBhayibheli sokuba abanokwengeziwe bakwazi ukusiza labo abangenakho okwanele. (Funda eyesi-2 Korinte 8:13-15.) Iye yaba yini imiphumela? Kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso amaningi akhelwa amabandla asemazweni antulayo.

11. Abanye abazalwane bathini ngeHholo labo LoMbuso elisha, futhi lokhu kukwenza uzizwe kanjani?

11 Abazalwane bakwelinye ibandla eCosta Rica babhala: “Lapho simi phambi kweHholo LoMbuso, kuba sengathi siyaphupha! Akukholeki. Ihholo lethu elihle lakhiwa laqedwa lonke ngezinsuku ezingu-8 kuphela! Lokhu kwenzeke ngenxa yesibusiso sikaJehova, amalungiselelo enziwe inhlangano yakhe nokusekela kwabafowethu abathandekayo. Le ndawo yokukhulekela iyisipho esihle ngempela, igugu esiliphiwe uJehova. Asive sijabula ngayo.” Kusijabulisa kakhulu ukuzwa abafowethu nodadewethu bebonga uJehova ngalokho abenzele kona. Kuyasithokozisa ukuthi abazalwane emhlabeni wonke bayakwazi ukuba neHholo labo LoMbuso. Kusobala ukuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi wokwakha amaHholo OMbuso, ngoba kuthi angakhiwa kube nabantu abaningi abengeziwe abaqala ukuba khona emihlanganweni bezofunda ngoJehova.—IHubo 127:1.

12. Ungasiza kanjani ekwakheni amaHholo OMbuso?

12 Ungasiza kanjani ekwakheni amaHholo OMbuso? Mhlawumbe ungavolontiya ukusiza kulowo msebenzi. Sonke singanikela ngemali yokukhokhela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Lapho senza konke esingakwenza ukusekela lo msebenzi, sithola injabulo yokupha futhi okubaluleke nakakhulu, sidumisa uJehova. Silingisa isibonelo sabantu bakaNkulunkulu bezikhathi zeBhayibheli ababemagange ukunikelela ukwakhiwa kwezindawo zabo zokukhulekela.—Eksodusi 25:2; 2 Korinte 9:7.

SIGCINA IHHOLO LETHU LOMBUSO LIHLANZEKILE

13, 14. Yini esiyifunda eBhayibhelini ebonisa ukuthi kumelwe sigcine iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi licocekile?

13 UJehova unguNkulunkulu ohlanzekile nongcwele. UnguNkulunkulu wokuhleleka. Yingakho kumelwe sigcine iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi licocekile. (Funda eyoku-1 Korinte 14:33, 40.) Ukuze sibe abahlanzekile nabangcwele njengoJehova, asigcini nje ukukhulekela, imicabango nezenzo zethu kuhlanzekile, kodwa sigcina nemizimba yethu ihlanzekile.—IsAmbulo 19:8.

14 Lapho sigcina iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi licocekile, sibamemela ngokukhululekile abantu emihlanganweni yethu. Abantu bayobona ukuthi siyakwenza ngempela lokho esikushumayelayo ngezwe elisha elihlanzekile. Bayobona ukuthi sikhulekela uNkulunkulu ongcwele nohlanzekile oyokwenza lo mhlaba ube ipharadesi elihle.—Isaya 6:1-3; IsAmbulo 11:18.

15, 16. (a) Kungani kungelula njalo ukugcina iHholo LoMbuso lihlanzekile? Kungani kumelwe siligcine lihlanzekile? (b) Kuhlelwe kanjani ukuhlanzwa kweHholo lenu LoMbuso, futhi iliphi ilungelo ngamunye wethu analo?

15 Abantu banemibono engafani ngokuhlanza. Kungani? Kungenzeka kungenxa yendlela abakhuliswe ngayo. Ngaphezu kwalokho, abanye bahlala endaweni enezintuli noma enemigwaqo ewubhuqu nenodaka. Abanye abanawo amanzi anele noma izinto zokuhlanza. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi nokuthi abantu bendawo bazizwa kanjani ngokuhlanza, thina kufanele sigcine iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi licocekile. Liyindawo esikhulekela kuyo uJehova.—Duteronomi 23:14.

16 Uma sifuna ukuba iHholo lethu LoMbuso lihlanzeke ngangokunokwenzeka, kudingeka sihlele. Abadala benzela ibandla isimiso bese beqikelela ukuthi kuhlale kunezinto ezanele zokuhlanza. Bahlela nomsebenzi wokuhlanza ukuze wenziwe. Izinto ezithile zidinga ukuhlanzwa ngemva komhlangano webandla ngamunye, kodwa ezinye azikudingi ukuhlanzwa njalo. Sonke sinelungelo lokuhlanganyela ekuhlanzeni iHholo lethu LoMbuso.

SIYALINAKEKELA IHHOLO LETHU LOMBUSO

17, 18. (a) Yini esingayifunda endleleni abantu bakaJehova esikhathini esidlule ababelinakekela ngayo ithempeli? (b) Kungani kumelwe silinakekele iHholo lethu LoMbuso?

17 IHholo lethu LoMbuso siligcina lisesimweni esihle nangokulungisa noma yini edinga ukulungiswa. Izinceku zikaJehova esikhathini esidlule zazenza okufanayo. Ngokwesibonelo, ngenkathi kubusa inkosi yakwaJuda, uJehowashi, abantu banikela ngemali ethempelini. Le nkosi yayala abapristi ukuba basebenzise le mali ukulungisa noma yini eyayidinga ukulungiswa ethempelini. (2 AmaKhosi 12:4, 5) Ngemva kweminyaka engaphezu kuka-200, iNkosi uJosiya nayo yasebenzisa iminikelo yasethempelini ukukhokhela izindleko zokulungiswa kwalo.—Funda eyesi-2 IziKronike 34:9-11.

18 AmaKomiti Amagatsha athile aphawule ukuthi abantu bamazwe akuwo abakujwayele ukugcina izakhiwo noma izinto zisesimweni esihle. Kungenzeka ukuthi bambalwa abantu kulawo mazwe abakwaziyo ukwenza lowo msebenzi. Noma, kungenzeka abanayo imali eyanele yokuwenza. Kodwa uma singalilungisi iHholo lethu LoMbuso lapho kudingeka, lizoqala ukubukeka kabi futhi abantu bayokuphawula lokhu. Ngeke libanikeze ubufakazi obuhle. Kunalokho, lapho senza konke esingakwenza ukuze sinakekele iHholo lethu LoMbuso, sidumisa uJehova futhi asiyisaphazi imali abafowethu abayinikele.

Kumelwe sigcine iHholo lethu LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle (Bheka izigaba 16, 18)

19. Yini ozoyenza ukuze ubonise ukuthi uyayihlonipha indawo okhulekela kuyo uJehova?

19 IHholo LoMbuso liyisakhiwo esinikezelwe kuJehova. Alilona elomuntu noma ibandla elithile. Njengoba sixoxile kulesi sihloko, izimiso zeBhayibheli ziyosisiza ukuba sibe nesimo sengqondo esifanele ngendawo esikhulekela kuyo uNkulunkulu. Ngenxa yokuthi siyamhlonipha uJehova, sibonisa inhlonipho ngemihlangano yethu nangeHholo LoMbuso. Siyakujabulela ukunikela ukuze kwakhiwe amaHholo OMbuso futhi sisebenza kanzima ukuze siwanakekele futhi siwagcine ehlanzekile. NjengoJesu, sibonisa intshiseko nenhlonipho ngendawo esikhulekela kuyo uJehova.—Johane 2:17.

^ isig. 2 Lesi sihloko sikhuluma ngamaHholo OMbuso. Kodwa esizoxoxa ngakho kuyasebenza nasemaHholo OMhlangano nakwezinye izindawo ezisetshenziselwa ukukhulekela uJehova.