Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qeqesha Umntwana Wakho Ukuba Akhonze UJehova

Qeqesha Umntwana Wakho Ukuba Akhonze UJehova

‘Umuntu kaNkulunkulu weqiniso makasifundise lokho okufanele sikwenze kumntwana ozozalwa.’ABAHLULELI 13:8.

IZINGOMA: 88, 120

1. Yini uManowa ayenza lapho ezwa ukuthi uzoba ubaba?

UMANOWA nomkakhe babeqiniseka ngokuthi abasoze baba nabantwana. Kwathi ngelinye ilanga, ingelosi kaJehova yatshela umkaManowa ukuthi wayezoba nendodana. Yeka izindaba ezijabulisayo ababengazilindele! Lapho exoxela umyeni wakhe uManowa, wathokoza kakhulu. Kodwa futhi wacabangisisa kahle nangalokho uJehova ayekulindele kuye njengobaba. Yena nomkakhe babengayiqeqesha kanjani indodana yabo ukuba ithande uJehova futhi imkhonze, nakuba abantu abaningi kwa-Israyeli babenza izinto ezimbi? UManowa wancenga uJehova ukuba aphinde athumele ingelosi yakhe, wathi: “Umuntu kaNkulunkulu weqiniso osanda kumthumela ngicela aphinde eze kithi asifundise lokho okufanele sikwenze kumntwana ozozalwa.”AbaHluleli 13:1-8.

2. Yini okudingeka uyifundise abantabakho, futhi ungakwenza kanjani? (Bheka nebhokisi elithi “ Izifundo Zakho ZeBhayibheli Ezibaluleke Kakhulu.”)

2 Uma ungumzali, kungenzeka uyayiqonda indlela uManowa ayezizwa ngayo. Nawe unomthwalo wokusiza abantabakho bazi futhi bathande uJehova. (IzAga 1:8) Phakathi nokukhulekela komkhaya, ungabasiza baqhubeke befunda ngoJehova nangeBhayibheli. Yiqiniso, kudingeka ungagcini nje ngokutadisha iBhayibheli nezingane zakho isonto ngalinye. (Funda uDuteronomi 6:6-9.) Yini enye ezokusiza ubaqeqeshe ukuba bathande futhi bakhonze uJehova? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngesibonelo sikaJesu. Nakuba ayengeyena ubaba, ungafunda endleleni afundisa naqeqesha ngayo abafundi bakhe. UJesu wayebathanda futhi ethobekile. Wayephinde abe nokuqonda, okusho ukuthi, wayeyiqonda kahle indlela abebezizwa ngayo futhi azi ukuthi angabasiza kanjani. Manje, ake sibone ukuthi singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu.

BATHANDE ABANTWANA BAKHO

3. Abafundi bakaJesu bazi kanjani ukuthi uyabathanda?

3 UJesu wayehlale ebatshela abafundi bakhe ukuthi uyabathanda. (Funda uJohane 15:9.) Wayephinde achithe isikhathi esiningi nabo. (Marku 6:31, 32; Johane 2:2; 21:12, 13) UJesu akagcinanga nje ngokuba umfundisi wabo; wayengumngane wabo. Ngakho babengangabazi ukuthi uyabathanda. Yini ongayifunda kuJesu?

4. Ungababonisa kanjani abantabakho ukuthi uyabathanda? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 Batshele abantabakho ukuthi uyabathanda futhi ubabonise ukuthi babaluleke kangakanani kuwe. (IzAga 4:3; Thithu 2:4) USamuel, ohlala e-Australia, uthi: “Lapho ngisemncane, ubaba wayevame ukungifundela INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli njalo kusihlwa. Wayephendula imibuzo enganginayo, angange futhi angiqabule ngaphambi kokuba ngilale. Ave ngamangala lapho kamuva ngithola ukuthi ubaba wakhulela emndenini lapho ukwanga nokuqabula kwakungavamile khona! Noma kunjalo, wenza umzamo omkhulu ukuze angibonise uthando. Ngenxa yalokho, ngazizwa ngisondelene naye, nganelisekile futhi ngilondekile.” Siza abantabakho bazizwe ngale ndlela ngokuhlale uthi kubo “Ngiyanithanda.” Bange futhi ubabonise uthando. Zinike isikhathi sokuxoxa nabo, sokudla nabo nesokudlala nabo.

5, 6. (a) Ngenxa yokuthi uJesu wayebathanda abafundi bakhe, yini ayenza? (b) Ungabayala kanjani abantabakho?

5 UJesu wathi: “Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibayale.” * (IsAmbulo 3:19) Ngokwesibonelo, abafundi bakhe baphikisana izikhathi eziningi ngokuthi ubani omkhulu phakathi kwabo. UJesu akazange ayishalazelele le nkinga. Kunalokho, ngesineke wabeluleka ngokuphindaphindiwe. Kodwa wayehlale enomusa, futhi wayelinda isikhathi nendawo efanele ukuze abeluleke.Marku 9:33-37.

Khetha isikhathi nendawo efanele ukuze uyale abantwana bakho futhi lokhu ukwenze ngomusa

6 Ngenxa yokuthi uyabathanda abantabakho, uyazi ukuthi kufanele ubayale. Ngezinye izikhathi kwanele ukubachazela ukuthi kungani okuthile kulungile noma kungalungile. Kodwa kuthiwani uma beqhubeka nokungalaleli? (IzAga 22:15) Funda kuJesu. Ngesineke qhubeka ubayala ngokubaqondisa, ukubaqeqesha nokubeluleka. Khetha isikhathi nendawo efanele yokubayala, futhi lokhu ukwenze ngendlela enomusa. Udade waseNingizimu Afrika okuthiwa ngu-Elaine, ukhumbula indlela abazali bakhe ababemyala ngayo. Babehlale bemchazela ukuthi yini abayilindele kuye. Uma babemtshele ukuthi bazomjezisa ngokungalaleli, yilokho kanye ababekwenza. Kodwa uthi: “Babengakaze bangiyale becasukile noma bengangitshelanga ukuthi kungani bengijezisa.” Ngenxa yalokhu, wayehlale azi ukuthi abazali bakhe bayamthanda.

THOBEKA

7, 8. (a) Yini abafundi bakaJesu abayifunda emthandazweni wakhe? (b) Imithandazo yakho ingabafundisa kanjani abantabakho ukuncika kuNkulunkulu?

7 Lapho uJesu esezoboshwa futhi abulawe, wancenga uYise: “Abha, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa le ndebe kimi. Nokho kungabi yilokho okufunwa yimi, kodwa kube yilokho okufunwa nguwe.” * (Marku 14:36) Cabanga nje ukuthi abafundi bakaJesu bazizwa kanjani lapho bemuzwa ethandaza, noma kamuva bezwa ngomthandazo wakhe. Baqaphela ukuthi nakuba ayephelele, wayesalokhu ecela usizo kuYise. Ngakho nabo bafunda ukuthi kufanele bathobeke futhi bancike kuJehova.

Lapho abantabakho bekuzwa ucela uJehova ukuba akusize, nabo bafunda ukuncika kuJehova

8 Abantabakho bangafunda okuningi emithandazweni yakho. Yiqiniso, awuthandazi ngoba nje ufuna ukufundisa abantabakho. Kodwa lapho bekuzwa uthandaza, bangafunda ukwethembela kuJehova. Emithandazweni yakho, ungaceli nje kuphela ukuba uJehova asize abantabakho, kodwa mcele akusize nawe. U-Ana, ohlala eBrazil, uthi: “Lapho kunezinkinga, njengalapho kugula ugogo nomkhulu, abazali bami babecela uJehova ukuba abaphe amandla okubhekana nesimo, nokuhlakanipha ukuze benze izinqumo ezifanele. Ngisho nalapho bebhekene nezimo ezicindezelayo, babeshiyela izinkinga zabo ezandleni zikaJehova. Ngenxa yalokho, ngafunda ukuncika kuJehova.” Lapho abantabakho bekuzwa ucela uJehova ukuba akuphe isibindi sokufakaza kumakhelwane noma sokucela umqashi akuvumele uye emhlanganweni, bayaqaphela ukuthi uthembela kuJehova ukuba akusize futhi nabo bafunda ukwenza okufanayo.

9. (a) UJesu wabafundisa kanjani abafundi bakhe ukuthobeka nokungabi nabugovu? (b) Uma uthobekile futhi ungelona igovu, bazofundani abantabakho?

9 UJesu watshela abafundi bakhe ukuba bathobeke futhi bangabi nabugovu, wabuye wababekela nesibonelo. (Funda uLuka 22:27.) Abaphostoli bakhe babona ukuthi uyazidela ukuze akhonze uJehova futhi asize nabanye, ngakho nabo bafunda ukwenza okufanayo. Nawe ungabafundisa abantabakho ngesibonelo sakho. UDebbie, onabantwana ababili, uthi: “Angikaze ngibe nomona ngesikhathi umyeni wami asichitha nabanye njengomdala. Ngangazi ukuthi noma nini lapho umndeni wethu umdinga, uzowunaka.” (1 Thimothewu 3:4, 5) Isibonelo sikaDebbie nomnyeni wakhe, uPranas, saba naliphi ithonya emndenini wabo? UPranas uthi izingane zabo zazihlale zizimisele ukusiza emihlanganweni yesigodi. Zazijabule, zakha abangane futhi zifuna ukuhlale zinabafowabo nodadewabo. Bonke kulo mndeni manje bakhonza uJehova enkonzweni yesikhathi esigcwele. Uma uthobekile futhi ungelona igovu, usuke ufundisa abantabakho ukuba bazimisele ukusiza abanye.

YIBA NOKUQONDA

10. UJesu wakusebenzisa kanjani ukuqonda lapho abantu abathile baseGalile bezomfuna?

10 UJesu wayenokuqonda okuphelele. Akazange nje agxile kulokho abantu ababekwenza kodwa nasesizathwini sokwenza kwabo kanjalo. Wayekwazi ukubona okusezinhliziyweni zabo. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi abantu abathile eGalile beza bemfuna. (Johane 6:22-24) Waqaphela ukuthi isizathu esiyinhloko sokuza kwabo kuye, kwakungekhona ukuzomlalela efundisa, kodwa yingoba babefuna ukudla. (Johane 2:25) UJesu wayazi ukuthi babezizwa kanjani ngempela. Ngakho wabeluleka ngesineke futhi wabachazela ukuthi yiziphi izinguquko okwakudingeka bazenze.Funda uJohane 6:25-27.

Siza abantabakho bayijabulele inkonzo (Bheka isigaba 11)

11. (a) Ungazama kanjani ukuqonda indlela abantwana bakho abazizwa ngayo ngokushumayela? (b) Ungabasiza kanjani abantwana bakho bayijabulele inkonzo?

11 Nakuba ungakwazi ukubona okusezinhliziyweni, nawe ungakwazi ukuba nokuqonda. Ngokwesibonelo, ungazama ukuqonda ukuthi abantabakho bazizwa kanjani ngenkonzo. Ungase uzibuze: ‘Kungenzeka yini ukuthi balangazelela ukuba senkonzweni kuphela lapho singase sihlabe khona ikhefu ukuze sidle noma siphuze okuthile?’ Uma uqaphela ukuthi abantabakho abayijabuleli kangako inkonzo, zama ukubenza bayijabulele kakhudlwana. Banikeze imisebenzi emincane abangayenza ukuze bazibone bewusizo.

12. (a) UJesu wabaxwayisa ngani abafundi bakhe? (b) Kungani abafundi bakaJesu babesidinga ngempela isixwayiso sakhe?

12 Iyiphi enye indlela uJesu akusebenzisa ngayo ukuqonda? Wayazi ukuthi iphutha elilodwa lingaholela kwelinye noma ngisho nasesonweni esikhulu, futhi waxwayisa abafundi bakhe ngalokhu. Ngokwesibonelo, abafundi bakhe babazi ukuthi ukuziphatha okubi ngokobulili akulungile. Kodwa uJesu wabaxwayisa ngalokho okungaholela ekuziphatheni okubi. Wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe. Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude.” (Mathewu 5:27-29) Abafundi bakaJesu babephila phakathi kwamaRoma ayeziphethe kabi nayethanda ukubukela imidlalo ebukisa ngocansi nenenkulumo engcolile. Ngakho ngothando, uJesu waxwayisa abafundi bakhe ukuba bagweme noma yini eyayingenza kube nzima ngabo ukwenza okulungile.

13, 14. Ungabasiza kanjani abantabakho bagweme ezokuzijabulisa ezinokuziphatha okubi?

13 Njengomzali, nawe ungasebenzisa ukuqonda ukuze uvikele abantabakho ukuba bangenzi into engamjabulisi uJehova. Ngokudabukisayo, namuhla ngisho nezingane ezincane zisengozini yokubona izithombe zobulili ezingcolile nezinye izinto ezinokuziphatha okubi. Yiqiniso, kufanele ubatshele abantabakho ukuthi akulungile ukubuka izinto ezinokuziphatha okubi. Kodwa kuningi ongakwenza ukuze ubavikele. Zibuze: ‘Ingabe abantabami bayazi ukuthi kungani izithombe zobulili ezingcolile ziyingozi? Yini engabenza bafune ukubuka lezi zithombe? Ingabe ngenza kube lula ngabo ukuba bakhulume nami nganoma yini, ukuze bakwazi ukucela usizo lwami ngisho noma kungenzeka babhekene nesilingo sokubuka izithombe ezingcolile?’ Ngisho nalapho abantwana besebancane, ungase uthi kubo: “Uma kwenzeka ubona okuthile kuyi-Internet okuphathelene nocansi okukwenza ube nelukuluku futhi ufune ukukubuka, ngicela uze kimi futhi sixoxe ngakho. Ungesabi noma ube namahloni ukucela usizo lwami. Ngifuna ukukusiza.”

14 Lapho ukhetha ezokuzilibazisa, cabangisisa kahle ukuthi ungaba kanjani yisibonelo esihle kubantwana bakho. UPranas, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Kuningi ongakusho, kodwa abantabakho bayobheka lokho okwenzayo bese bekulingisa.” Uma uhlale ucophelela ukuthi ukhetha umculo, izincwadi namabhayisikobho ahlanzekile, ungakwazi ukusiza abantabakho benze okufanayo.Roma 2:21-24.

UJEHOVA UZOKUSIZA

15, 16. (a) Kungani ungaqiniseka ngokuthi uJehova uzokusiza uqeqeshe abantabakho? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

15 Kwenzekani lapho uManowa ecela uJehova ukuba amsize abe umzali omuhle? “UNkulunkulu weqiniso walilalela izwi likaManowa.” (AbaHluleli 13:9) Bazali, uJehova uzoyilalela neyenu imithandazo. Uzonisiza niqeqeshe abantwana benu. Futhi uzonisiza nibonise uthando, ukuthobeka nokuqonda.

16 Njengoba nje uJehova ezonisiza niqeqeshe abantwana benu lapho besebancane, anganisiza nibaqeqeshe nalapho sebekhulakhulile. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokuthi isibonelo sikaJesu sothando, ukuthobeka nokuqonda, singanisiza kanjani ukuba niqeqeshe izingane zenu esezevile eminyakeni eyishumi nambili ukuba zikhonze uJehova.

^ isig. 5 IBhayibheli lifundisa ukuthi isiyalo sisho ukunikeza isiqondiso, ukuqeqesha, iseluleko kanti ngezinye izikhathi ngisho nesijeziso. Abazali kufanele banikeze isiyalo ngendlela enomusa futhi akumelwe nanini basinikeze lapho becasukile.

^ isig. 7 Ngesikhathi sikaJesu, abantwana babebiza oyise ngokuthi Abha. Leli gama lalibonisa uthando nenhlonipho.—I-International Standard Bible Encyclopedia.