Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qeqesha Ingane Yakho Esithombile Ukuba Ikhonze UJehova

Qeqesha Ingane Yakho Esithombile Ukuba Ikhonze UJehova

“UJesu waqhubeka ethuthuka ekuhlakanipheni nasekukhuleni ngokomzimba nasemseni kaNkulunkulu nowabantu.”LUKA 2:52.

IZINGOMA: 41, 89

1, 2. (a) Yini abanye abazali bentsha abakhathazeka ngayo? (b) Izingane zingazuza kanjani eminyakeni yazo yobusha?

ESINYE sezikhathi ezijabulisa kakhulu kubazali yilapho izingane zabo zibhapathizwa. Zozine izingane zikaBerenice zabhapathizwa zingayihlanganisi iminyaka engu-14 ubudala. Uthi: “Kwasithinta ngokujulile lokho. Yiqiniso ukuthi sasigcwele ukubonga ngokuthi izingane zethu zazifuna ukukhonza uJehova. Kodwa sasazi nokuthi njengoba izingane zethu zase zithombile zazizobhekana nezinselele eziningi.” Nawe ungase ukhathazeke ngalokhu uma kuwukuthi indodana noma indodakazi yakho isithombile noma isizothomba.

2 Isazi sokusebenza kwengqondo nokuziphatha kwezingane sithi iminyaka yokuthomba ingaba nzima kubazali nasezinganeni, kodwa abazali akufanele bacabange ukuthi izingane zabo ziyahlanya noma ziziphathisa okwabantwana. Kunalokho, sithi intsha inekhono lokusungula izinto, inemizwelo ejulile futhi idinga ukuchitha isikhathi nabangane. Ngakho, ngesikhathi sobusha, izingane zakho zingakwazi ukuhlakulela ubungane obuseduze noJehova, njengoba kwenza uJesu lapho esemncane. (Funda uLuka 2:52.) Zingathuthukisa namakhono azo okushumayela futhi zihlakulele isifiso esijulile sokwenza okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu. Zingazenzela ezazo izinqumo, njengokunikezela ukuphila kwazo kuJehova nokumlalela. Kodwa yini ongayenza njengomzali ukuze uqeqeshe ingane yakho ukuba ikhonze uJehova? Ungafunda endleleni uJesu aqeqesha ngayo abafundi bakhe ngothando, ngokuthobeka nangokuqonda.

THANDA INGANE YAKHO

3. Abaphostoli bazi kanjani ukuthi uJesu wayengumngane wabo?

3 UJesu wayengeyona nje iNkosi kubaphostoli bakhe. Wayephinde abe umngane wabo. (Funda uJohane 15:15.) Ngezikhathi zeBhayibheli, inkosi yayingavamile ukuxoxa nezigqila zayo ngezinto ezicabangayo nangemizwa yayo. Kodwa uJesu akabaphathisanga okwezigqila abaphostoli bakhe. Wayebathanda futhi echitha isikhathi nabo. Wayekukhululekile ukubatshela ngalokho ayekucabanga nangemizwa yakhe, futhi wayebalalelisisa lapho beveza lokho ababekucabanga nendlela ababezizwa ngayo. (Marku 6:30-32) Lokhu kukhulumisana phakathi kukaJesu nabaphostoli bakhe kwabenza baba abangane abakhulu futhi kwalungiselela abaphostoli umsebenzi ababezowenza esikhathini esasiseza.

4. Bazali, ningaba kanjani abangane nezingane zenu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 Nakuba unegunya phezu kwezingane zakho, ungaba nangumngane wazo. Abangane bachitha isikhathi ndawonye. Mhlawumbe unganciphisa isikhathi osichitha usebenza noma wenza ezinye izinto ukuze ube nesikhathi esithe xaxa nezingane zakho. Lena yinto okufanele uyithandazele futhi ucabangisise ngayo. Abangane baphinde bajabulele izinto ezifanayo. Ngakho thola ukuthi ingane yakho ithandani, njengomculo, amabhayisikobho noma ezemidlalo. Yibe usuzama ukukujabulela lokho ekuthandayo. U-Ilaria, ohlala e-Italy, uthi: “Abazali bami bafisa ukwazi kabanzi ngomculo engangiwulalela. Empeleni, ubaba waba umngane wami omkhulu, futhi ngangizizwa ngikhululekile ukuxoxa naye ngisho nangezindaba ezibucayi.” Ngokuba umngane wezingane zakho nangokuzisiza zibe abangane bakaJehova, awulahlekelwa yigunya lakho njengomzali. (IHubo 25:14) Izingane zakho ziyobona ukuthi uyazithanda futhi uyazihlonipha, kanti ziyokuthola kulula ukukhuluma nawe nganoma yini.

5. Abafundi bakaJesu babengaba kanjani nokuphila okujabulisayo benza umsebenzi kaJehova?

5 UJesu wayazi ukuthi uma abafundi bakhe benomdlandla ngokukhonza uJehova futhi bematasa ngokushumayela izindaba ezinhle, babeyojabula ngempela. Ngakho wabakhuthaza ukuba bazikhandle emsebenzini wokushumayela, wabathembisa nokuthi wayeyobasiza.Mathewu 28:19, 20.

6, 7. Ubonisa kanjani ukuthi uyazithanda izingane zakho lapho uzifundisa ukuba zibe nesimiso sasikhathi sonke sokukhonza uJehova?

6 Ufuna ukuba izingane zakho zihlale ziseduze noJehova. Kanti uJehova ufuna ukuba uziqeqeshe futhi uziyale. Ukunikeze igunya lokwenza kanjalo. (Efesu 6:4) Ngakho kudingeka uqiniseke ukuthi izingane zakho zikuthola njalo lokho kuqeqeshwa. Cabanga ngalokhu: Uyaqiniseka ukuthi izingane zakho ziyaya esikoleni ngenxa yokuthi uyazi ukuthi imfundo yazo ibalulekile futhi ufuna zijabulele ukufunda izinto ezintsha. Ngokufanayo, uyaqiniseka ukuthi ziba khona emihlanganweni yebandla, imihlangano emikhulu kanye nasekukhulekeleni komkhaya. Kakade, imfundo eziyithola kuJehova ingasindisa ukuphila kwazo. Ngakho zisize zikujabulele ukufunda ngoJehova futhi zibone ukuthi angazifundisa ukuba zihlakaniphe ngempela. (IzAga 24:14) Okunye, qeqesha izingane zakho ukuba zibe khona njalo enkonzweni yasensimini. Lingisa isibonelo sikaJesu ngokuzisiza zikujabulele ukufundisa abanye iZwi likaNkulunkulu.

7 Isimiso sasikhathi sonke sokukhonza uJehova, njengokutadisha, imihlangano yebandla nenkonzo yasensimini, kuyisiza kanjani intsha? U-Erin, ohlala eNingizimu Afrika, uthi: “Thina zingane sasihlale sikhononda ngesifundo seBhayibheli, imihlangano yebandla nangenkonzo yasensimini. Ngezinye izikhathi sasisiphazamisa ngamabomu isifundo somkhaya ukuze singaqhubeki naso. Kodwa abazali bethu abazange bayekethise.” Uyababonga abazali bakhe ngoba bamsiza wabona ukuthi lezi zinto zibaluleke kanjani. Manje noma nini lapho kudingeka aphuthe emhlanganweni webandla noma engakwazi ukuya enkonzweni yasensimini, ulangazelela ukubuyela esimisweni sakhe esivamile ngokushesha ngangokunokwenzeka.

THOBEKA

8. (a) UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayethobekile? (b) Ukuthobeka kukaJesu kwabasiza kanjani abafundi bakhe?

8 Nakuba uJesu ayephelele, wayethobekile futhi watshela abafundi bakhe ukuthi wayedinga usizo lukaJehova. (Funda uJohane 5:19.) Ingabe lokhu kwenza abafundi bakaJesu balahlekelwa yinhlonipho ngaye? Cha. Lapho beqaphela ngokwengeziwe ukuthi wayencika kuJehova, bamethemba nakakhulu. Kamuva, balingisa isibonelo sakhe sokuthobeka.IzEnzo 3:12, 13, 16.

Lapho uvuma amaphutha akho, izingane zakho ziyokuhlonipha

9. Ukuvuma amaphutha akho nokuxolisa kungayisiza kanjani ingane yakho?

9 Ngokungafani noJesu, thina asiphelele futhi senza amaphutha. Ngakho-ke, thobeka. Qonda ukuthi ziningi izinto ongenakukwazi ukuzenza, futhi wavume amaphutha akho. (1 Johane 1:8) Khona-ke, ingane yakho iyofunda ukuvuma amaphutha ayo futhi iyokuhlonipha ngisho nangokwengeziwe. Kakade, ubani wena omhlonipha kakhulu? Umqashi ovumayo ukuthi wenze iphutha noma yilowo ongalokothi athi uyaxolisa? URosemary, onezingane ezintathu, uthi yena nomyeni wakhe babezimisele ukuvuma amaphutha abo. Uyachaza: “Lokho kwenza izingane zethu zakhululeka ukusitshela lapho zinenkinga.” Uyenezela: “Safundisa izingane zethu ukuthi zingazitholaphi izisombululo zezinkinga zazo. Lapho zidinga usizo, sasihlale siziqondisa ezincwadini zethu ezisekelwe eBhayibhelini futhi sithandaze ndawonye.”

10. Wakubonisa kanjani ukuthobeka uJesu ngisho nalapho etshela abafundi bakhe lokho okwakufanele bakwenze?

10 UJesu wayenegunya lokutshela abafundi bakhe okwakumelwe bakwenze. Kodwa ngenxa yokuthi wayethobekile, wayevame ukuchaza ukuthi kungani kufanele bakwenze. Ngokwesibonelo, akazange avele abatshele ukuba bafune kuqala uMbuso nokulunga kukaNkulunkulu. Wabatshela nokuthi: “Khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” Lapho uJesu ebatshela ukuba bayeke ukwahlulela, wachaza: “Ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, nani niyokwahlulelwa ngaso.”Mathewu 6:31–7:2.

11. Ungayisiza kanjani ingane yakho ngokuchaza ukuthi kungani ushaye umthetho noma wenze isinqumo esithile?

11 Thola isikhathi esifanele sokuchazela ingane yakho ukuthi kungani ushaye umthetho noma wenze isinqumo esithile. Lapho isiqonda isizathu, cishe iyofuna ukukulalela. UBarry, owakhulisa izingane ezine, uthi: “Ukuzitshela izizathu izingane kwenza zikwethembe.” Izingane ziyobona ukuthi awubekanga umthetho noma wenza isinqumo ngenxa nje yokuthi unegunya lokwenza kanjalo kodwa ngoba unesizathu esihle salokho. Khumbula nokuthi izingane esezithombile azisebona abantwana abancane. Zifunda indlela yokuzicabangela futhi zifuna ukuzenzela ezazo izinqumo. (Roma 12:1) UBarry uyachaza: “Izingane kudingeka zifunde ukwenza izinqumo eziphusile ezisekelwe ezizathwini kunokuba zishukunyiswe yimizwelo.” (IHubo 119:34) Ngakho thobeka, uyichazele ingane yakho ukuthi kungani wenze isinqumo esithile. Ngaleyo ndlela, ifunda ukwenza ezayo izinqumo futhi iyokwazi ukuthi uyayihlonipha, kanti uyaqaphela nokuthi isikhulile.

YIBA NOKUQONDA

12. Ngenxa yokuthi uJesu wayenokuqonda, wamsiza kanjani uPetru?

12 UJesu wayenokuqonda futhi azi ukuthi abafundi bakhe babedinga luphi usizo. Ngokwesibonelo, lapho uJesu etshela abafundi bakhe ukuthi wayezobulawa, uPetru watshela uJesu ukuba azicabangele. UJesu wayazi ukuthi uPetru wayemthanda, kodwa wayazi nokuthi indlela ayecabanga ngayo yayingafanele. UJesu wamsiza kanjani uPetru nabanye abafundi? Okokuqala, uJesu wamkhuza uPetru. Wabe esechaza lokho okwakuzokwenzeka kulabo abagwema ukwenza intando kaJehova lapho bekuthola kunzima ukwenza kanjalo. UJesu waphinde wathi uJehova wayeyobavuza abangazicabangeli bona kuphela. (Mathewu 16:21-27) UPetru wafunda kulokho.1 Petru 2:20, 21.

13, 14. (a) Yini engase ibonise ukuthi ingane yakho esithombile kudingeka iqinise ukholo lwayo? (b) Ungathola kanjani ukuthi idinga luphi usizo indodana noma indodakazi yakho?

13 Thandazela ukuqonda kuJehova ukuze wazi ukuthi ingane yakho esithombile idinga luphi usizo. (IHubo 32:8) Mhlawumbe uyaqaphela ukuthi ayijabule ngendlela eyayivame ukujabula ngayo noma ikhuluma kabi ngabanye abafowethu. Okukanye unomuzwa wokuthi kunokuthile ekufihlela kona. Ungasheshi ucabange ukuthi ingane yakho yenza into embi ekusithekeni. * Kodwa ungayishalazeleli inkinga noma wethembe ukuthi izodlula. Kungenzeka ukuthi kudingeka uyisize iqinise ukholo lwayo.

Siza ingane yakho izakhele abangane abahle ebandleni (Bheka isigaba 14)

14 Ukuze uthole indlela ongasiza ngayo ingane yakho, buza imibuzo ngomusa nangenhlonipho. Kunjengokukha amanzi emthonjeni ojulile. Uma uwakha bese uwadonsa ngokushesha, ngeke uthole amaningi ngendlela obungathanda ngayo. Ngendlela efanayo, uma ungenaso isineke lapho ubuza imibuzo noma uzama ukuphoqa ingane ukuba ikhulume, ngeke uthole ukuthi icabangani nokuthi izizwa kanjani ngempela. (Funda IzAga 20:5.) U-Ilaria ukhumbula ukuthi lapho esemusha, wayefuna ukuchitha isikhathi esengeziwe nezingane afunda nazo ekilasini kodwa wayazi ukuthi lokho akulungile. Abazali bakhe baqaphela ukuthi kukhona okwakumkhathaza. U-Ilaria uthi: “Ngobunye ubusuku, bamane basho nje ukuthi bayaqaphela ukuthi ngibonakala ngingajabule, futhi bangibuza ukuthi kwenzenjani. Ngaqhumuka ngakhala, ngachaza isimo ngabe sengicela usizo. Banganga, bangitshela ukuthi bayasiqonda isimo futhi bathembisa ukuthi babezongisiza.” Ngokushesha abazali baka-Ilaria baqala ukumsiza ukuba akhe abangane ebandleni.

Bheka izimfanelo ezinhle enganeni yakho bese uyincoma

15. Iyiphi enye indlela uJesu abonisa ngayo ukuthi wayenokuqonda?

15 UJesu wayenokuqonda nalapho eqaphela izimfanelo ezinhle zabafundi bakhe. Ngokwesibonelo, lapho uNathanayeli ezwa ukuthi uJesu wayevela eNazaretha, wathi: “Ingabe kukhona okuhle okungaphuma eNazaretha?” (Johane 1:46) Ukube wawulapho, ingabe wawuyocabanga ukuthi uNathanayeli unombono ongemuhle noma unobandlululo noma ukuthi akanalo ukholo? UJesu akacabanganga kanjalo. Kunalokho, wayenokuqonda futhi azi ukuthi uNathanayeli wayeqotho, ngakho wathi: “Bheka, umIsrayeli ngempela, okungekho nkohliso kuye.” (Johane 1:47) UJesu wayekwazi ukubona okusezinhliziyweni, futhi wasebenzisa lelo khono ukuze abheke izimfanelo ezinhle kubantu.

16. Ungayikhuthaza kanjani ingane yakho esithombile ukuba yenze kangcono?

16 Nakuba ungenakukwazi ukubona okusezinhliziyweni njengoJesu, ungaba nokuqonda. UJehova angakusiza ukuba ubheke izimfanelo ezinhle enganeni yakho. Ngisho noma ingane yakho esithombile ikudumaza, ungalokothi uthi ingumuntu omubi noma iwuhlupho. Ungakucabangi ngisho nakukucabanga lokho ngayo. Kunalokho, yitshele ukuthi uyazibona izimfanelo zayo ezinhle nokuthi uyaqiniseka ukuthi ifuna ukwenza okulungile. Yiqaphele imizamo yayo yokwenza kangcono, bese uyincoma. Yisize ithuthukise izimfanelo zayo ezinhle ngokuyinika imisebenzi eyengeziwe uma kungenzeka. UJesu wenza kanjalo kubafundi bakhe. Ngemva konyaka nengxenye ehlangene noNathanayeli (obizwa nangokuthi uBartholomewu), uJesu wamnika umsebenzi obalulekile. Wamenza umphostoli, futhi uNathanayeli wawenza ngokwethembeka umsebenzi ayewunikwe uJesu. (Luka 6:13, 14; IzEnzo 1:13, 14) Ngakho, kunokwenza ingane yakho esithombile ibe nomuzwa wokuthi ayisoze yakwazi ukukwanelisa, yincome futhi uyikhuthaze. Yenze ibe nomuzwa wokuthi ingakwazi ukukujabulisa, ijabulise noJehova nokuthi ingakwazi ukusebenzisa amakhono ayo ekumkhonzeni.

UKUQEQESHA IZINGANE ZAKHO KUZOKULETHELA INJABULO ENKULU

17, 18. Uma uqhubeka uqeqesha ingane yakho ukuba ikhonze uJehova, ungaba yini umphumela?

17 Ungazizwa ngendlela umphostoli uPawulu azizwa ngayo. Wayekhathazeka kakhulu ngalabo ababenjengezingane zakhe. Laba yilabo ayebasize bafunda ngoJehova futhi wayebathanda kakhulu. Ngakho kwakubuhlungu kuye ukucabanga ukuthi abanye babo kungenzeka bayeke ukukhonza uJehova. (1 Korinte 4:15; 2 Korinte 2:4) UVictor, owakhulisa izingane ezintathu, uthi: “Iminyaka yokuthomba yayingelula neze. Noma kunjalo, izikhathi ezimnandi zazizidlula kude izinselele esasibhekene nazo. Ngosizo lukaJehova, sajabulela ubungane obuqinile nezingane zethu.”

18 Bazali, nisebenza ngokuzikhandla ekuqeqesheni izingane zenu ngoba nizithanda kakhulu. Ningapheli amandla. Cabangani ngenjabulo eniyoba nayo lapho izingane zenu zenza isinqumo sokukhonza uNkulunkulu futhi ziqhubeka zimkhonza ngokwethembeka.3 Johane 4.

^ isig. 13 Abazali bangakuthola kuwusizo ukufunda incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1, ikhasi 317 noMqulu 2, amakhasi 136-141.