Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Yini abavubukuli abayitholile ebonisa ukuthi iJeriko lanqotshwa ngesikhathi esifushane?

UJoshuwa 6:10-15, 20 uthi ibutho lakwa-Israyeli lalimasha lizungeza umuzi waseJeriko kanye ngosuku izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesikhombisa, lazungeza umuzi izikhathi eziyisikhombisa. UNkulunkulu wabe esewisa izindonga zaseJeriko eziqinile, ama-Israyeli abe esewuthumba umuzi. Ingabe kukhona abavubukuli abakutholile okubonisa ukuthi ukuvinjezelwa kweJeriko kwaba kufushane, njengoba iBhayibheli lisho?

Ezikhathini zasendulo, umuzi wawusuke uvinjezelwe lapho ibutho elihlomile lizungeze izindonga zawo, lilungele ukuwuhlasela. Uma ukuvinjezelwa kwawo kudonsa isikhathi eside, abantu ababesemzini babekudla ukudla okuningi ababesuke bekugcinile. Lapho ekugcineni ibutho seliwunqobile umuzi, lalithatha konke elikufunayo, kuhlanganise nanoma yikuphi ukudla okwakusele. Yingakho abavubukuli beye bathola ukudla okuncane kakhulu noma bangakuthola nhlobo emanxiweni emizi yasePalestina eyahlaselwa ngale ndlela. Kodwa amanxiwa aseJeriko ahlukile. I-Biblical Archaeology Review ithi: “Into eyatholakala iningi kakhulu ngemva kokubhujiswa komuzi, ngaphandle kwezinto zobumba, kwaba okusanhlamvu.” Iyanezela: “Ukuthola okusanhlamvu okuningi kangaka akuvamile.”

IBhayibheli lithi ama-Israyeli awazange athathe kudla eJeriko ngoba uJehova wayewayale kanjalo. (Joshuwa 6:17, 18) Liphinde lithi ama-Israyeli ahlasela iJeriko entwasahlobo, ngemva nje kokuvuna, lapho kwakunenqwaba yokusanhlamvu emzini. (Joshuwa 3:15-17; 5:10) Ngakho, iqiniso lokuthi kwakusenenqwaba yokusanhlamvu eJeriko ngemva kokuvinjezelwa kwalo liqinisekisa ukuthi lokho kuvinjezelwa kwaba kufushane, njengoba nje iBhayibheli lisho.