Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli

Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli

 “Uyanda umonakalo obangelwa ukushintsha kwesimo sezulu. Kuya kuba nzima ukuphila emhlabeni.”—The Guardian.

 Abantu babhekene nezinkinga abazibangele bona. Ososayensi abaningi bavumelana ngokuthi izinto ezenziwa abantu yizo ezibangela ukwenyuka kwamazinga okushisa emhlabeni. Lokhu kwenyuka kwamazinga okushisa sekudale ushintsho esimweni sezulu kwabangela nezinhlekelele. Ezihlanganisa lokhu okulandelayo:

  •   Izimo zezulu ezimbi kakhulu nezenzeka njalo, njengokushisa okukhulu, isomiso neziphepho, okube sekubangela izikhukhula nemililo yequbula.

  •   Iqhwa elincibilikayo neqhwa lase-Arctic.

  •   Ukwenyuka kwamazinga okuphakama kwamanzi olwandle.

 Izinkinga ezidalwa isimo sezulu zithinte umhlaba wonke. Ngemva kokuchaza izimo ezikhona emazweni angu-193, umbiko we-New York Times wathi: “Umhlaba wethu ukhalela usizo. Ngenxa yokufa nokuhlupheka okubangelwe ukushintsha kwesimo sezulu, iWorld Health Organization ikuchaza ngokuthi “usongo olukhulu abantu ababhekene nalo.”

 Noma kunjalo, sinesizathu sokuba nethemba ngekusasa. IBhayibheli lazibikezela izinto ezenzeka namuhla, nokuthi kungani singalindela ukuba uNkulunkulu angenele nalokho azokwenza ukuze avikele ikusasa lethu.

Ingabe ukushintsha kwesimo sezulu kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli?

 Yebo. Izinkinga ezibangelwe ukwenyuka kwamazinga okushisa zifana nse nalokho okwabikezelwa iBhayibheli ngesikhathi sethu.

 Isiprofetho: UNkulunkululu ‘uyobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’—IsAmbulo 11:18., umbhalo waphansi.

 IBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyoba nesikhathi lapho izenzo zabantu zaziyocishe ziwuqothule umhlaba. Ngenxa yokwenyuka kwamazinga okushisa emhlabeni wonke, abantu bawucekela phansi umhlaba ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili.

 Lesi siprofetho sisitshela isizathu esenza ukuba abantu bangakwazi ukuxazulula izinkinga zomhlaba. Phawula ukuthi uNkulunkulu uyothatha isinyathelo ngesikhathi abantu “besacekela phansi umhlaba.” Kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inqubekela phambili abantu abanezinhloso ezinhle abayenzile ukuze balwe nokushintsha kwesimo sezulu, ngeke lokho kuvimbe abantu ukuba bayeke ukucekela phansi umhlaba.

 Isiprofetho: “Kuyoba khona imibono eyesabekayo.”—Luka 21:11.

 IBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyoba khona “imibono eyesabekayo” nezenzakalo ezethusayo esikhathini sethu. Ukushintsha kwesimo sezulu kubangele izimo zezulu ezethusayo emhlabeni wonke. Namuhla, abanye abantu banovalo olungapheli lokuthi, izimo zizoba zimbi kakhulu, kushabalale yonke into emhlabeni.

 Isiprofetho: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, . . . abakhapheli, abanenkani.”—2 Thimothewu 3:1-4.

 IBhayibheli lazibikezela izimfanelo nokuziphatha okubangele lolu shintsho lwesimo sezulu. Ohulumeni nabezamabhizinisi babeka ezomnotho phambili bangacabangi ngezizukulwane ezizayo. Ngisho nalapho bezama ukuhlanganisa amakhanda, abakwazi ukuvumelana ngokufanele kwenziwe ukuze kunqandwe ukwenyuka kwamazinga okushisa.

 Lesi siprofetho siveza ukuthi akufanele silindele ukuba abantu bashintshe izenzo zabo ukuze bavikele umhlaba. Kunalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi abantu abazicabangela bona “bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.”—2 Thimothewu 3:13.

Yini esenza siqiniseke ngokuthi uNkulunkulu uzokwenza okuthile

 IBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova a uNkulunkulu, uMdali wethu, uwuthanda kakhulu umhlaba nabantu abahlala kuwo. Cabanga ngamavesi amathathu eBhayibheli abonisa ukuthi uNkulunkulu uzokwenza okuthile.

  1.  1. UNkulunkulu ‘akawudalelanga ize [umhlaba] kodwa wawubumba ukuze kuhlalwe kuwo.’—Isaya 45:18.

     UNkulunkulu uzoyifeza injongo yakhe ngomhlaba. (Isaya 55:11) Ngeke avume ukuthi kuphele ngawo noma ukuthi kungahlaleki kuwo.

  2.  2. “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo. Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:11, 29.

     UNkulunkulu uthembisa ukuthi abantu bazohlala emhlabeni onokuthula kuze kube phakade.

  3.  3. “Ababi bayonqunywa emhlabeni.”—IzAga 2:22.

     UNkulunkulu uthembisa ukubaqeda abantu abenza okubi, kuhlanganise nabacekela phansi umhlaba.

Lokho uNkulunkulu azosenzela khona ngekusasa lethu

 UNkulunkulu uzozigcwalisa kanjani izithembiso zakhe ngomhlaba? Uzosebenzisa uhulumeni womhlaba wonke obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 6:10) Lowo Mbuso uzobusa usezulwini. Ngeke kudingeke uxoxisane nohulumeni babantu ngezindaba eziphathelene nomhlaba nemvelo. Kunalokho, uMbuso kaNkulunkulu uyothatha indawo yohulumeni babantu.—Daniyeli 2:44.

 UMbuso kaNkulunkulu uyizindaba ezinhle kuso sonke isintu kanye nasemvelweni. (IHubo 96:10-13) Cabanga ngalokho uJehova uNkulunkulu azokwenza esebenzisa uMbuso wakhe.

  •   Uzolungisa umhlaba

     Okushiwo iBhayibheli: “Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni.”—Isaya 35:1.

     Lokho okukushoyo ngekusasa lethu: UJehova uzowulungisa umhlaba, ngisho nezindawo abantu abazimoshe kakhulu.

  •   Uzolawula izimo zezulu ezimbi kakhulu

     Okushiwo iBhayibheli: “[UJehova] uthulisa isivunguvungu; amagagasi olwandle ayathula.”—IHubo 107:29.

     Lokho okukushoyo ngekusasa lethu: UJehova unamandla okulawula isimo sezulu. Abantu ngeke besahlushwa izimo zezulu ezixakile.

  •   Uzofundisa abantu indlela ekahle yokunakekela umhlaba

     Okushiwo iBhayibheli: “Ngiyokunika ukuqonda, ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo.”—IHubo 32:8.

     Lokho okukushoyo ngekusasa lethu: UJehova unike abantu isibopho sokunakekela umhlaba. (Genesise 1:28; 2:15) Uzosifundisa indlela enhle yokunakekela indalo yakhe nokuphila ngendlela engeke ilimaze umhlaba.

a Igama elithi Jehova elikaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?