Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Usizi Lwababaleki—Kubaleka Izigidi Zabantu E-Ukraine

Usizi Lwababaleki—Kubaleka Izigidi Zabantu E-Ukraine

 Ngomhla ka-24 Febhuwari 2022, iRussia yaqala ukuhlasela i-Ukraine, okwenza izigidi zabantu zabaleka ngenxa yokuthi ukuphila kwazo kwakusengozini. a

 “Kwakuqhuma amabhomu. Kunzima nokuyichaza ngamazwi indlela esasethuke ngayo. Lapho sithola ukuthi kunezitimela ezithutha abantu, sanquma ukuhamba. Umuntu ngamunye, kwadingeka athathe ubhakha nje omncane. Sakwazi ukuthatha kuphela amadokhumenti, imithi, amanzi, nezinto zokuthiphazisa indlala. Sashiya yonke into saya esiteshini sesitimela, amabhomu eqhuma ngapha nangapha.”—UNataliia, waseKharkiv, e-Ukraine.

 “Sasilokhu sizitshela ukuthi ngeke ibe khona impi. Ngezwa ukuqhuma kwezinye izindawo, kwandindizela amawindi. Nganquma ukuhamba, ngathatha kuphela izinto ezidingekayo. Ngasuka endlini ngo-8:00 ekuseni ngagibela isitimela esiya eLviv ngabe sengigibela ibhasi eliya ePoland.”—UNadija, waseKharkiv, e-Ukraine.

Kulesi sihloko

 Yini ngempela ebangela lolu sizi lwababaleki?

 Usizi lwababaleki e-Ukraine lwabangelwa ukuhlasela kwamasosha aseRussia. Kodwa iBhayibheli lembula umsuka noma imbangela yalo lonke lolu sizi lwababaleki:

  •   Ohulumeni emhlabeni wonke bahlulekile ukubusa abantu. Abantu ababusayo bavame ukuwasebenzisa kabi amandla abo bacindezele abanye.—UmShumayeli 4:1; 8:9.

  •   USathane uDeveli, “umbusi waleli zwe,” unalelo thonya elibi kubantu, iBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.”—Johane 14:30; 1 Johane 5:19.

  •   Naphezu kwezinkinga esezibahluphe isikhathi eside abantu, manje siphila esikhathini esabikezelwa yiBhayibheli: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Okubi nakakhulu, ukuthi lezi nsuku kwathiwa ziyobonakala ngezimpi, izinhlekelele zemvelo, ukusweleka kokudla nezifo eziwumshayabhuqe—okuyizenzakalo ezenza abantu bashiye amakhaya.—Luka 21:10, 11.

 Ababaleki bangalitholaphi ithemba?

 IBhayibheli lembula ukuthi uMdali wethu, uJehova, b unguNkulunkulu onothando futhi obazwelayo ababaleki nabantu abashiye amakhaya abo. (Duteronomi 10:18) Uthembisa ukuthi uzozilungisa izinkinga zababaleki esebenzisa uhulumeni wakhe wasezulwini, obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu, ozothatha indawo yohulumeni babantu. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10) UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze aqede ngoSathane uDeveli. (Roma 16:20) Lowo Mbuso uyoba uhulumeni womhlaba wonke, uqede ukwahlukana okubangelwa imingcele yamazwe. Bonke abantu bazoba umndeni womhlaba wonke onobunye. Akekho noyedwa okuyophinde kudingeke ashiye umuzi wakhe, ngoba iBhayibheli lithembisa ukuthi: “Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza besabe, ngoba umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.”—Mika 4:4.

 NguMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoluqeda unomphela usizi lwababaleki esilubona namuhla. UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze aqede izinkinga ezenza kube nababaleki. Nazi ezinye zazo:

  •   Impi. “[UJehova] uqeda izimpi.” (IHubo 46:9) Ukuze uthole ukuthi uNkulunkulu uzoziqeda kanjani, funda isihloko esithi “Ukuthula Emhlabeni—Kuyofika Kanjani?

  •   Ukucindezelwa nodlame. “Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.” (IHubo 72:14) Ukuze uthole ukuthi abantu bangayiyeka kanjani imikhuba okunzima ukuyiyeka, funda izihloko ezikwesithi “Ukunqoba Ukuzondana Okungapheli.”

  •   Ukuhlupheka. ‘[UJehova] uyokhulula ompofu okhalela usizo.’ (IHubo 72:12) Ukuze uthole indlela uNkulunkulu azoziqeda ngayo izimbangela zokuhlupheka, funda isihloko esithi “Ingabe Isimo Sezomnotho Esanelisa Bonke Abantu Siyoke Sibe Khona?

  •   Ukusweleka kokudla. “Kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni.” (IHubo 72:16) Ukuze uthole ukuthi uNkulunkulu uzoqikelela kanjani ukuthi akekho umuntu obulawa yindlala, funda isihloko esithi “Ingabe Liyoke Libe Khona Izwe Elingenayo Indlala?

 IBhayibheli lingabasiza yini ababaleki namuhla?

 Yebo. IBhayibheli aligcini nje ngokubanika ithemba eliqinisekile lekusasa, lingaphinde libasize babhekane nezinkinga namuhla.

 Okushiwo iBhayibheli: “Oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

 Incazelo: Cabanga kusengaphambili ngezinkinga ongase ubhekane nazo, nangendlela ozozisingatha ngayo. Qaphela izigebengu ezisizakala ngesimo sababaleki endaweni yabo entsha.

 Okushiwo iBhayibheli: “Uma sinokudla nezingubo zokugqoka, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.

 Incazelo: Gwema ukugxila ezintweni ongenazo. Uma wanelisekile ngokuncane onakho, uzojabula.

 Okushiwo iBhayibheli: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze kubo.”—Mathewu 7:12.

 Incazelo: Yiba nesineke nomusa. Lokho kuzokwenza kube lula ukuthi abanye emphakathini bakuhloniphe futhi bakwamukele.

 Okushiwo iBhayibheli: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.”—Roma 12:17.

 Incazelo: Ungayivumeli intukuthelo ikwenze uziphindiselele lapho uhlukunyezwa. Lokho kuzokwenza isimo sibe sibi nakakhulu.

 Okushiwo iBhayibheli: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

 Incazelo: UNkulunkulu makabe obaluleke kakhulu ekuphileni kwakho, uthandaze kuye. Angakunika amandla okubhekana nesimo.

 Okushiwo iBhayibheli: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu.”—Filipi 4:6, 7.

 Incazelo: Cela uNkulunkulu akunike ukuthula kwengqondo nokwangaphakathi kunoma yini obhekana nayo. Bheka isihloko esithi “Filipi 4:6, 7—‘Ningakhathazeki Ngalutho.’”

a Ngosuku olulandelayo ngemva kokuhlasela, i-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) yathi lesi yisimo esiphuthumayo esizedlula zonke. Ezinsukwini nje ezingu-12, ababaleki abangaphezu kwezigidi ezimbili bashiya i-Ukraine baya emazweni aseduze, kwathi abanye abayisigidi babalekela kwezinye izingxenye zezwe.

b Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?