Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

FPG/The Image Bank via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Osopolitiki Bathi Isiseduze I-Armagedoni—Lithini IBhayibheli?

Osopolitiki Bathi Isiseduze I-Armagedoni—Lithini IBhayibheli?

 NgoMsombuluko ekuseni mhla ka-10 Okthoba, 2022, iRussia yabhomba amadolobha ase-Ukraine. Lokho kwenzeka ngemva kokuba ezinsukwini ezimbili ngaphambi kwalokho kubhonjwe ibhuloho elisetshenziswa kakhulu elihlanganisa iCrimea neRussia. Lokhu kwenzeka nje asikakugwinyi ngisho nokukugwinya okushiwo osopolitiki, ukuthi kungenzeka isiseduze i-Armagedoni.

  •   “Sagcina ukuba sengcupheni ye-Armagedoni ngesikhathi [sikamongameli wakuleli uJohn F.] Kennedy, phakathi nezinxushunxushu zokuqhunyiswa kwamabhomu ayeseCuba. . . . Angiboni ukuthi kukhona umuntu [ongasebenzisa] isikhali senuzi bese kungabi ne-Armagedoni.”—Umongameli wase-U.S. uJoe Biden, Okthoba 6, 2022.

  •   “Ngiyavuma ukuthi lokhu kungabangela i-Armagedoni, kufaka umhlaba wonke engcupheni.”—Umongameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky, ngesikhathi ebuzwa ngomonakalo ongadalwa ukusebenzisa izikhali zenuzi, izindaba ze-BBC, Okthoba 8, 2022.

 Ukusetshenziswa kwezikhali zenuzi kungaholela yini empini ye-Armagedoni? Lithini iBhayibheli?

Ingabe izikhali zenuzi zizoqubula impi ye-Armagedoni?

 Cha. Igama elithi “Armagedoni” livela kanye kuphela eBhayibhelini encwadini yesAmbulo 16:16. Alibhekiseli empini ephakathi kwezizwe kodwa libhekisela empini ezoba phakathi kukaNkulunkulu ‘namakhosi omhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 16:14) UNkulunkulu uzosebenzisa impi ye-Armagedoni ukuze aqede ukubusa kwabantu.—Daniyeli 2:44.

 Ukuze ufunde kabanzi ngokuthi umhlaba uzothinteka kanjani ngokufika kwe-Armagedoni, funda isihloko esithi Iyini Impi Ye-Armagedoni?

Ingabe umhlaba nabantu abahlala kuwo kuzobhujiswa yimpi okusetshenziswa kuyo izikhali zenuzi?

 Cha. Nakuba ababusi bengase bazisebenzise izikhali zenuzi esikhathini esizayo, uNkulunkulu ngeke avume ukuba umhlaba ubhujiswe. IBhayibheli lithi:

  •   “Umhlaba uhlala kuze kube phakade.”—UmShumayeli 1:4.

  •   “Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

 Noma kunjalo, isiprofetho seBhayibheli nezinto ezenzekayo manje kubonisa ukuthi itshe selizogaya ngomunye umhlathi. (Mathewu 24:3-7; 2 Thimothewu 3:1-5) Zibonele mathupha lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa esifundweni sethu samahhala seBhayibheli.