Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Comstock Images/Stockbyte via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Uzokhetha Muphi Umholi?—Lithini IBhayibheli?

Uzokhetha Muphi Umholi?—Lithini IBhayibheli?

 Emasontweni ambalwa azayo, kuzobe kunokhetho ezindaweni ezihlukahlukene. Sikhuluma nje, abantu benza izinqumo ezibalulekile eziphathelene nokuthi yimuphi umholi abazomkhetha.

 Lithini IBhayibheli?

Kunezinto abaholi abangabantu abangeke bazenze

 IBhayibheli liziveza ngokusobala izinto abaholi abangabantu abangeke bazenze.

  •   “Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu, engenakukwazi ukusindisa. Umoya wayo uyaphuma, iphindele emhlabathini; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala.”—IHubo 146:3, 4, umbhalo waphansi.

 Ngisho nabaholi abanekhono bayafa, bebe bengenaso ngisho isiqinisekiso sokuthi labo ababalandelayo bazoqhubeka nayo imisebenzi yabo emihle.—UmShumayeli 2:18, 19.

 Iqiniso yileli elishiwo yiBhayibheli, elithi abantu abasoze bakwazi ukuzibusa.

  •   “[Umuntu] akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.

 Ukhona yini umuntu ongaba umholi okahle esikhathini sethu?

Umholi okhethwe uNkulunkulu

 IBhayibheli liyachaza ukuthi uNkulunkulu ukhethe umholi onekhono nothembeke ukwedlula bonke abanye abaholi: uJesu Kristu. (IHubo 2:6) UJesu uyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, okunguhulumeni obusa usezulwini.—Mathewu 6:10.

 Uzomkhetha yini uJesu ukuba abe umholi wakho? IBhayibheli liyasho ukuthi kungani lesi sinqumo sibalulekile:

  •   “Hloniphani indodana [uJesu Kristu], ukuze uNkulunkulu angavuthi ngolaka bese nishabalala endleleni, ngoba intukuthelo yakhe igqamuka ngokushesha. Bayajabula bonke abaphephela kuye.”—IHubo 2:12.

 Kufanele usenze manje isinqumo. Isiprofetho esiseBhayibhelini sibonisa ukuthi uJesu waqala ukubusa ngo-1914 nokuthi uMbuso kaNkulunkulu uzobusa esikhundleni sabo bonke ohulumeni babantu.—Daniyeli 2:44.

 Funda isihloko esithi “Khetha Ukusekela UMbuso KaNkulunkulu Manje!” ukuze uthole ukuthi ungabusekela kanjani ubuholi bukaJesu.