Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

E+/taseffski/via Getty Images (Stock photo. Posed by model.)

HLALANI NILINDILE!

Ukwanda Okushaqisayo Kokuphazamiseka Komqondo Entsheni—Lithini IBhayibheli?

Ukwanda Okushaqisayo Kokuphazamiseka Komqondo Entsheni—Lithini IBhayibheli?

 NgoMsombuluko, ngomhla ka-13 Febhuwari, 2023, i-Centers for Disease Control and Prevention (CDC) e-United States ikhiphe umbiko omayelana nokusebenza kwengqondo entsheni yase-U.S. Wathi ingaphezu kwamaphesenti angu-40 intsha efunda esikoleni samabanga aphakeme ehlushwa izinsizi nokuphelelwa ithemba.

 “UDkt. Kathleen Ethier, ongumqondisi we-CDC’s Division of Adolescent and School Health (DASH) uthi, “Nakuba besilokhu sikuphawula ukwanda kokucindezeleka komqondo entsheni kule minyaka eyishumi edlule, izibalo ezihlobene nokuphazamiseka komqondo kanye nezimo ezihlobene nokuzibulala ezibikwe intsha engamantombazane, sezenyuke ngezinga ezingakaze zenyuke ngalo ngaphambili.”

 Umbiko waphawula lokhu:

  •   Amantombazane angamaphesenti angu-14 ake aphoqwa ukuba aye ocansini engafuni. UDkt. Ethier uthi, “Lokhu kusivula amehlo, ngoba kusho ukuthi emantombazaneni angu-10 owaziyo, eyodwa yawo, kungenzeka yake yadlwengulwa.”

  •   Cishe intombazane eyodwa kwamathathu (amaphesenti angu-30) ike yafikelwa umcabango onamandla wokuzibulala.

  •   Cishe amantombazane amathathu kwamahlanu (amaphesenti angu-57) ake aba nosizi olubeleselayo noma aphelelwa ithemba.

 Lezi zibalo zisizwisa ubuhlungu obukhulu. Intsha kufanele engabe iyajabula ngobusha bayo. Yini engasiza intsha ilwe nezingcindezi ezikhona namuhla? Lithini iBhayibheli?

IBhayibheli linikeza intsha usizo

 IBhayibheli lizichaza kahle izikhathi ezinzima esiphila kuzo namuhla. Lizibiza ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1-5) Noma kunjalo, iBhayibheli linezeluleko ezingaphelelwa isikhathi ezisiza izigidi zentsha emhlabeni ukuba zibhekane ngokuphumelelayo nezingcindezi. Cabanga nganazi izihloko ezisekelwe eBhayibhelini.

 Usizo lwentsha ecabanga ukuzibulala

 Usizo lwentsha ehlushwa isifo sokucindezeleka, ukudangala noma ukungajabuli

 Usizo lwentsha exhashazwayo

 Usizo lwentsha ebhekene nokuhlukunyezwa ngokocansi

IBhayibheli linikeza abazali usizo

 IBhayibheli liphinde linikeze abazali usizo ukuze basize izingane zabo zibhekane nezinkinga zokuphila. Cabanga nganazi izihloko ezilandelayo ezisekelwe eBhayibhelini.