Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thai Liang Lim/E+ via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ingabe Izinkundla Zokuxhumana Zilimaza Ingane Yakho?—Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo Abazali

Ingabe Izinkundla Zokuxhumana Zilimaza Ingane Yakho?—Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo Abazali

 “Izifo zengqondo ziyinkinga ekhula ngokushesha kubantu abasebasha futhi izinkundla zokuxhumana zingenye yezimbangela eziyinhloko zale nkinga.”—UDkt. Vivek Murthy, udokotela omkhulu ohlinzayo wase-U.S, i-New York Times, yangoJuni 17, 2024.

 Abazali bangazivikela kanjani izingane zabo ezingozini zezinkundla zokuxhumana? IBhayibheli linikeza izeluleko ezisebenzayo.

Lokho Abazali Abangakwenza

 Cabanga ngalokho okushiwo iBhayibheli.

 “Okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

 Ngenxa yobungozi bezinkundla zokuxhumana, ungazizwa ucindezelekile ukuba uvumele ingane yakho isebenzise izinkundla zokuxhumana. Ngaphambi kokuvumela ingane yakho isebenzise izinkundla zokuxhumana, qiniseka ukuthi ikhule ngokwanele ukuba ingakwazi ukulandela imithetho oyibekela yona ngesikhathi engasichitha isezinkundleni zokuxhumana, izokwazi ukuqhubeka inabangani abahle nokugwema ukubuka izinto ezingcolile.

 ‘Sisebenzise kahle isikhathi sakho.’—Efesu 5:16.

 Uma uvumela ingane yakho ukuba izisebenzise izinkundla zokhumana, beka imithetho yokuthi izozisebenzisa kanjani, bese uyayichazela ukuthi le mithetho izoyivikela kanjani ingane yakho. Yibe usunaka indlela ingane yakho eziphatha ngayo ukuze uzobona uma kwenzeka kuba noshintsho endleleni eziphatha ngayo olungase ludinge uyinciphisele isikhathi esichitha ezinkundleni zokuxhumana.

Funda okwengeziwe

 IBhayibheli lithi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Nokho, liphinde lisinike izeluleko ezisebenzayo ezingasiza sikwazi ukubhekana nalezi zimo. Uhlu lwezihloko ezisekelwe eBhayibhelini ezingaphezu kuka-20 ezenzelwe abazali nezingane zabo zingatholakala kulesi sihloko esikhuluma ngezifo zengqondo entsheni.