Dlulela kokuphakathi

Ingabe Kufanele Ngithandaze Kosanta?

Ingabe Kufanele Ngithandaze Kosanta?

Impendulo YeBhayibheli

Cha. IBhayibheli libonisa ukuthi kufanele sithandaze kuNkulunkulu kuphela, egameni likaJesu. UJesu wathi kubafundi bakhe: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Akakaze ayale abafundi bakhe ukuba bathandaze kosanta, ezingelosini noma kunoma ubani omunye ngaphandle kukaNkulunkulu.

UJesu waphinde wathi kubalandeli bakhe: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) UJesu kuphela ogunyazwe uNkulunkulu ukuba abe umlamuleli wethu.—Hebheru 7:25.

Kuthiwani uma ngithandaza kuNkulunkulu nakosanta?

EMithethweni Eyishumi, uNkulunkulu wathi: “Mina-Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu.” (Eksodusi 20:5) UNkulunkulu ‘unomhawu’ ngayiphi indlela? Umbhalo waphansi we-New American Bible uthi “ufuna ukuzinikela kuye kuphela.” UNkulunkulu ufuna izenzo zokuzinikela noma zokukhulekela—kuhlanganise nomthandazo—ziqondiswe kuye yedwa.—Isaya 48:11.

Siyamcasula uNkulunkulu uma sithandaza kunoma ubani omunye, ngisho nakosanta noma izingelosi ezingcwele. Lapho umphostoli uJohane ezama ukukhulekela ingelosi, ingelosi yamkhuza yathi: “Musa! Ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu. Khuleka kuNkulunkulu.”—IsAmbulo 19:10, IBhayibheli LesiZulu Elivamile.