Dlulela kokuphakathi

Umsebenzi Wokwakha EWallkill NaseWarwick Uqhubekela Phambili

Umsebenzi Wokwakha EWallkill NaseWarwick Uqhubekela Phambili

Imisebenzi emibili yokwakha ebalulekile yoFakazi BakaJehova e-United States iqhubekela phambili ngenxa yokuzikhandla kwezisebenzi zokuzithandela ezivela kulo lonke leli.

EWallkill, eNew York: Kulesi sakhiwo kuhlala oFakazi abangaphezu kuka-1600 futhi siyindawo okunyatheliswa kuyo izincwadi zoFakazi BakaJehova e-United States. Ukuze kwandiswe umsebenzi eWallkill, izisebenzi zokwakha​—iningi lazo eliyizisebenzi zokuzithandela​—zakha isakhiwo esisha samahhovisi esinezitezi ezintathu, indawo yokupaka izimoto nesakhiwo sokuhlala esinezitezi ezintathu okuzohlala kuso abantu abasebenza lapha. Ngo-2012 izisebenzi zokuzithandela zase ziqedile ukwakha isakhiwo okugcinwa kuso imishini kagesi nokukhulisa ihholo lokudlela ukuze kuhlale abantu abangu-200 abengeziwe.

OFakazi BakaJehova banezakhiwo zokuqondisa, ezaziwa ngokuthi amahhovisi amagatsha emazweni amaningi, kuhlanganise iBrazil, iJalimane neMexico. E-United States, izakhiwo zoFakazi BakaJehova zihlanganisa nesikhungo semfundo ePatterson, eNew York, namahhovisi eBrooklyn, eNew York. Lapho ukukhuliswa kwesakhiwo sekuqediwe, iWallkill izoba isakhiwo esikhulu kunazo zonke emhlabeni ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova.

EWarwick, eNew York: Lesi sakhiwo sizoba indlunkulu yomhlaba wonke entsha yoFakazi BakaJehova. Izakhiwo ezingenalutho ezazikule ndawo zabhidlizwa. OFakazi bathole umhlaba abazogcina kuwo imishini namathuluzi okwakha, endaweni eqhele ngamakhilomitha ayishumi, eTuxedo, eNew York. Iziphathimandla zakuleyo ndawo zisamukele isitatimende esichaza ukuthi umsebenzi ngeke wonakalise imvelo. Ngemva kokuba amapulani okwakha egunyaziwe, kuzokwenziwa isicelo sokwakha. Okwamanje, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova iseseBrooklyn, eNew York.