Dlulela kokuphakathi

Ingabe UDeveli Angabalawula Abantu?

Ingabe UDeveli Angabalawula Abantu?

Impendulo yeBhayibheli

UDeveli namademoni bathonya abantu kangangokuthi iBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) IBhayibheli liveza izindlela uDeveli athonya ngazo abantu.

  • Ukukhohlisa. IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba “[amelane] ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11) Elinye lamaqhinga akhe ukukhohlisa abantu ukuze bakholelwe ukuthi amanxusa akhe ayizikhonzi zikaNkulunkulu.​—2 Korinte 11:13-15.

  • Ukusebenzelana nemimoya. UDeveli udukisa abantu esebenzisa labo abaxhumana nemimoya, ababikezela ngekusasa nalabo ababhula ngezinkanyezi. (Duteronomi 18:10-12) Ukusebenzisa izidakamizwa, ukulutha ingqondo nokuzindla ngezindlela ezikwenza ususe konke okusengqondweni nakho kwenza umuntu alawulwe amademoni.​—Luka 11:24-​26.

  • Inkolo yamanga. Izinkolo ezifundisa amanga zenza abantu ukuba bangamlaleli uNkulunkulu. (1 Korinte 10:20) IBhayibheli libiza lezo zinkolelo zamanga ngokuthi ‘izimfundiso zamademoni.’​—1 Thimothewu 4:1

  • Ukulawulwa amademoni. IBhayibheli lilandisa ngabantu ababelawulwa imimoya emibi. Ngezinye izikhathi abantu ababelawulwa amademoni babeba izimpumputhe noma izithulu noma baze bazilimaze.​—Mathewu 12:22; Marku 5:2-5.

Indlela yokugwema ithonya lamaDemoni

Akudingeki ukuba ukwesabe ukulawulwa amademoni ngoba iBhayibheli liyabonisa ukuthi ungamelana kanjani ngokuphumelelayo noDeveli:

  • Funda ukubona amaqhinga kaDeveli ukuze ungabi ‘ongenalwazi ngamacebo akhe.’​—2 Korinte 2:11.

  • Thola ulwazi eBhayibheli futhi usebenzise okufundayo. Ukusebenzisa imithetho yeBhayibheli kuyokuvikela ethonyeni likaDeveli.​—Efesu 6:11-18.

  • Lahla konke okuhlobene nokusebenzelana namademoni. (IzEnzo 19:19) Lokho kuhlanganisa umculo, izincwadi, omagazini, izithombe nama-video akhuthaza ukusebenzelana nemimoya.