Dlulela kokuphakathi

Ukuvikela Izilwane Nemvelo EWarwick

Ukuvikela Izilwane Nemvelo EWarwick

OFakazi BakaJehova sebeqalile ukwakha isakhiwo sendlunkulu yabo yomhlaba wonke entsha ngaseChibini iSterling Forest (noma iBlue Lake) endaweni yasemaphandleni eNew York State. Bazivikela kanjani izilwane nemvelo?

OFakazi bakhele indawo abakhela kuyo uthango lwesikhashana ukuze bavimbele izinyoka ezibizwa ngokuthi ama-timber rattlesnake, izimfudu okuthiwa ama-eastern box turtle nama-wood turtle ukuba angangeni endaweni engase ibeke ukuphila kwawo engozini. Lolu thango luyahlolwa njalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi izilwane azikwazi ukungena bese zivaleleka ngaphakathi. Lapho uphela umsebenzi wokwakha futhi lususwa lolu thango, kuzocelwa othile oqeqeshiwe ukuba asuse noma iziphi izinyoka ezizotholakala ziseduze kothango ziyiswe kwenye indawo ngokuphephile.

Inyoni ebizwa ngokuthi i-eastern bluebird

Kuye kwagawula izihlahla phakathi nobusika ukuze izinyoni okuthiwa ama-eastern bluebird zingaphazamiseki phakathi nenkathi yokwakha izidleke. Lapho umsebenzi wokwakha usuphothuliwe, oFakazi bazokwakha izidleke ukuze bakhuthaze izinyoni ukuba zibuye.

Baye bahlola futhi bagugula izindawo ezithile phakathi kuka-October no-March ukuze bavumele noma iyiphi imbewu yembali ebizwa ngokuthi i-hyssop skullcap ukuba isakazeke futhi imile kahle. Isimiso salokho okufanele kwenziwe siyalandelwa ngisho noma kungekho sitshalo salolu hlobo esike satholakala kule ndawo yesakhiwo saseWarwick kusukela ngo-2007.

IChibi iSterling Forest, elingasemngceleni walesi sakhiwo, lihlala izinhlobonhlobo zamadada abizwa ngokuthi ama-waterfowl kanye nezinhlanzi, ezinjenge-trout, i-bass, i-pickerel ne-perch. Ukuze kuvikelwe ichibi, abaklami basebenzise izindlela ezihlukahlukene zokwakha ezingayilimazi imvelo. Lokhu kuhlanganisa ukutshala izimila ophahleni lwezakhiwo, okuhlunga ukungcola emanzini emvula futhi kunciphise nokugeleza kwamanzi.

UFakazi osebenza ngokuqondile kulo mkhakha uthi, “Nakuba ukwakha ngale ndlela kuzodinga ukuhlela okwengeziwe nesikhathi, sizimisele ukuvikela imvelo kulesi sakhiwo saseWarwick.”