Dlulela kokuphakathi

Umbukiso 2 Wezithombe ZaseWarwick (Ka-September Kuya Ku-December 2014)

Umbukiso 2 Wezithombe ZaseWarwick (Ka-September Kuya Ku-December 2014)

Kulo mbukiso wezithombe, uzobona ukuthi umsebenzi uthuthuke kanjani endlunkulu entsha yoFakazi BakaJehova phakathi kuka-September no-December 2014.

Umdwebo wendawo yaseWarwick lapho isiphothuliwe. Ukusuka phezulu kuya kwesobunxele:

  1. ISakhiwo Sokulungisa Izimoto

  2. ISakhiwo Sendawo Yokupaka Yezivakashi

  3. ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

  4. ISakhiwo Sokuhlala B

  5. ISakhiwo Sokuhlala D

  6. ISakhiwo Sokuhlala C

  7. ISakhiwo Sokuhlala A

  8. Amahhovisi Okuqondisa/ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

September 11, 2014​—ISakhiwo Sendawo Yokupaka Yezivakashi

Kuhlanganiswa izinsika zophahla lwesakhiwo sokuhlala C kusentshenziswa izinsimbi.

September 18, 2014​—Indawo yesakhiwo saseWarwick

Ukubukeka kwendawo ngasekupheleni kwalapho kusentshenzwa khona eningizimu, ubheke enyakatho ngaseSterling Forest Lake (iBlue Lake). Kunama-crane angu-13 asebenzayo ngesikhathi esisodwa. Nganeno kwesithombe, kuqedelwa ukufakwa kukakhonkolo wesisekelo sesakhiwo sokuhlala B.

September 26, 2014​—Amahhovisi Okuqondisa/ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Kulungiselelwa ukufakwa kwemishawo namapulangwe ensimbi. Umklamo wezinsimbi osetshenziswe emahhovisi okuqondisa noma esakhiwo sezinkonzo zomkhaya kuzokwenza kuvuleke kahle indawo futhi kusheshiswe nohlelo lokwakha.

October 9, 2014​—Indawo yesakhiwo saseWarwick

Izisebenzi zihlanganisa izinsimbi zophahla oluphelele lwesakhiwo sokuhlala C, zizimboza ngokusazinkethe kanye nokusapulasitini ozovimba amanzi angangeni. Ngemumva, ngakwesobunxele, kwenziwa ingxenye yophahla.

October 15, 2014​—Amahhovisi Okuqondisa/ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Abenkontileka bafaka imishawo yensimbi ngasekhoneni eliseningizimu ntshonalanga yesakhiwo. Le ngxenye yesakhiwo izoba nekhishi, indlu yokudlela, ilondolo neminyango yezinkonzo zomkhaya.

October 15, 2014​—Indawo yesakhiwo saseWarwick

Kudluliswelwa umshanelo kumsebenzi ofaka amaphayipi okuthutha indle.

October 20, 2014​—Indawo yesakhiwo saseWarwick

Lolu donga lwesikhashana lwakhiwa ngenjongo yokuprakthiza indlela oluzohlanganiswa ngayo, umbala wodaka lukasimende nokubeka izitini ezizosenzenziswa. Lwasetshenziswa nasekuboniseni omeselane abasha indlela okuzokwenziwa ngayo. Lapha, lolu donga luyabhidlizwa emva kokuba seluwenzile umsebenzi walo.

October 31, 2014​—ISakhiwo SokuhlalaC

Ingxenye yophahla esihlanganisiwe kakade iqukulwa i-crane ifakwa endaweni yayo. Ukwakheka okusanxantathu ngasemaceleni kophahla lwezakhiwo zokuhlala kwenza kubukeke kahle uma ubukela kude.

November 7, 2014​—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Ithange lamafutha noma uphethiloli elingamalitha angu-95000 libekwa endaweni yalo. Uphethiloli okulamathange uzosetshenziswa emathangini okubilisa.

November 12, 2014​—ISakhiwo SokuhlalaC

Ukubukeka kwesakhiwo sibheke eningizimu, kubonakala neBlue Lake ecupheni elingakwezokudla esithombeni. Kusetshenziswe imibala eminingi ecishe ifane ngaphandle kwezindlu ukuze sibukeke kahle isakhiwo.

November 21, 2014​—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Iqembu lendoda nomkayo lifaka amapayipi amanzi kulungiselelwa ukufaka usimende waphansi.

November 28, 2014​—Amahhovisi Okuqondisa/ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Kususwa iqhwa ophahleni, abanye bayaliphephetha.

December 1, 2014​—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Elinye iqembu lendoda nomkayo libhekisisa ipulani yamapayipi.

December 10, 2014​—ISakhiwo Samashabhu/Sendawo Yokupaka Yomkhaya

Kuyagunjwa, kulungiswa indawo yokufakwa kukakhonkolo futhi uyafakwa ngosuku lokuwa kweqhwa. Phezulu ngakwesobunxele esithombeni, izingxenye zamahhovisi okuqondisa noma izakhiwo zezinkonzo zomkhaya zivalwe ngokusapulasitiki okuqinile ukuze yenziwe kahle imisebenzi ehilela ukushisa nokubanda okulawuliwe, njengokuthela ukhonkolo phansi nokufutha usimende wokugwema ukusha, okuzokwenziwa phakathi nobusika.

December 12, 2014​—ISakhiwo SokuhlalaD

Izisebenzi zifaka ungqimba oluzovimba umswakama emishaweni kakhonkolo nasemaceleni kukasimende ngaphambi kokuba kufakwe izingxenye zezindonga zangaphandle.

December 15, 2014​—Indawo yesakhiwo saseWarwick

Ukubuka uphezulu kwelenyoni ubheke entshonalanga. Izakhiwo zokuhlala zingenhla nesithombe. Isakhiwo esikhulu esimhlophe maphakathi nesithombe amahhovisi okuqondisa noma isakhiwo sezinkonzo zomkhaya. Kwakhiwa endaweni engamaphesenti angu-20 kuphela okungama-hektare angaba ngu-100 endawo isiyonke, ukuze ihlathi eliseduze lingaphazanyiswa.

December 15, 2014​—Indawo yesakhiwo saseWarwick

Ukubuka uphezulu kwelenyoni ngasempumalanga, kubonisa izakhiwo zokuhlala C no-D ngasezansi nesithombe. Esakhiweni sokuhlala C, abenkontileka baqedela uphahla olusanxantathu ngokufaka izinsimbi zophahla.

December 25, 2014​—ISakhiwo SokuhlalaC

Umbazi ufaka amapulangwe aphansi endlini yesikhashana yokuprakthiza. Indlu ngayinye esakhiweni sokuhlala kuzosetshenziswa uhlobo olulodwa kwezine ezikhethwe kusengaphambili. Lokhu kuhlanganisa umbala kapende, ukhaphethi, amapulangwe aphansi, ama-tile nokuzoba ngaphezu kwamatafula.

December 31, 2014​—Amahhovisi Okuqondisa/ISakhiwo Sezinkonzo Zomkhaya

Kuqedelwa ukufakwa kukakhonkolo ngesandla ukuze kuqonde kahle phansi kuze kufike emigodini ethatha amanzi.

December 31, 2014​—ISakhiwo SokuhlalaC

Uchwepheshe wezokuxhumana oneminyaka engu-77 ubudala ufaka intambo ye-fiber-optic enemicu eminingi ngaphakathi. Lapho lo msebenzi uphethwa, cishe kuzobe sekufakwe amakhilomitha angaba ngu-32 alentambo.