Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Numeri 6:24-26—“UJehova Makakubusise, Akulondoloze”

Numeri 6:24-26—“UJehova Makakubusise, Akulondoloze”

 “Kwangathi uJehova angakubusisa futhi akulonde. Kwangathi uJehova angenza ubuso bakhe bukhanye kuwe futhi kwangathi angaba nomusa kuwe. Kwangathi uJehova angaphakamisela ubuso bakhe kuwe, akunike ukuthula.”—Numeri 6:24-26, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho, abe nomusa kuwe; uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.”—Numeri 6:24-26, IBhayibheli Elingcwele.

Okushiwo uNumeri 6:24-26

 La mazwi aziwa ngokuthi isibusiso sobupristi, noma isibusiso sika-Aroni—njengoba u-Aroni engumpristi ophakeme wokuqala wakwa-Israyeli. (Eksodusi 28:1) UNkulunkulu ungumthombo walesi sibusiso. (Numeri 6:22, 23) Watshela uMose: “Khuluma no-Aroni namadodana akhe, uthi, ‘Nansi indlela okufanele nibusise ngayo abantu bakwa-Israyeli,’” ngemva kwalokho uNkulunkulu washo amazwi atholakala kuNumeri 6:24-26. Abapristi abathembekile bawulalela lowo myalo ovela kuNkulunkulu. Futhi balidumisa igama likaNkulunkulu, uJehova. a Evesini 27 uNkulunkulu uthi: “Kumele [abapristi] babeke igama lami phezu kwabantu bakwa-Israyeli ukuze ngibabusise.”

 “Kwangathi uJehova angakubusisa futhi akulonde.” UJehova ubusisa abantu abamkhonzayo ngokubavikela, abaqondise, futhi abanike impumelelo ekuphileni kwabo. (IzAga 10:22) KuNumeri 6:24-26, igama elithi “kuwe” lisuke lisebunyeni isikhathi ngasinye lapho lisetshenziswa. Lokhu kungaveza isifiso sikaNkulunkulu sokubusisa umIsrayeli ngamunye hhayi nje isizwe sisonke.

 “Kwangathi uJehova angenza ubuso bakhe bukhanye kuwe futhi kwangathi angaba nomusa kuwe.” Ukucela uNkulunkulu ukuba enze “ubuso bakhe bukhanye” kothile kwakuyisicelo sokuba uNkulunkulu ambonise umusa futhi amamukele. b Le nkulumo ingahunyushwa nangokuthi: “Kwangathi INKOSI ingamamatheka phezu kwakho.” (Numeri 6:25, New International Reader’s Version) UJehova ubabonisa umusa abantu bakhe ngokubaphatha kahle, ngozwela, nangesihe.—Isaya 30:18.

 “Kwangathi uJehova c angaphakamisela ubuso bakhe kuwe, akunike ukuthula.” UJehova ‘uphakamisela ubuso bakhe’ kulabo abamkhonzayo ngokubanaka ngothando nangokubanika ukuthula. Enye incwadi ithi, “igama lesiHebheru elisho ukuthula (shalom) alibhekiseli nje ekungabini khona kwengxabano, kodwa libhekisela ekutheni ungashodi ndawo nasekubeni umqemane ekuphileni kwakho nasebuhlotsheni bakho noNkulunkulu.”

 Ukuze azuze esibusisweni esikula mavesi, ama-Israyeli kwakufanele alalele uJehova. (Levitikusi 26:3-6, 9) Lapho enza kanjalo, uJehova wayewasiza njengoba ayethembisile. Yilokho kanye okwenzeka phakathi nokubusa kwamanye amakhosi akwa-Israyeli, anjengoSolomoni noHezekiya.—1 AmaKhosi 4:20, 25; 2 IziKronike 31:9, 10.

 Nakuba amaKristu engalindelekile ukuba aphindaphinde amazwi alesi sibusiso, angabonisa imizwa ethi ayifane lapho ethandazela abanye noma lapho ekhuthaza amanye amaKristu. (1 Thesalonika 5:11, 25) UJehova akashintshi. Uhlale efuna ukubusisa nokuvikela abamkhonza ngobuqotho. AmaKristu eqiniso angahlala enokuthula, azi ukuthi uJehova uyawamukela futhi “ubuso” bakhe buyakhanya phezu kwabo.

Umongo kaNumeri 6:24-26

 Ezahlukweni zokuqala eziyishumi zencwadi kaNumeri kulotshwe iziqondiso uNkulunkulu azinika ama-Israyeli ngesikhathi emise amatende eduze kweNtaba iSinayi esendleleni eya eZweni Lesithembiso. Phakathi nesikhathi esingangonyaka bemise amatende, uJehova wahlela abantu ukuba babe isizwe wabe esebanika imithetho eyaziwa ngokuthi uMthetho wesivumelwano.

 UJehova waphinde watshela uMose indlela u-Aroni namadodana akhe—ababekhethwe ukuba babe abapristi—okwakumele babusise ngayo ama-Israyeli. (Numeri 6:22, 23) Ngemva kwalokho, u-Aroni nenzalo yakhe basebenzisa amazwi akuNumeri 6:24-26 ukuze babusise isizwe. Ngokuhamba kwesikhathi, kwaba isiko ukuba umpristi asho amazwi alesi sibusiso ngemva komnikelo wokugcina wosuku ethempelini.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi kaNumeri.

a Igama elithi Jehova liyindlela yesiZulu yokuhumusha igama likaNkulunkulu lesiHebheru. Ukuze uthole ukuthi kungani amanye amaBhayibheli esebenzisa elithi Nkosi kunokusebenzisa igama likaNkulunkulu, bheka isihloko esithi “Ungubani uJehova?

b IBhayibheli libuye lisitshele ukuthi uJehova wayewafihlela ubuso bakhe ama-Israyeli lapho ekwenqaba ukuziphatha kwawo.—Isaya 59:2; Mika 3:4.

c Ngokwe-NIV Study Bible, ukuphindaphindwa kwegama likaNkulunkulu kula mavesi “kugcizelela futhi kugqamise amazwi [akuvesi 27].” Noma kunjalo, abanye bathi ukuvela kathathu kwegama likaNkulunkulu kulawo mavesi kusekela umbono wokuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu noma muthathu emunye. Leli akulona iqiniso. Okunye ukuphawula kweBhayibheli okusekela uZiqu-zintathu kuyavuma ukuthi ukubizwa kwegama likaNkulunkulu kathathu kula mavesi “kwakungeke kunike umpristi owayebusisa, noma abantu ababethola lesi sibusiso, umqondo wokuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu. Kubona, ukuphindaphinda igama likaNkulunkulu kathathu kwakumane kwenze lesi sibusiso siphelele futhi sibe sihle kakhulu.” (I-Pulpit Commentary, Umqulu 2, ikhasi 52) Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ingabe UNkulunkulu UnguZiqu-zintathu?