Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ukuhunyushwa Kwesimiso SoMhlangano Wesifunda Ka-2020 Othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”!

Ukuhunyushwa Kwesimiso SoMhlangano Wesifunda Ka-2020 Othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”!

JULAYI 10, 2020

 NgoJulayi nango-Agasti 2020 kuzobe kungokokuqala ngqa ukuba abazalwane emhlabeni wonke babukele uMhlangano Wesifunda ofanayo ngesikhathi esisodwa. Ukuze lokhu kwenzeke kudingeke ukuba isimiso sihunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-500. Ngokuvamile, umsebenzi onjena ubungathatha unyaka noma ngaphezulu ukuba uhlelwe futhi wenziwe uze uqedwe. Kodwa ngenxa yobhubhane lweCoronavirus, abahumushi baba nesikhathi esingaphansi kwezinyanga ezine sokuba baqede ukuhumusha lo Mhlangano Wesifunda Ka-2020 othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”!

 Umnyango weTranslation Services noweGlobal Purchasing eNdlunkulu Yomhlaba Wonke YoFakazi BakaJehova wasiza kulo msebenzi omkhulu. ITranslation Services yaphawula ukuthi amaqembu amaningi abahumushi ayedinga amathuluzi engeziwe ukuze enze lo msebenzi, ikakhulukazi imibhobho (ama-microphones) esezingeni eliphezulu esetshenziswa lapho kuqoshwa. IGlobal Purchasing yahlela ukuba kuthengwe imibhobho engu-1 000 nokuba ihanjiswe ezindaweni ezingaba ngu-200.

 Ukuze kongiwe imali, le mibhobho yathengwa ngobuningi yabe isihanjiswa endaweni ethile. Yaphinde yapakishwa yabe isihanjiswa ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni. Ngenxa yokuthi yathengwa ngobuningi, umbhobho owodwa wagcina usubiza imali engaba ngu-R 2 831,68 sekuhlanganise nemali yokuwuthumela—kwagcina kongiwe amaphesenti angaphezu kwangu-20 emali eyayizokhokhwa.

 IGlobal Purchasing kwadingeka ithenge futhi ithumele le mibhobho phakathi kuka-Ephreli noMeyi 2020—isikhathi lapho amabhizinisi amaningi ayengasebenzi kahle ngenxa yobhubhane lweCoronavirus. Noma kunjalo, kwathi kuqambe kuphela uMeyi iningi lamahhovisi abahumushi, amahhovisi amagatsha nezinye izindawo okuhunyushelwa kuzo, lase linayo imishini elaliyidinga.

 UJay Swinney owengamele iGlobal Purchasing uthi: “Iminyango yaseBethel yayibambisene kahle namabhizinisi okwakuthengwa kuwo izinto. Ngumoya kaJehova kuphela owawungasisiza ukuba senze lo msebenzi ngokushesha kangaka futhi songe imali ukuze sisekele umsebenzi wakhe.”

 UNicholas Ahladis, osebenza eTranslation Services uthi: “Abahumushi ababevalelekile ngaleso sikhathi ngenxa yobhubhane kwabakhuthaza kakhulu ukuthola leyo mibhobho. Nakuba babengekho endaweni eyodwa, bakwazi ukusebenza ndawonye ukuze bahumushe futhi baqophe izinkulumo, amadrama namaculo ngezilimi ezingaphezu kuka-500.”

 Lona omunye wemisebenzi eminingi eyenziwa ukuze abazalwane emhlabeni wonke bawuthole uMhlangano Wesifunda Ka-2020 othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”! Ukunikela kwenu ngesandla esivulekile nisebenzisa i-donate.pr418.com nangezinye izindlela yikona okwenze sakwazi ukuthenga lezi zinto ebezidingeka.