Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuze kwenziwe idrama yeBhayibheli, kwalethwa amatshe agayiwe angaphezu kwamakhilogremu angu-27,500 estudiyo saseMt. Ebo

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ukwenziwa Kwamavidiyo OMhlangano Wesifunda Ka-2020 Othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”!

Ukwenziwa Kwamavidiyo OMhlangano Wesifunda Ka-2020 Othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”!

AGASTI 10, 2020

 Amavidiyo esiwabukela emihlanganweni yethu yesifunda asithinta izinhliziyo, athuthukise nendlela esikuqonda ngayo okufundiswa yimiBhalo. UMhlangano Wesifunda ka-2020 othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”! unamavidiyo angu-114, kuhlanganise nezinkulumo ezingu-43 ezinikezwa amalungu eNdikimba Ebusayo nabasizi bayo. Uke wazibuza yini ukuthi mkhulu kangakanani umsebenzi owenziwayo nokuthi zingakanani izindleko zokukhiqiza la mavidiyo?

 Abafowethu nodadewethu abacishe babe ngu-900 emhlabeni jikelele banikela ngesikhathi sabo nangamakhono abo ukuze basize ekukhiqizeni lesi simiso. Sesisonke isikhathi abasichithe kulo msebenzi othathe iminyaka engaphezu kwemibili, singamahora alinganiselwa ku-100 000. Lokhu kuhlanganisa namahora angu-70 000 ayedingeka ukuze kuphothulwe idrama yeBhayibheli enesihloko esithi UNehemiya: “Injabulo KaJehova Iyisiphephelo Senu.”

 Njengoba ungase ucabange, zinkulu izindleko okwadingeka kuhlangatshezwane nazo ukuze kulungiselelwe izindawo zokuhlalisa la mavolontiya azidelayo, nokuba kulungiswe izindawo okuqoshelwa kuzo, imishini yokusebenza kanye nezinye izinto ezidingekayo ukuze kwenziwe lo msebenzi.

 UJared Gossman, osebenza eMnyangweni owenza amavidiyo nezinto ezilalelwayo i-Audio/Video Services, uthi: “IKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo iyakuthanda ukuba kuboniswe amasiko ahlukahlukene nezindawo ezihlukahlukene kumavidiyo omhlangano. Le ndlela yokwenza iyasiza ekuboniseni ngokunembile ukuthi inhlangano yethu eyomhlaba wonke. Ukuze kufezwe lokhu, amaqembu angu-24 emazweni angu-11 ahlukahlukene asebenza ngokubambisana kulo msebenzi. Ukusebenza kwabantu abavela emhlabeni wonke kuyizindleko ezinkulu, kudinga ukuhlela okukhulu nokubambisana.”

 Amavidiyo ethu amaningi adinga nezinhlobo ezithile ezikhethekile zemishini nokuhlelwa kwendawo. Ngokwesibonelo, indawo okwakuzoqoshelwa kuyo idrama ethi uNehemiya: “Injabulo KaJehova Iyisiphephelo Senu” yakhiwa ngaphakathi kwesakhiwo sokuqopha iMt. Ebo eduze kwasePatterson, eNew York, e-U.S.A. Ukuze isetshenziswe kahle iminikelo ngaphandle kokusaphaza, ngesikhathi esifanayo kwenziwe idrama eyenza izinto zibukeke njengoba zazinjalo endulo, abafowethu bakha izindonga ezingaqinile kangako kodwa eziklanywe ukuze zibukeke njengezindonga zaseJerusalema lasendulo. Ingxenye ngayinye yalesi sakhiwo yayenziwe ngokuhlanganisa amapulangwe yaba amamitha ayisithupha ukuphakama, la mapulangwe abe esembozwa ngento eyenza abukeke njengamatshe. Lezi “zindonga” zazithuthwa zibekwe ezindaweni ezihlukahlukene ukuze kushuthwe izigcawu ezihlukahlukene, okwanciphisa inani lazo elalizodingeka. Ngisho noma kunjalo, kwadingeka imali elinganiselwa ku-R1 739 773.00 ukuze kwakhiwe indawo okwakuzoqoshelwa kuyo idrama nje kuphela. a

 Ukwazi le mininingwane kusenza sibe nomuzwa wokubonga ojule nakakhulu ngesimiso somhlangano wesifunda walo nyaka. Siyaqiniseka ukuthi imizamo eyenziwe ukuze kukhiqizwe lesi simiso izoholela ekudunyisweni kukaJehova emhlabeni wonke. Siyabonga ngokunikela kwenu ngesandla esivulekile emsebenzini womhlaba wonke nisebenzisa i-donate.pr418.com nezinye izindlela.

a Indawo yokuqophela idrama ethi uNehemiya: “Injabulo KaJehova Iyisiphephelo Senu” yakhiwa ngaphambi kobhubhane lwe-COVID-19. Ukuqhelelana nabanye abantu kwakungakadingeki ngaleso sikhathi.