Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Isiteshi Se-JW Esisakaza Nge-Satellite Sifinyelela Lapho I-inthanethi Ingafinyeleli Khona

Isiteshi Se-JW Esisakaza Nge-Satellite Sifinyelela Lapho I-inthanethi Ingafinyeleli Khona

EPHRELI 1, 2021

 Inyanga ngayinye silangazelela ukubukela izinhlelo namavidiyo akhuthazayo akhishwa ku-JW Broadcasting. Nokho, abafowethu abaningi e-Afrika abakwazi ukuthola lezo zinhlelo ku-Inthanethi. Kungani?

 I-inthanethi ayitholakali kalula ezindaweni eziningi e-Afrika. Lapho etholakala khona, ngokuvamile ayisebenzi kahle noma ibiza kakhulu. Ngokwesibonelo, umbonisi wesigodi eMadagascar wake waya e-Internet café wadawuniloda uhlelo lwe-JW Broadcasting lwanyanga zonke. Wakhokha u-R236,64, imali engaphezu kwaleyo abanye abantu abayihola ngeviki!

 Naphezu kwalezi zimo ezinzima, izigidi zabantu e-Afrika manje seziyakwazi ukubukela i-JW Broadcasting ngaphandle kwe-Inthanethi. Kanjani?

 Kusukela ngo-2017, i-JW Broadcasting yenziwa yatholakala kulabo abahlala e-Afrika eseningizimu yeSahara kusetshenziswa isiteshi esisakaza nge-satellite. Lesi siteshi sisakaza mahhala usuku lonke, maviki onke, ngezilimi ezingu-16.

Abafowethu eMozambique balungisa indishi ye-JW satellite eHholo LoMbuso, ngo-2018

 Ukuze bafeze lokhu, oFakazi BakaJehova baqasha isiteshi se-setellite esizosakaza izinhlelo zabo. I-satellite esetshenziswayo ifinyelela emazweni angu-35 ase-Afrika eseningizimu yeSahara. Inkampani abaqashe kuyo bayikhokhela u-R177 477,60 ngenyanga. Ngezikhathi ezithile, bakhokha imali eyengeziwe ukuze kusakazwe bukhoma ezinye izinhlelo kwesinye isiteshi. Lokhu kwenza abantu abaningi bakwazi ukujabulela imihlangano emikhulu nezinhlelo ezikhethekile zokuhanjelwa kwegatsha.

Iqembu le-Local Design/Construction laseMalawi libukele isiteshi se-JW satellite, ngo-2018

 Abantu abaningi, okuhlanganisa nabangebona oFakazi, bayasibukela lesi siteshi se-JW esisakaza nge-satellite kuyi-TV besemakhaya. Nokho, iningi labafowethu alikwazi ukuthenga izinto ezidingekayo ukuze libukele isiteshi sokusakaza. Ukuze kusizwe abafowethu nodadewethu bakwazi ukubukela i-JW Broadcasting, kuye kwafakwa imishini ekwazi ukusakaza nge-satellite emaHholo Ombuso angaphezu kuka-3 670. Uma iHholo LoMbuso selinayo i-TV noma iphrojektha, imishini kanye nezindleko zokuyithumela kungacishe kubize imali engu-R1 035,29. Ngaphandle kwalokho, imishini edingekayo ingabiza imali engafika ku-R7 838,59.

 Abafowethu nodadewethu basazisa kakhulu lesi siteshi. Umdala waseCameroon uthi: “Emndenini wethu, kufana nokuthi sithola imana sisogwadule.” U-Odebode, umzalwane waseNigeria, uthi: “Lesi siteshi sisibukela njengomndeni kathathu ngeviki. Abantwana bami bahlale besilangazelela leso sikhathi. Baze bacele ukuba sisibukele nangezinye izikhathi.” URose, naye ongowaseNigeria, uthi: “Ngiyajabula ukusho ukuthi isiteshi se-JW esisakaza nge-satellite senze ngayeka ukuhlale ngibukele isiteshi sezindaba. Ngangicasuka kalula lapho ngibona okudlala kuso, kuze kushaye inhliziyo ngamandla. Kodwa i-JW Broadcasting iyakhuthaza futhi yenza umuntu azole! Lesi siteshi ngisithanda kunazo zonke. Siyisibusiso esikhulu esivela kuJehova.”

Umndeni waseMalawi ubukele ividiyo yezingane kuyisiteshi se-satellite

 Umbonisi wesigodi waseMozambique ubika ukuthi esigodini akhonza kuso, amaHholo Ombuso afakwe imishini ekwazi ukusakaza nge-satellite. Abazalwane abakulawo mabandla bafika kusasele ihora noma ngaphezulu ngaphambi kokuba kuqale imihlangano, ukuze babukele i-JW Broadcasting esakazwa nge-satellite.

Ibandla lase-Ethiopia belibukele uhlelo lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting ngaphandle kokusebenzisa i-inthanethi, ngo-2018

 Ngo-2019, emhlanganweni wezizwe owawuseGoli, eNingizimu Afrika, lesi siteshi sasetshenziselwa ukusakaza izinkulumo eziyinhloko, okuhlanganisa lezo ezazinikezwa ilungu leNdikimba Ebusayo, ezindaweni ezingu-9. USphumelele, osebenza eMnyango weBroadcasting egatsheni laseNingizimu Afrika, uthi: “Phambilini, kwakudingeka izinkulumo sizisakaze nge-Inthanethi. Kodwa lokhu kwakudinga i-Inthanethi esebenza kahle futhi kuyizindleko. Isiteshi se-JW esisakaza nge-satellite asibizi kakhulu futhi sisebenza kahle.”

 Ngenxa yeminikelo yenu eniyenza ngesandla esivulekile yomsebenzi womhlaba wonke, abafowethu nodadewethu abaningi e-Afrika bayakwazi ukubukela i-JW Broadcasting esakazwa nge-satellite. Siyazisa kakhulu iminikelo eniyenzile nisebenzisa izindlela ezihlukahlukene ezitholakala ku-donate.pr418.com.