Dlulela kokuphakathi

Isakhiwo esiseTashkent seNkantolo Ephakeme Yase-Uzbekistan.

NOVEMBA 8, 2018
E-UZBEKISTAN

IziNkantolo Eziphakeme Zase-Uzbekistan Ziqinisekise Ilungelo LoFakazi BakaJehova Lokusebenzisa Izincwadi Zabo Ezingokwenkolo

IziNkantolo Eziphakeme Zase-Uzbekistan Ziqinisekise Ilungelo LoFakazi BakaJehova Lokusebenzisa Izincwadi Zabo Ezingokwenkolo

Ezinyangeni eziyisithupha kusukela ngoMashi 2018, iNkantolo Ephakeme Yase-Uzbekistan kanye neNkantolo Ebhekelela Ukugcinwa Komthetho ezweni laseKarakalpakstan, zasekela isinqumo sokunikwa koFakazi ilungelo lokuqhuba imisebenzi yabo engokwenkolo ngenkululeko. INkantolo Ephakeme yashintsha izinqumo ezine ezazikhishwe izinkantolo ezincane ezazimelene nabafowethu, kwathi iNkantolo Ebhekelela Ukugcinwa Komthetho yashintsha isinqumo sesihlanu.

UTimur Satdanov, omunye wabafowethu abavunwa isinqumo seNkantolo Ephakeme Yase-Uzbekistan.

Lapho amaphoyisa esesha imizi yabafowethu athatha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nezinto zabafowethu zobuchwepheshe ezazinamakhophi eBhayibheli, okwaholela ekubekweni kwabo amacala. Ngenxa yalokho izinkantolo ezincane zaqala ukubeka abafowethu amacala nokubahlawulisa ngoba zithi babephule umthetho onqabela ukunikezwa komphakathi izincwadi eziphathelene nenkolo. Sibonga ukuthi izinqumo ezikhishwe inkantolo ephakeme ziwachithile amacala ayebekwe abafowethu futhi zathi akumelwe bahlawuliswe.

OFakazi emhlabeni wonke bayajabula futhi babonga iziphathimandla ngale ntuthuko, kodwa babonga nakakhulu uJehova ngesiqondiso sakhe nosizo alunikeze abafowethu ‘ekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle.’—Filipi 1:7.