Dlulela kokuphakathi

AGASTI 14, 2020
ELEBANON

Kube Nokuqhuma Okukhulu Okuthusayo EBeirut, ELebanon

Kube Nokuqhuma Okukhulu Okuthusayo EBeirut, ELebanon

Ukuqhuma okukhulu kulivithize laphela itheku laseBeirut, inhlokodolobha yeLebanon, ngo-Agasti 4, 2020. Lokhu kuqhuma kubulale abantu, kwalimaza izinkulungwane, kwadala nomonakalo omkhulu kakhulu. Kulimale imizi eminingana yabafowethu nodadewethu. Ngokudabukisayo, abafowethu nodadewethu abambalwa balimale kakhulu, kodwa akekho kubo obulawe yilokhu kuqhuma.

Siyazi ukuthi uNkulunkulu wethu ophanayo uzoqhubeka enika abakhulekeli bakhe usizo abaludingayo.—2 Samuweli 22:3.