Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 3, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

UMhlangano Wesifunda Ka-2020—Umhlangano Wokuqala Obanjwe Ngezobuchwepheshe Emhlabeni Jikelele

UMhlangano Wesifunda Ka-2020—Umhlangano Wokuqala Obanjwe Ngezobuchwepheshe Emhlabeni Jikelele

Ngenyanga kaJulayi neka-Agasti 2020, izigidi zabafowethu nodadewethu, kanye nabantu abathakazelayo, babemunye ekubukeleni umhlangano wesifunda ka-2020.

UMhlangano Wesifunda abaningi ababewubheke ngabomvu othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”! kwakuhlelwe ukuba uqhutshelwe emaHholo Omhlangano, ezindaweni zemihlangano nasezinkundleni emazweni angu-240. Emzamweni wokuvikela labo ababezothamela lo mhlangano, iNdikimba Ebusayo yanquma ukuba lo mhlangano uthanyelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe emhlabeni wonke. Lokhu kungokokuqala kusukela ngo-1897 ukuba inhlangano ingabi nayo imihlangano eqhutshelwa ezinkundleni zomhlangano.

UKenneth Cook, Jr., oyilungu leNdikimba Ebusayo, uthi: “Lapho kunqunywa ukuthi imihlangano yesifunda ngeke isaba khona, umgomo wethu wawuwukuba nesenzakalo esisodwa somhlaba wonke esasingabukelwa yibo bonke abantu ngesikhathi esifanayo. Sasazi ukuthi uhlelo lomhlangano kwakuyodingeka luhunyushelwe emakhulwini ezilimi ngesikhathi esingaphansi kwezinyanga ezine. Ngokuvamile ukuhlela lolu hlobo lomsebenzi nokuwuphothula kuthatha isikhathi esingaba unyaka noma ngaphezulu. Kwaba yisibusiso esikhulu lapho ingxenye yokuqala yesimiso itholakala ngoJulayi 6, 2020, ngezilimi ezingaba ngu-400. Silindele ukuba lesi simiso sitholakale ngezilimi ezingu-511!”

Ephawula ngezinzuzo zalo mhlangano otholakala ngezobuchwepheshe, omunye udadewethu ongumzali ongayedwa onezingane ezintathu, uthi: “Nakuba sikukhumbula ukuhlangana nabangane, izingane zizuze kakhulu. Ukubukela lo mhlangano ngeziqephu kuzisizile zakwazi ukugxilisa ingqondo. Uma zidinga ukuthatha ikhefu, siyakwazi ukuwumisa kancane umhlangano. Akekho ophuthelwayo. Ingxenye yangoLwesihlanu yaqokomisa ukuthi izingane zinjengemicibisholo okumelwe iqondiswe enkonzweni kaJehova ejabulisayo neyanelisayo. Umhlangano esiwubukela kwezobuchwepheshe ungisiza ukuba ngenze lokho kanye.”—IHubo 127:4.

Lo mhlangano wesifunda oyingqophamlando otholakala ngezobuchwepheshe udonse amehlo amaningi abemithombo yezindaba. Ngokwesibonelo, uRobert Hendriks, ongumbonisi eMnyangweni Wokwaziswa e-United States, wathi: “Izintatheli eziningi zabhala mayelana nalo mhlangano obutholakala ngezobuchwepheshe. Kulokho ezakubhala, zayincoma inhlangano yethu ngokusebenzisa ezobuchwepheshe ukuze iqhubeke nohlelo lomhlangano kuyilapho iqikelela ukuthi abantu baphephile.”

UMhlangano Wesifunda Ka-2020 othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”! waveza indlela ehlukile nejabulisayo uJehova aba ngayo uMfundisi wethu Omkhulu.—Isaya 30:20.