Dlulela kokuphakathi

OKTHOBA 30, 2020
ENDIYA

Kukhululwe INqugulo Yezwe Elisha Ngezilimi Ezintathu ZaseNdiya

Kukhululwe INqugulo Yezwe Elisha Ngezilimi Ezintathu ZaseNdiya

NgeSonto, ngo-Okthoba 25, 2020, kwakhululwa iNguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngezilimi ezintathu zaseNdiya: isiGujarati, isiKannada nesiPunjabi. La maBhayibheli akhululwa ngohlelo lwezinto zobuchwepheshe ngenkulumo eyaqoshwa kusengaphambili. Abamemezeli basibukela ngevidiyo lesi simiso. Bakwazi ukudawuniloda amakhophi eBhayibheli ngolimi lwabo ngokushesha nje lapho isimiso siphela.

IsiGujarati

Balinganiselwa ezigidini ezingu-61 abantu abakhuluma isiGujarati emhlabeni jikelele.

Amaqembu amabili abahumushi abayisithupha achitha iminyaka eyisikhombisa ehumusha le nguqulo yeBhayibheli. Omunye wabahumushi wathi: “Izinhliziyo zethu zichichima injabulo ngokukhululwa kwaleli Bhayibheli. Lisebenzisa ulimi oluqondwa ngisho nayingane encane.”

Omunye umhumushi yena wathi: “Igama likaJehova libuyiselwe kuleli Bhayibheli ezindaweni elalivela kuzo emibhalweni yezilimi zokuqala. Siyazi ukuthi ukholo lwabafowethu nodadewethu luzoqina lapho besebenzisa leli Bhayibheli esifundweni sabo somuntu siqu.”

Siyaqiniseka ngokuthi le nguqulo eqondakala kalula izoba negalelo elinamandla ezingqondweni zabafundi futhi isize “abamnene” bafunde ngezindlela zikaJehova.—IHubo 25:9.

IsiKannada

Kunomehluko ophawulekayo phakathi kolimi lwesiKannada olukhulunywayo nolubhalwayo. Ulimi olukhulunywayo luyehlukahluka kuye ngezindawo. Ngakho, inselele enkulu abahumushi ababhekana nayo kwakuwukusebenzisa amagama angokwemvelo nalula, ngesikhathi esifanayo bangayishintshi incazelo yalokho okushiwo yiBhayibheli.

Kwathatha iminyaka engaphezu kweyisikhombisa ukuphothula ukuhunyushwa kwaleli Bhayibheli. Bayishumi abahumushi ababamba iqhaza kulo msebenzi. Omunye umhumushi wathi: “Ngangicabanga ukuthi leli Bhayibheli liyoze likhululwe ngo-2021 ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19. Kodwa ukukhululwa kwalo manje kubonisa ukuthi akukho lutho olungavimba umsebenzi kaJehova.”

Elinye ilungu leqembu labahumushi lanezela lathi: “Ukwazi nje ukuthi abantu abakhuluma isiKannada manje sebezokwazi ukufunda amazwi kaJehova ngolimi abaluncela, bathole negama lakhe kuzo zonke izindawo okufanele livele kuzo eBhayibhelini, kuthokozisa ngempela!”

Siyaqiniseka ukuthi le nguqulo yeBhayibheli izobasiza abamemezeli abangaphezu kuka-2 800 abakhuluma isiKannada abakhonza ensimini engaphansi kwegatsha laseNdiya. Izosiza nasekushumayeleni kubantu abacishe babe yizigidi ezingu-46 abakhuluma lolu limi emhlabeni wonke, ibadonsele ‘ekujuleni kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu.’—Roma 11:33.

IsiPunjabi

Iqembu elalihumusha iNguqulo Yezwe Elisha yesiPunjabi lalinamalungu ayisithupha achitha iminyaka engu-12 enza lo msebenzi. Le nguqulo izosiza abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-100 abakhuluma lolu limi ezweni laseNdiya nakwamanye amazwe emhlabeni.

Omunye umhumushi uyakhumbula: “Senza konke esasingakwenza naphezu kwezinselele. UJehova wayewusekela lo msebenzi ukuze uphothulwe ekugcineni. Leli Bhayibheli lizoqinisa ukholo lwabafowethu, liduduze izinhliziyo zabo ezikhathazekile futhi libasize babhekane kangcono novivinyo oluseza.”

Omunye umhumushi uthi: “Abanhliziyo-ziqotho bazokuthokozela ukufunda leli Bhayibheli, ikakhulu izincwadi ezibhalwe sankondlo. Bazozuza kakhulu kuwo wonke amathuluzi okucwaninga akule nguqulo.”

Simunye nabafowethu ekubongeni uJehova ngayo yonke “imisebenzi yakhe emangalisayo” njengoba ‘iminingi kakhulu ukuba ingabalwa.’—IHubo 40:5.