Dlulela kokuphakathi

AGASTI 5, 2022
EPHILIPPINES

Kube Nokuzamazama Komhlaba Okukhulu Enyakatho YePhilippines

Kube Nokuzamazama Komhlaba Okukhulu Enyakatho YePhilippines

NgoJulayi 27, 2022, kube nokuzamazama komhlaba okube ngu-7,0 esikalini sokulinganisa amandla okuzamazama komhlaba, esiqhingini saseLuzon ePhilippines. Isifundazwe sase-Abra sishayeke kakhulu. Ukundindizela komhlaba kwezwakala ngisho naseManila, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-400. Kubikwe ukuthi kube nokuzamazama okuncane okulandela ukuzamazama okukhulu, okwenzeke izikhathi ezingaphezu kuka-2 000.

Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo

  • Akekho oshonile kubafowethu nodadewethu

  • Abamemezeli abane bathole imihuzukwana

  • Imindeni engu-42 iyiswe endaweni ephephile

  • Imizi engu-63 ithinteke kancane

  • Umuzi owodwa ucekeleke phansi

  • AmaHholo OMbuso angu-13 athintekile

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • Kumiswe iKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni eyodwa ukuze iqondise umsebenzi wokunikeza usizo

  • Abadala bendawo bavakashela labo abathintekile ukuze babakhuthaze

  • Bonke abenza umsebenzi wokunikeza usizo bawenza beqaphela imingcele ye-COVID-19

Ngokushesha, ihhovisi legatsha lithumele izimpahla kubafowethu nodadewethu ezindaweni ezithintekile, lahlela nendawo abangakhosela kuyo isikhashana. Abamemezeli bendawo bebesizana nakuba nabo bekhahlanyezwe yilokhu kuzamazama komhlaba.

Asingabazi ukuthi uJehova uzobasiza abafowethu nodadewethu kulesi ‘sikhathi sokucindezeleka.’—IHubo 50:15.