Dlulela kokuphakathi

MARCH 23, 2015
E-AZERBAIJAN

Ukuhlukunyezwa Ngenxa Yenkolo Kuyadlondlobala E-Azerbaijan

Ukuhlukunyezwa Ngenxa Yenkolo Kuyadlondlobala E-Azerbaijan

Ukuhlukunyezwa ngenxa yenkolo kuyadlondlobala e-Azerbaijan njengoba oFakazi BakaJehova behlawuliswa kanzima futhi beboshwa. Iziphathimandla zibeka oFakazi amacala obugebengu ngenxa yokuhlangana bakhulekele nokukhuluma nabanye ngezinkolelo zabo.

Ukuqhuba Inkolo Yakho Kuthiwa Kuwubugebengu

Ngo-December 5, 2014, oFakazi BakaJehova ababili—u-Irina Zakharchenko, umfelokazi okhubazekile oneminyaka engu-55, noValida Jabrayilova oneminyaka engu-38 onakekela unina obuthaka—babeshumayeza abantu abahlala esakhiweni esithile eBaku. Laba besifazane ababili babehambisela abantu ngaphandle kokubakhokhisa incwajana ethi Fundisa Izingane Zakho, eklanyelwe ukusiza abazali ukuba bafundise izingane zabo izindaba nezifundo zeBhayibheli. *

Umseshi wababeka icala lokusakaza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngaphandle “kwemvume efanele.” Laba besifazane babekwa icala lokwenza ubugebengu njengeqembu elihleliwe, okuyicala elinesijeziso esiqinile, sokuhlawula u-7 000 kuya ku-9 000 manat (R79 878 no-R102 600) * noma ukubhadla ejele iminyaka emibili kuya kwemihlanu.

Phakathi nophenyo, umseshi noNgqongqoshe Wezwe Wezokuvikela (MNS) bababiza kaningi laba besifazane ukuze babahlome imibuzo. Lapho laba besifazane bephinda bebizwa yi-MNS ngo-February 17, 2015, bazithola sebephambi kweNkatolo Yesifunda YaseSabail eBaku ecaleni elaliqulwa ngasese.

Ngemva kokwethula amacala angamanga, umseshi wafaka isicelo sokuba laba besifazane bagqunywe esitokisini ngenxa yokuthi wayecabanga ukuthi bangase benze icala elifanayo bese “beqa futhi bacashe ukuze bangaphenywa.” Ummeli walaba besifazane wasiphikisa leso sicelo, ethi ukuboshwa okunjalo akunabulungisa uma kucatshangwa ngezimo nokubambisana nabasemagunyeni laba besifazane abakubonisile. Nakuba ijaji lakuveza ukuthi lab’ omame abakaze batholakale benecala, lathi umsebenzi wabo “uwusongo emphakathini” labe selivuna isicelo somseshi sokuba bagqunywe izinyanga ezintathu ejele eliphethwe amaphoyisa omshoshaphansi.

Ummeli walaba besifazane walidlulisa icala, futhi ngo-February 26, 2015, amaphoyisa abakhipha ejele befakwe ozankosi abayisa eNkantolo YaseBaku Yokudlulisa Amacala begitshezwe evenini enamafasitela amnyama. Kulelo cala langasese, umshushisi nomseshi we-MNS bahluleka ukwethula ubufakazi obusekela isidingo sokuba laba besifazane bagqunywe esitokisini. Noma kunjalo, inkantolo yakuchitha ukudluliswa kwaleli cala, futhi uNksz. Zakharchenko noNksz. Jabrayilova babuyiselwa ejele.

Ngo-March 6, 2015, amaqembu amabili avela kuyi-MNS athola imvume yasenkantolo yokupequlula umuzi kaNksz. Zakharchenko nokaNksz. Jabrayilova, athatha izincwadi zabo zenkolo, ezomuntu siqu, i-computer nomakhalekhukhwini. Ngo-March 10, 2015, i-MNS, iKomiti Yombuso Esebenzelana Nezinhlangano Zenkolo, namaphoyisa baveza izincwadi zokusesha iHholo LoMbuso (indlu yokukhulekela) nomuzi womunye wabadala bebandla. Ngaphezu kwalokho, i-MNS yathumela oFakazi abaningana baseBaku amasamanisi okuyophenywa ngemibuzo kuleli cala.

Ngenxa yalokhu kugqunywa ejele kukaNksz. Zakharchenko noNksz. Jabrayilova, oFakazi BakaJehova bathumele incwadi yokucela usizo kuyiKhomishana Ekhethekile Ye-UN eqondene nenkululeko engokwenkolo naseQenjini Elibhekelele Ukuboshwa Ngokungenasisekelo. Ummeli wendawo ulungiselela ukwenza isiphakamiso enkantolo yokuthethwa kwecala sokuba baboshelwe ekhaya kunokuba bagqunywe ejele.

Izinhlawulo Ezinzima Nokuboshwa Ngenxa Yokuya Emihlanganweni Engokwenkolo

EGanja, iziphathimandla zibahlawulisa kanzima abaya emihlanganweni yoFakazi futhi abanye zibagquma ejele. Izinhlawulo zisukela ku-1,500 kuya ku 2000 manats (R22 300 kuya ku-R29 700).

Ngo-October 2014, izinkantolo zaseGanja zabopha oFakazi abathathu kanye nendoda ethile eba khona emihlanganweni yabo engokwenkolo ngoba bengazikhokhanga izinhlawulo ababezihlawuliselwe ukuhlangana ukuze bakhulekele. Nakuba babeyikhokhile ingxenye yalezo zinhlawulo, iziphathimandla zabavalela izinsuku ezintathu kuya kwezingu-20.

Indoda eyayikhulekela kanye noFakazi ithi: “Kimi, u-1,500 manats (R22 300) imali enkulu. . . . Ngaqale ngazitshela ukuthi ngeke ngiyikhokhe le mali ngoba ngizibona ngingenacala.” Amadoda amabili angoFakazi nawo akubona kungenabulungisa ukujeziswa kwawo futhi abika ukuthi iziphathimandla zawaphathisa okwezigebengu.

UFakazi wesithathu owaboshwa, ongowesifazane, uthi: “Akucatshangelwanga ukuthi umndeni wami udonsa kanzima ngokwezimali, nginakekela umama okhubazekile, ongakwazi kuzenzela lutho nokuthi ngiqale ukukhokha inhlawulo ngokuzithandela.”

Bobane sebeziqedile izigwebo zabo zasejele kodwa inkantolo isafuna bazikhokhe zonke izinhlawulo. Uma behluleka ukukhokha ngesikhathi, inkantolo ingase ithi abagqunywe ejele futhi.

Ingabe I-Azerbaijan Izobenza Ubulungisa?

Iziphathimandla zase-Azerbaijan bezilokhu zisebenzisa izindlela ezihlukahlukene ukuze ziphazamise umsebenzi woFakazi BakaJehova ongokwenkolo. Njengamanje, oFakazi BakaJehova sebefake izicelo ezingu-19 ngokumelene ne-Azerbaijan eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ukuze ilungise lokhu kuhlukunyezwa ababhekene nakho. Okwamanje, oFakazi banethemba lokuthi iziphathimandla zase-Azerbaijan zizokulungisa lokhu kungabi nabulungisa bokugqunywa ejele kukaNksz. Zakharchenko noNksz. Jabrayilova. Ngokulungisa lokhu nezinye izenzo zokucwasa okungokwenkolo, i-Azerbaijan ingabonisa ukuthi iyazihlonipha izakhamuzi nomthetho-sisekelo wayo nokuthi iyawasekela amalungelo abantu.

^ isig. 4 IKomiti Yombuso Esebenzelana Nezinhlangano Zenkolo yase-Azerbaijan yayiphasisa le ncwajana, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, ngo-August 11, 2014.

^ isig. 5 Umholo wenyanga ovamile e-Azerbaijan u-440 manats (R6 500), ngokwesilinganiso sika-August 2014.