PHAPHAMA! Juni 2013 | Ingabe Sithenga Ngokweqile?

Kulolu chungechunge, funda ukuthi ukuthenga kakhulu kungakuthinta kanjani nokuthi yini ongayenza ukuze ulawule izinga othenga ngalo.

Ukubuka Okwezwe

Izinto okukhulunywa ngazo zihlanganisa: umonakalo obangelwa intuthu ka-diesel nemithi yomgunyathi yokuzivikela kumalaleveva etholakala e-Afrika nase-Asia.

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokuyeka “Ukuqudulelana”

Kwenzeka kanjani ukuba eminye imibhangqwana ifinyelele eqophelweni lokuqudulelana, futhi yini engayenza ukuze ilungise ukungaboni ngaso linye?

UMBONO WEBHAYIBHELI

USathane

Ingabe uSathane ungumuntu ongokoqobo noma umane uwububi nje?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Kungani Sithenga?

Kungani abantu abaningi bethenga izinto abasuke bengazidingi ngempela? Ungazivikela kanjani ekubeni yisisulu sabakhangisi abangamaqili?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukulawula Indlela Othenga Ngayo

Cabangela ukusikisela okuyisithupha okuwusizo okungakusiza ugweme ukuthenga ngokweqile.

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EPanama

IPanama idume ngomsele wayo wamanzi. Funda okwengeziwe ngaleli zwe nabantu abahlala kulo.

EZASENDULO

Ukunqunyelwa Ugwayi Katiki Egameni LikaNkulunkulu

Incwadi yesimemezelo yayivumela abahlaseli baseSpain benze noma yini ngaphandle kokujeziswa. Ingabe kwakufanele kusolwe uNkulunkulu?

INGABE KWAKLANYWA?

Iphiko Lomkhoma I-humpback

Thola ukuthi indlela elakheke ngayo iphiko lalesi silwane esikhulukazi izithinte kanjani izici ezithile zokuphila kwakho.

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ingabe Ukhathazeke Ngokweqile Ngendlela Obukeka Ngayo?

Uma ikukhathaza indlela umzimba wakho obukeka ngayo, ungaba kanjani nombono olinganiselayo ngawe?

UmkaLoti Uphenduka Insika Kasawoti

Funda ukulandisa kweBhayibheli bese uhlanganisa amachashaza. Yini ongayifunda kumkaLoti?