INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Julayi 2013

Lo magazini uqukethe ukucaciswa okuningana ekuqondeni kwethu isikhathi sezenzakalo ezisesiprofethweni sikaJesu nokuthi ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo.

“Sitshele, Ziyokwenzeka Nini Lezi Zinto?”

Ikuphi ukuqonda okulungisiwe esinakho ngesikhathi sezenzakalo ezisesiprofethweni sikaJesu esikuMathewu izahluko 24 no-25?

“Bhekani! Nginani Izinsuku Zonke”

Umfanekiso kaJesu kakolweni nokhula uchaza isikhathi sokuhlwanyela, sokukhula nesokuvuna. Sesisiqonda kanjani isikhathi sokuvuna?

Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa

UJesu wawanikeza kanjani ukudla okungokomoya amabandla ekhulu lokuqala? Ingabe lokhu kuyindlela eyayizosetshenziswa nanamuhla?

“Ngubani Ngempela Oyinceku Ethembekileyo Neqondayo?”

Lesi sihloko sicacisa indlela esiqonda ngayo inceku ethembekileyo neqondayo. Cabanga ngendlela impilo yethu engokomoya exhomeke ngayo kulo mzila.

Ilungu Elisha LeNdikimba Ebusayo

Ngo-September 1, 2012, uMark Sanderson waqala ukukhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova.

INDABA YOKUPHILA

Sasikulangazelela Ukukhonza UJehova Noma Kuphi

Funda indlela umbhangqwana waseNetherlands owafunda ngayo ukwethembela ngokuphelele kuJehova naphezu kwezinselele nokushintshashintsha kwezimo.

“Saze Sasihle Isithombe!”

Izincwadi zethu zisebenzisa izithombe njengezinsiza kufundisa ezisenza sicabange futhi sithinteke. Ungazuza kanjani kulezi zithombe ezinhle?