PHAPHAMA! Febhuwari 2014 | Indlela Yokusebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha

Uma isikhathi sesidlulile, sidlulile. Hlola izindlela ezine eziye zasiza abaningi ukuba basebenzise isikhathi sabo ngokuhlakanipha ezintweni ezibaluleke kakhulu ekuphileni.

Ukubukwa Okwezwe

Izihloko zihlanganisa: ukwebiwa kwamazinyo endlovu eMalaysia, idumela lesonto e-Italy, izifo e-Afrika nokugembula kwezingane e-Australia.

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukusebenzelana Nemimoya

Abaningi bazama ukukhuluma nabantu abafileyo, kodwa uyini umbono weBhayibheli ngalokhu?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Indlela Yokusebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha

Enye indlela yokusebenzisa kahle isikhathi sakho iwukuba uhlolisise ukuphila kwakho ngezinhlangothi ezimbili. Yiziphi?

INGXOXO NOTHILE

Isazi Sesayensi Yamangqamuzana Sichaza Ngokholo Lwaso

Ukucwaninga kukadokotela uHans Kristian Kotlar ngamasosha omzimba kwamenza wazibuza ngemvelaphi yokuphila. Ukufunda kwakhe iBhayibheli kwayiphendula kanjani imibuzo ayenayo?

EZASENDULO

UConstantine

Thola ukuthi izenzo zikaConstantine kwezombangazwe nakwezenkolo zazichaphazela kanjani izinkolelo zamasonto amaningi anamuhla.

USIZO LOMNDENI

Lapho Indodakazi Yakho Esakhula Icindezelekile

Maningi amantombazanyana asakhula azizwa ekhungathekiswa izinguquko abhekana nazo. Abazali bangawasiza kanjani ukuze akwazi ukubhekana nokucindezeleka?

INGABE KWAKLANYWA?

Isitho Esikhanyisayo Semfinyezi

Lesi sinambuzane esincane sibathonye kanjani ososayensi ukuba bakhe ama-diode akhanya kakhudlwana, asetshenziswa ezintweni zobuchwepheshe?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ingabe Ukhathazeke Ngokweqile Ngendlela Obukeka Ngayo?

Uma ikukhathaza indlela umzimba wakho obukeka ngayo, ungaba kanjani nombono olinganiselayo ngawe?

Unjani Umngane Weqiniso?

Kulula ukuthola abangane mbumbulu, kodwa ungamthola kanjani umngane weqiniso?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?

Ingabe uphoqelelwa ukuba uthumele izithombe zobulili? Iyini imiphumela yokuthumelelana izithombe zobulili? Ingabe kumane kuwukudlala ngothando okungenabo ubungozi?

Intsha Ikhuluma Ngendlela Yokuphila Enempilo

Ingabe ukuthola kunzima ukudla ngendlela efanele nokuvivinya umzimba? Kule video intsha ikhuluma ngalokho ekwenzayo ukuze ihlale inempilo enhle.

UMose Ukhulela EGibhithe

Kungani unina kaMose amfaka emfuleni iNayile umntanakhe? Funda okwengeziwe ngaye, umndeni wakubo nangendodakazi kaFaro.